UNumeri 5:11-31
UNumeri 5:11-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma umfazi womuntu ephambuka, angethembeki kuye, alale nenye indoda, immithise, kufihleke endodeni yakhe, futhi angabanjwa, uzingcolisile, noma ngabe akukho fakazi nokho ngaye, futhi engabanjwanga egila lo mkhuba. Uma indoda yakhe iba nesikhwele ngomkayo ozingcolisile, noma ifikelwe yisikhwele ngomkayo ongazingcolisanga, indoda iyakuletha umkayo kumphristi, imlethele umnikelo wakhe, ube okweshumi kwe-efa lempuphu yebhali, ayiyukuthela amafutha kuyo, noma ibeke nenhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wokusanhlamvu wesikhwele, umnikelo wokusanhlamvu wesikhumbuzo, wokuzikhumbuza ngobubi. “ ‘Umphristi uyakumsondeza, ammise phambi kukaSimakade. Umphristi uyothatha amanzi angcwele esitsheni sebumba, nothuli oluphansi ethabanakelini. Uyakuluthatha alufake emanzini, umphristi uyommisa owesifazane phambi kukaSimakade, athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, abeke umnikelo wokusanhlamvu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, umnikelo wokusanhlamvu wesikhwele; kuthi esandleni somphristi kube namanzi ababayo aletha isiqalekiso. Umphristi uyomfungisa owesifazane, athi: “Uma kungekho ndoda elale nawe, uma ungaphambukelanga ekungcoleni usephansi kwendoda yakho, khululeka kulawa manzi ababayo aletha isiqalekiso, kodwa uma uphambukile usephansi kwendoda yakho, futhi uzingcolisile, walala nenye indoda engesiye umyeni wakho,” umphristi uyomfungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso, athi: “USimakade makakwenze isiqalekiso nesifungo sesiqalekiso kwabakini; uSimakade ashwabanise ithanga lakho, avuvukalise nesisu sakho; lawa manzi aletha isiqalekiso, ayongena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho;” owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!” “ ‘Umphristi uyozibhala lezi ziqalekiso encwadini, azesule ngamanzi ababayo. Uyomphuzisa owesifazane amanzi ababayo aletha isiqalekiso. Uyowaphuza amanzi ababayo angene kuye amlethele isiqalekiso sezinto ezibabayo. Umphristi uyowuthatha esandleni sowesifazane umnikelo wokusanhlamvu wesikhwele, awuzungezise umnikelo wokusanhlamvu phambi kukaSimakade, awusondeze e-althare. Umphristi uyowucaphuna ugcwale isandla umnikelo wokusanhlamvu, ube umnikelo oyisikhumbuzo, awushise e-althare andukuba aphuzise owesifazane amanzi. Uma esemphuzisile amanzi, kuyakuthi uma ezingcolisile wenza ukungethembeki kumyeni wakhe, amanzi aletha isiqalekiso ayongena kuye, alethe isiqalekiso esibi, avuvukalise isisu sakhe, ashwabanise ithanga lakhe, owesifazane abe yisiqalekiso phakathi kwabakubo. Kodwa uma engazingcolisanga, ehlambulukile, uyakukhululeka, akhulelwe, athole abantwana. “ ‘Yilona umthetho wesikhwele, uma umfazi ephambukile esephansi kwendoda yakhe, wazingcolisa, nalapho indoda ivukwa yisikhwele, iba nesikhwele ngomkayo: iyommisa owesifazane phambi kukaSimakade, umphristi enze kuye konke okubalulwa yilo mthetho. Indoda iyakukhululeka ebubini, kodwa owesifazane uyobuthwala ububi bakhe.’ ”
UNumeri 5:11-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma umfazi womuntu eduka, aphambuke kuye, alale nenye indoda kusithekile emehlweni endoda yakhe, kufihlwe, angcoliswe, kungekho fakazi nokho ngaye, futhi engabanjwanga, afikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe, yena engcolisiwe, noma efikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe kodwa yena engangcoliswanga, indoda iyakuletha umkayo kumpristi, imlethele umnikelo wakhe, ube ngokweshumi kwe-efa* lempuphu yebhali,* angatheli mafutha kuyo, angabeki nanhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wempuphu wesikhwele, umnikelo wempuphu wesikhumbuzo sokukhumbuza ngobubi. “ ‘Umpristi uyakumsondeza, ambeke phambi kukaJehova, umpristi athathe amanzi angcwele esitsheni sebumba, athathe kulo uthuli oluphansi etabernakele,* alufake emanzini, umpristi ambeke owesifazane phambi kukaJehova, athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, afake umnikelo wempuphu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, ongumnikelo wempuphu wesikhwele; umpristi abe namanzi ababayo esandleni sakhe aveza isiqalekiso. Umpristi amfungise, athi kowesifazane: “Uma kungalalanga ndoda nawe, ungadukelanga ekungcoleni usephansi kwendoda yakho, mawukhululeke kulawa manzi ababayo aveza isiqalekiso; kepha uma udukile usephansi kwendoda yakho, futhi ungcolisiwe, kulale nawe enye indoda ngaphandle kwendoda yakho,” umpristi uyakufungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso, umpristi athi kowesifazane: “UJehova makakwenze isiqalekiso nesifungo phakathi kwabantu bakini, lapho uJehova eshwabanisa ithanga lakho, avuvukalise isisu sakho. Lawa manzi aveza isiqalekiso ayakungena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho.” “ ‘Owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!” “ ‘Umpristi uyakubala lezi ziqalekiso encwadini, azesule ngamanzi ababayo, aphuzise owesifazane amanzi ababayo aveza isiqalekiso; amanzi aveza isiqalekiso ayakungena kuye, ababe. Umpristi uyakuthatha umnikelo wempuphu wesikhwele esandleni sowesifazane, azulise umnikelo wempuphu phambi kukaJehova, awulethe e-altare; umpristi uyakucaphuna ukhweshe womnikelo wempuphu, ube yisikhumbuzo sawo, awushise e-altare, andukuba amphuzise owesifazane amanzi. Nxa esemphuzisile amanzi, kuyakuthi uma engcolisiwe waphambuka endodeni yakhe, amanzi aveza isiqalekiso angene kuye, ababe, isisu sakhe sivuvukale, ithanga lakhe lishwabane, owesifazane aqalekiswe phakathi kwabantu bakubo. Kepha uma owesifazane engangcolisiwe kodwa ehlambulukile, uyakukhululeka, athole inzalo. “ ‘Lowo ungumthetho wesikhwele, lapho umfazi esephansi kwendoda yakhe eduka, angcoliswe, noma lapho indoda ifikelwa ngumoya wesikhwele, ibe nesikhwele ngomkayo; khona iyakumbeka owesifazane phambi kukaJehova, umpristi agcine wonke lo mthetho kuye. Indoda iyakukhululeka ebubini, kepha owesifazane uyakubuthwala ububi bakhe.’ ”
UNumeri 5:11-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Khuluma kubantwana bakoIsrayeli uthi kubo: Uba umkamuntu ephuma enze isono kuye, Futhi indoda yalala naye, futhi kufihliwe emehlweni endoda yakhe futhi kugcinwe eduze, futhi ungcolile, kungekho fakazi ngokumelene naye, futhi akathathwanga ngokulunga; Umoya wesikhwele wamfikela, waba nesikhwele ngomkakhe, wangcola; noma uma umoya wesikhwele umfikela, abe nesikhwele ngomkayo, kepha yena angangcoliswa; Khona-ke indoda kumelwe ilethe umkayo kumpristi, futhi kumelwe ilethe umnikelo wakhe, okweshumi kwe-efa likafulawa webhali; akayikuthela amafutha kuwo, angafaki nampepho phezu kwawo; ngoba kungumhlatshelo wokutshiseka, umnikelo wesikhumbuzo okhumbuza ububi. Umpristi kumelwe amsondeze ammise phambi kukaJehova. Umpristi kumelwe athathe amanzi angcwele embizeni yobumba; umpristi athabathe othulini oluphansi kwetabernakele, aluphonse emanzini. Umpristi kumelwe ambeke owesifazane phambi kukaJehova, embule ikhanda lowesifazane, abeke umnikelo wesikhumbuzo womhawu esandleni sakhe, futhi umpristi abe namanzi ababayo esiqalekiso esandleni sakhe. Umpristi amfungise ngesifungo, athi kowesifazane: ‘Uma kungekho muntu olale nawe, futhi uma ungangcoliswanga ngomunye esikhundleni sendoda yakho, khululeka kulawa manzi ababayo ayisiqalekiso; Kodwa uma uye kwenye indawo yendoda yakho, futhi uma uzingcolisile, futhi othile ulala nawe eceleni kwendoda yakho; Khona-ke umpristi kumelwe afungise owesifazane ngesifungo sesiqalekiso, futhi umpristi kumelwe athi kowesifazane: “UJehova uyokwenza isiqalekiso nesifungo phakathi kwabantu bakini, uma uJehova evusa inqulu yakho nesisu sakho. Lawa manzi esiqalekiso ayakungena ezibilinini zakho, avuvukalise isisu sakho, abolise okhalweni lwakho. Futhi owesifazane kumelwe athi: Amen, amen. Umpristi kumelwe azilobe encwadini lezi ziqalekiso, futhi kumelwe azesule ngamanzi ababayo. Kumelwe aphuzise owesifazane amanzi ababayo esiqalekiso, futhi amanzi abangela isiqalekiso ayongena kuye abe ababa. Umpristi uyakuthabatha umnikelo esandleni sowesifazane, awusondeze umhlatshelo phambi kukaJehova, awulungise e-altare. Umpristi kumelwe agcwalise isandla somnikelo, umnikelo wawo wesikhumbuzo, awuthungele ngomlilo e-altare, ngemva kwalokho aphuzise owesifazane la manzi. Uma emphuzise la manzi, kuyakuthi, uma engcolisiwe, umyeni wakhe ephinga, amanzi esiqalekiso ayakungena kuye, abe ababa, isisu sakhe sivuvukele, abole inyonga yakhe; owesifazane uyakuba yisiqalekiso phakathi kwabantu bakubo. Futhi uma owesifazane engangcolile, kodwa ehlanzekile; khona-ke uzokhululeka futhi akhulelwe. Lona ngumthetho wesikhwele lapho owesifazane engena esikhundleni somyeni wakhe, angcoliswe; Noma uma kufika kuye umoya wesikhwele, abe nesikhwele ngomkayo, amlethe owesifazane phambi kukaJehova, umpristi enze kuye wonke lo mthetho; Khona-ke indoda iyakuba msulwa ebubini, futhi lona wesifazane uyothwala ububi bakhe.