INumeri 5:11-31

INumeri 5:11-31 ZUL20

USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma umfazi womuntu ephambuka, angethembeki kuye, alale nenye indoda, immithise, kufihleke endodeni yakhe, futhi angabanjwa, uzingcolisile, noma ngabe akukho fakazi nokho ngaye, futhi engabanjwanga egila lo mkhuba. Uma indoda yakhe iba nesikhwele ngomkayo ozingcolisile, noma ifikelwe yisikhwele ngomkayo ongazingcolisanga, indoda iyakuletha umkayo kumphristi, imlethele umnikelo wakhe, ube okweshumi kwe-efa lempuphu yebhali, ayiyukuthela amafutha kuyo, noma ibeke nenhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wokusanhlamvu wesikhwele, umnikelo wokusanhlamvu wesikhumbuzo, wokuzikhumbuza ngobubi. “ ‘Umphristi uyakumsondeza, ammise phambi kukaSimakade. Umphristi uyothatha amanzi angcwele esitsheni sebumba, nothuli oluphansi ethabanakelini. Uyakuluthatha alufake emanzini, umphristi uyommisa owesifazane phambi kukaSimakade, athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, abeke umnikelo wokusanhlamvu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, umnikelo wokusanhlamvu wesikhwele; kuthi esandleni somphristi kube namanzi ababayo aletha isiqalekiso. Umphristi uyomfungisa owesifazane, athi: “Uma kungekho ndoda elale nawe, uma ungaphambukelanga ekungcoleni usephansi kwendoda yakho, khululeka kulawa manzi ababayo aletha isiqalekiso, kodwa uma uphambukile usephansi kwendoda yakho, futhi uzingcolisile, walala nenye indoda engesiye umyeni wakho,” umphristi uyomfungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso, athi: “USimakade makakwenze isiqalekiso nesifungo sesiqalekiso kwabakini; uSimakade ashwabanise ithanga lakho, avuvukalise nesisu sakho; lawa manzi aletha isiqalekiso, ayongena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho;” owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!” “ ‘Umphristi uyozibhala lezi ziqalekiso encwadini, azesule ngamanzi ababayo. Uyomphuzisa owesifazane amanzi ababayo aletha isiqalekiso. Uyowaphuza amanzi ababayo angene kuye amlethele isiqalekiso sezinto ezibabayo. Umphristi uyowuthatha esandleni sowesifazane umnikelo wokusanhlamvu wesikhwele, awuzungezise umnikelo wokusanhlamvu phambi kukaSimakade, awusondeze e-althare. Umphristi uyowucaphuna ugcwale isandla umnikelo wokusanhlamvu, ube umnikelo oyisikhumbuzo, awushise e-althare andukuba aphuzise owesifazane amanzi. Uma esemphuzisile amanzi, kuyakuthi uma ezingcolisile wenza ukungethembeki kumyeni wakhe, amanzi aletha isiqalekiso ayongena kuye, alethe isiqalekiso esibi, avuvukalise isisu sakhe, ashwabanise ithanga lakhe, owesifazane abe yisiqalekiso phakathi kwabakubo. Kodwa uma engazingcolisanga, ehlambulukile, uyakukhululeka, akhulelwe, athole abantwana. “ ‘Yilona umthetho wesikhwele, uma umfazi ephambukile esephansi kwendoda yakhe, wazingcolisa, nalapho indoda ivukwa yisikhwele, iba nesikhwele ngomkayo: iyommisa owesifazane phambi kukaSimakade, umphristi enze kuye konke okubalulwa yilo mthetho. Indoda iyakukhululeka ebubini, kodwa owesifazane uyobuthwala ububi bakhe.’ ”

Funda INumeri 5