INumeri 6:1-27

INumeri 6:1-27 ZUL20

USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esilukhuni sokuba ngumnaziri, abe ngumnaziri kuSimakade, uyozehlukanisa newayini nophuzo olunamandla. Akayukuwuphuza uviniga wewayini, uviniga wophuzo olunamandla, akayukuphuza lutho lwezithelo zomvini, futhi akayukuwadla amagilebhisi asemasha noma omisiwe. Zonke izinsuku zakhe njengomnaziri, akayukudla lutho olwenziwe ngewayini lezithelo zomvini, kusukela ezimbumbulwini kuze kufike emakhasini. “ ‘Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobunaziri akuyukusondela nsingo ekhanda lakhe; uyoba ngcwele zize ziphelele izinsuku azehlukanisela ngazo kuSimakade, uyakuvumela ukuba nesihluthu ekhanda. Akayukusondela esidunjini ngazo zonke izinsuku esengumnaziri kaSimakade. Akayukuzingcolisa noma ngabe kufa uyise noma unina, noma umfowabo noma udadewabo, ngokuba isithembiso sakhe sobunaziri sisekhanda lakhe. Ungcwele kuSimakade, zonke izinsuku zobunaziri bakhe. “ ‘Uma umuntu efa ngokuzuma eceleni kwakhe, angcolise ikhanda lobunaziri bakhe, uyakuphuca ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe, aliphuce ngosuku lwesikhombisa. Ngosuku lwesishiyagalombili uyoletha kumphristi amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba ngasemnyango wethende lokuhlangana. Umphristi uyonikela ngelinye libe ngumnikelo wesono nelinye libe ngumnikelo wokushiswa, amenzele ukubuyisana, ngokuba wonile ngenxa yofileyo; angcwelise ikhanda lakhe ngalolo lusuku. Izinsuku zakhe zobunaziri uyakuzehlukanisela uSimakade, alethe imvu yeduna enonyaka, ibe ngumnikelo wecala. Izinsuku zakhe zakuqala ziyoba yize, ngokuba ubunaziri bakhe bungcolisiwe. “ ‘Nanku umthetho womnaziri lapho izinsuku zobunaziri bakhe seziphelele: uyakulethwa emnyango wethende lokuhlangana, anikele ngomnikelo wakhe kuSimakade, imvu yeduna enonyaka engenasici, ibe ngumnikelo wokushiswa. Anikele nangensikazi engenasici enonyaka, ibe ngumnikelo wesono, inqama engenasici ibe ngumnikelo wokuthula, iqoma lesinkwa esingenamvubelo, amaqebelengwane empuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, namakhekheba angenamvubelo agcotshwe ngamafutha, nomnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo. “ ‘Umphristi uyakukuletha phambi kukaSimakade, anikele ngomnikelo wakhe wesono nangowokushiswa. Uyonikela ngenqama ibe ngumhlatshelo womnikelo wokuthula kuSimakade neqoma lesinkwa esingenamvubelo. Umphristi uyobuye anikele ngomnikelo wayo wokusanhlamvu nangowokuphuzwayo. “ ‘Umnaziri uyophuca ikhanda lobunaziri bakhe ngasemnyango wethende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobunaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula. “ ‘Umphristi uyothatha umkhono wenqama ophekiweyo, neqebelengwane eqomeni, nekhekheba elingenamvubelo, akubeke ezandleni zomnaziri, ngesikhathi esephucule ubunaziri bakhe. Umphristi akuzungezise, kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade; lokhu kungcwele kumphristi nesifuba sokuzungeziswa nomlenze wokuzungeziswa. Emveni kwalokho umnaziri angaliphuza iwayini. “ ‘Lowo ngumthetho womnaziri owenze isithembiso, nowomnikelo wakhe kuSimakade ngenxa yobunaziri bakhe, ngaphandle kokunye angaphumelela kukho. Njengesithembiso sakhe asenzayo, uyokwenza kanjalo, kungumthetho wobunaziri.’ ” USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho ku-Aroni namadodana akhe, uthi kubo: ‘Niyakubabusisa abakwa-Israyeli, niyakuthi kubo: “ ‘USimakade makakubusise, akulondoloze; uSimakade makakhanyise ubuso bakhe kuwe, abe nomusa kuwe; uSimakade makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho, akuphe ukuthula.’ ” “Bayakulibeka kanjalo iGama lami phezu kwabakwa-Israyeli, Mina ngibabusise.”

Funda INumeri 6