UNumeri 3:12-13
UNumeri 3:12-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Mina ngibakhiphile abaLevi phakathi kwabantu bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo wonke avula isibeletho kubantu bakwa-Israyeli; abaLevi bayokuba ngabami. Ngokuba wonke amazibulo angawami. Kusukela ngosuku engabulala ngalo wonke amazibulo eGibhithe, ngazehlukanisela wonke amazibulo akwa-Israyeli ukuba abe ngawami; kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ayokuba ngawami; nginguSimakade.”
UNumeri 3:12-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Mina ngikhiphile amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakuba ngawami. Ngokuba onke amazibulo angawami; ngalolo suku engabulala ngalo onke amazibulo ezweni laseGibithe ngazingcwelisela amazibulo onke kwa-Israyeli, awabantu nawezilwane; ayakuba ngawami; nginguJehova.”
UNumeri 3:12-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Mina-ke, bheka, ngawathatha amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; ngalokho amaLevi ayakuba ngawami; Ngoba wonke amazibulo angawami; ngokuba mhla ngibulala amazibulo onke ezweni laseGibithe, ngazingcwelisela kimi onke amazibulo akwa-Israyeli, abantu nawezilwane; bayakuba ngabami; nginguJehova.