UNumeri 16:1-40

UNumeri 16:1-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UKora kaJisihari kaKohati kaLevi, kanye noDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe, no-Oni indodana kaPheleti, amadodana kaRubeni, bathatha amadoda, bamvukela uMose benabathile babantwana bakwa-Israyeli, abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, izikhulu zenhlangano, amanxusa ebandla, amadoda adumileyo; babahlanganyela oMose no-Aroni, bathi kubo: “Sekwanele okwenu, lokhu inhlangano yonke ingcwele, bonke bayo, noJehova ekubo; niziphakamiselani, pho, phezu kwebandla likaJehova na?” UMose esekuzwile wawa ngobuso bakhe; wakhuluma kuKora nakulo iviyo lakhe, wathi: “Kusasa uJehova uyakwazisa ukuthi ngubani ongowakhe nokuthi ngubani ongcwele, amsondeze kuye; lowo ayakumkhetha uyakumsondeza kuye. Yenzani lokhu: zithabatheleni imicengezi yomlilo, wena Kora neviyo lakho lonke, nifake kuyo umlilo, nibeke impepho kuyo phambi kukaJehova kusasa; kuyakuthi umuntu amkhethayo uJehova, abengcwele; sekwanele okwenu, madodana kaLevi.” UMose wathi kuKora: “Ake nizwe, madodana kaLevi: kuyinto encane yini kini ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli unahlukanisile nenhlangano ka-Israyeli, wanisondeza kuye ukwenza inkonzo yetabernakele* likaJehova nokuma phambi kwenhlangano ukuyikhonza, nokuthi ukusondezile wena, nabafowenu bonke, amadodana kaLevi, kanye nawe na? Senifisa nobupristi futhi na? Ngalokho wena nalo lonke iviyo lakho nimhlanganyele uJehova; no-Aroni uyini yena ukuba nikhonone ngaye na?” UMose wathuma wabiza oDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe; bathi: “Asiyikukhuphuka; kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elivame ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane; usuyazenza nesikhulu phezu kwethu na? Futhi awusingenisanga ezweni elivame ubisi nezinyosi, awusinikanga ifa lamasimu nelezivini; uyakubhoboza amehlo alaba bantu na? Asiyikukhuphuka.” UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuJehova: “Unganaki umnikelo wabo; angithathanga nayinye imbongolo kubo, futhi angilimazanga namunye kubo.” UMose wayesethi kuKora: “Wena yiba nayo yonke inhlangano yakho phambi kukaJehova kusasa, wena, nabo, no-Aroni; thabathani, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo, nibeke impepho kuyo, nilethe phambi kukaJehova kube yilowo nalowo umcengezi wakhe, imicengezi yomlilo engamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nawe futhi no-Aroni, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe.” Base bethatha, kwaba yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo, bafaka kuyo umlilo, babeka impepho ngaphezulu, bema ngasemnyango wetende lokuhlangana kanye noMose no-Aroni. UKora wahlanganisela kubo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana; inkazimulo kaJehova yabonakala kuyo yonke inhlangano. UJehova wayesekhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: “Zahlukaniseni nale nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.” Bawa ngobuso babo, bathi: “Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?” UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kuyo inhlangano, uthi: ‘Khuphukani ngasekamu* likaKora nelikaDathani nelika-Abiramu.’ ” UMose wavuka waya kuDathani naku-Abiramu; amalunga akwa-Israyeli amlandela. Wayesekhuluma kuyo inhlangano, wathi: “Ake nisuke ematendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olwabo, funa niqedwe ngezono zabo zonke.” Base bekhuphuka ekamu* likaKora nelikaDathani nelika Abiramu nxazonke; oDathani no-Abiramu baphuma, bema ngasemnyango wamatende abo kanye nawomkabo, namadodana abo, nezingane zabo. UMose wathi: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uJehova ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, ngokuba angiyenzanga ngowami umqondo. Uma laba bantu befa ngokufa kwabantu bonke, noma behlelwa ngokwehlela abantu bonke, uJehova uyakube kangithumanga. Kepha uma uJehova edala into entsha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye kanye nakho konke okwabo, bashone besezwa endaweni yabafileyo, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamdelele uJehova.” Kwathi eseqedile onke lawo mazwi, umhlaba ophansi kwabo waqhekezeka; umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo, nabantu bonke bakaKora, nempahla yabo yonke. Bona bashona besezwa nakho konke okwabo endaweni yabafileyo; umhlaba wabagqiba, baqothulwa ebandleni. Bonke abakwa-Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo, ngokuba bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi.” Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho ku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi ukuba akhiphe imicengezi yomlilo ekusheni, wena uwuhlakaze umlilo laphaya, ngokuba ingcwele, imicengezi yalaba boni abone imiphefumulo yabo ibe ngongcwecwe abakhandiweyo abayakulimboza i-altare, ngokuba banikela ngayo phambi kukaJehova; ngalokho ingcwele; iyakuba luphawu kubantwana bakwa-Israyeli.” U-Eleyazare umpristi wayithatha imicengezi yethusi abanikele ngayo abashileyo; babakhanda baba yisimbozo se-altare, ibe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka-Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova, angabi njengoKora neviyo lakhe, njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.

UNumeri 16:1-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UKora, indodana kaJisihari, indodana kaKohati, indodana kaLevi, noDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe, no-Oni, indodana kaPheleti, amadodana kaRubeni, bathatha amadoda. Bema phambi kukaMose kanye nabanye babantwana bakwa-Israyeli, izikhulu zebandla ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, abantu abadumileyo ebandleni; Babuthana ngokumelene noMose no-Aroni, bathi kubo: “Zithatheleni nina, lokhu inhlangano yonke ingcwele, yilowo nalowo kubo, noJehova uphakathi kwabo; ngalokho niziphakamisa phezu kwebandla leNkosi na? Lapho uMose ekuzwa lokho, wawa ngobuso bakhe. Wakhuluma kuKora nakuso sonke isixuku sakhe, wathi: “Kusasa uJehova uyakwenza kwaziwe ukuthi ngubani ongowakhe nokuthi ngubani ongcwele; futhi makasondele kuye; futhi lowo amkhethileyo uyomenza ukuba asondele kuye. Kwenzeni; Zithatheleni imicengezi yomlilo, wena Kora nesixuku sakhe sonke; Uthele umlilo kulo, uthele impepho kuyo phambi kukaJehova, futhi umuntu uJehova amkhethayo uyakuba ngcwele; nithatha kakhulu, madodana kaLevi. UMozisi wasesithi kuKora: Lalelani, madodana kaLevi! Kuncane yini kini ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli unahlukanisile nenhlangano yakwa-Israyeli ukuba anisondeze kuye ukuze nisebenze inkonzo yetabernakele likaJehova nokuma phambi kwebandla ukuze nikhonze? Wakusondeza wena nabo bonke abafowenu, amadodana kaLevi, kanye nawe; futhi nifuna futhi ubupristi? Kungani wena nesixuku sakho sonke nibuthanele uJehova, u-Aroni uyini ukuba nikhonone ngaye na? UMose wathuma wabiza oDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe; bathi: “Asiyikukhuphuka.” Kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elichichima ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane, uma ungazenzi ngokuphelele isikhulu phezu kwethu na? Futhi, awusingenisanga ezweni elichichima ubisi nezinyosi, futhi awusinikanga ifa lamasimu nelezivini; nizokhipha amehlo alaba bantu na? ngeke sikhuphuke. UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuJehova: “Ungawunaki umhlatshelo wabo; Wayesethi uMose kuKora: “Kusasa wena nesixuku sakho sonke nibe phambi kukaJehova, wena nabo no-Aroni. Bathathe, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe, bathele impepho kuwo, balethe phambi kukaJehova, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe, imicengezi yomlilo engamakhulu amabili namashumi ayisihlanu; nawe no-Aroni, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe. Bathatha, kwaba yilowo nalowo umcengezi wakhe, bafaka umlilo kuwo, babeka impepho phezu kwayo, bema noMose no-Aroni emnyango wetende lokuhlangana. UKora wabutha ibandla lonke ngokumelene nabo ngasemnyango wetende lokuhlangana, futhi inkazimulo yeNkosi yabonakala kuyo yonke inhlangano. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: Zahlukaniseni naleli bandla, ukuze ngibaqede ngokuphazima kweso. Bawa ngobuso babo, bathi: “O Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu oyedwa, uthukuthelele lonke ibandla na?” UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Khuluma kuyo inhlangano, uthi: Sukani nxazonke zetabernakele likaKora, noDathani, no-Abiramu. UMose wayesesuka, waya kuDathani no-Abiramu; amalunga akwa-Israyeli amlandela. Wakhuluma ebandleni, wathi: “Sukani ematendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho lwabo, funa nibhubhe ezonweni zabo zonke.” Base benyuka besuka etendeni likaKora, noDathani no-Abiramu nxazonke, oDathani no-Abiramu baphuma bema ngasemnyango wamatende abo, nawomkabo, namadodana abo, nabantwana babo. UMose wathi: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uJehova ungithumile ukwenza yonke le misebenzi; ngoba kangikwenzanga ngokwami. Uma laba bantu befa ngokufa kwabantu bonke, noma behlelwa ngokwehlela abantu bonke; uJehova kangithumanga. Kepha uma uJehova enza okusha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye kanye nakho konke okwabo, behlele egodini bephila; khona nizakuqonda ukuthi lamadoda aklolodela iNkosi. Lapho eseqedile ukukhuluma wonke lawa mazwi, umhlabathi owawungaphansi kwabo waqhekezeka. Umhlaba wawuvula umlomo wawo, wabagwinya, bona nezindlu zabo, nabo bonke abantu bakaKora, nayo yonke impahla yabo. Bona kanye nakho konke okwabo behlela egodini bephila, umhlaba wabavala, futhi babhubha phakathi kwebandla. Bonke abakwa-Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo, ngokuba bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi.” Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Yisho ku-Eleyazare, indodana ka-Aroni, umpristi, ukuba athabathe imicengezi yomlilo emlilweni, awuhlakaze khona umlilo; ngoba bangcwelisiwe. Izicengezi zomlilo zalezi zoni mazizenzele izingcwecwe eziyisibekela i-altare; ngokuba banikela ngayo phambi kweNkosi, ngakho-ke bangcwelisiwe; kuyakuba yisibonakaliso kubantwana bakwa-Israyeli. U-Eleyazare umpristi wathatha imicengezi yethusi yokushiswa kwabashisiweyo; kwenziwa izingcwecwe ezibanzi zokusibekela i-altare. Kube yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuba kungasondeli owezizwe ongesiye owenzalo ka-Aroni ukunikela impepho phambi kukaJehova; ukuze angabi njengoKora nanjengesixuku sakhe, njengalokho uJehova eshilo kuye ngesandla sikaMose.

UNumeri 16:1-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UKhora, indodana kaJizihari, kaKhohathi kaLevi, ekanye namadodana amabili kaRubeni, uDathani no-Abhiramu, ababezalwa ngu-Eliyabe no-Oni ozalwa nguPhelethi baqoqa amadoda, bamvukela uMose benamadoda akwa-Israyeli angama-250, angabaholi benhlangano, angamanxusa ebandla, amadoda adumileyo. Bahlanganyela uMose no-Aroni, bathi kubo: “Sekwanele, yonke inhlangano ingcwele, futhi uSimakade uphakathi kwayo; niziphakamiselani phezu kwenhlangano kaSimakade na?” Wathi ukuba uMose akuzwe lokhu wathi mbo ngobuso emhlabathini. Wathi kuKhora neviyo lakhe: “Kusasa ekuseni uSimakade uzonazisa ukuthi ngubani ongowakhe, nongcwele, bese emsondeza kuye lowo akhetha ukumsondeza. Yenzani lokhu: zithatheleni izitsha zempepho, wena Khora neviyo lakho lonke, nifake kuzo amalahle avuthayo, nifake impepho kuzo kusasa phambi kukaSimakade. Kuyothi lowo uSimakade amkhethayo abe ngcwele. Kade nikwenza lokhu madodana kaLevi, kodwa namuhla nifike ekugcineni!” UMose wathi kuKhora: “Ake nilalele nina bozalo lukaLevi: akwanele yini kini ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli unehlukanisile enhlanganweni yakwa-Israyeli, ukuba nisondele kuye ukuze nenze inkonzo yethabanakeli likaSimakade nokuba nime phambi kwenhlangano, nibe yizisebenzi zayo, futhi ukusondezile wena nabafowenu bonke, bozalo lukaLevi kanye nawe, manje senifisa nobuphristi na? Ngakho-ke wena nalo lonke iviyo lakho nihlanganele ukuzomelana noSimakade. Ubeyini u-Aroni ukuba ningaze nikhononde ngaye na?” UMose wathumela wabiza uDathani no-Abhiramu, amadodana ka-Eliyabe, kodwa bathi: “Ngeke sikhuphuke. Kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elichichima ubisi noju ukuba sizofela lapha ehlane; usuzozenza umbusi phezu kwethu na? Futhi awusingenisile ezweni elichichima ubisi noju, awukasiniki ifa lethu lamasimu nezivini; usuzama ukukhohlisa laba bantu na? Ngeke neze sikhuphuke.” UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuSimakade: “Ungawunaki neze umnikelo wabo; angithathanga nayinye imbongolo yabo, futhi angilimazanga namunye kubo.” UMose wathi kuKhora: “Wena neviyo lakho lonke wozani kusasa, nime phambi kukaSimakade, wena, neviyo lakho no-Aroni. Makube yilowo nalowo athathe isitsha sakhe sempepho, afake kuso impepho asilethe kuSimakade; izitsha zempepho ezingama-250, nawe kanjalo no-Aroni, izitsha zenu zempepho.” Bathatha yilowo nalowo isitsha sakhe sempepho bafaka kuzo amalahle base befaka nempepho. UMose no-Aroni bama ngasemnyango wethende lokuhlangana. UKhora wayeseqoqa yonke inhlangano, base bema ngasemnyango wethende lokuhlangana. Inkazimulo kaSimakade yabonakala kuyo yonke inhlangano. USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: “Zehlukaniseni kule nhlangano ukuze ngiyiqothule ngokuphazima kweso.” UMose no-Aroni bawa bathi mbo ngobuso phansi, bathi: “Nkulunkulu! Nkulunkulu! Mthombo wokuphila konke, usuzothukuthelela yonke inhlangano ngenxa yesono somuntu oyedwa nje?” USimakade wathi kuMose: “Khuluma enhlanganweni, uthi kuyo: ‘Khuphukani, niqhele ngasemathendeni oKhora noDathani no-Abhiramu.’ ” UMose wasukuma waya kuDathani naku-Abhiramu; amalunga akwa-Israyeli amlandela. Wakhuluma nenhlangano, wathi: “Ngiyaninxusa; dedani emathendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olungolwabo, funa nibhujiswe ngezono zabo zonke.” Base bekhuphuka ngasemathendeni oKhora noDathani no-Abhiramu. ODathani no-Abhiramu nomkabo namadodana nezingane zabo, baphuma bama ngasemnyango wamathende abo. UMose wathi: “Ngalokhu niyokwazi ukuthi uSimakade ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, angiyenzanga ngokwentando yami. Uma laba bantu befa ngokufa okwejwayelekile, noma behlelwa ngokwehlela abantu bonke, uSimakade uyobe kangithumanga. Kodwa uma uSimakade enza into entsha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye nakho konke okwabo, baye kwalasha bephila, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamedelelile uSimakade.” Wathi eqeda nje ukukhuluma wonke lawa mazwi, umhlaba waqhekezeka ngaphansi kwabo. Umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo; nabo bonke abantu bakaKhora nempahla yabo yonke. Baya kwalasha bezwa, nakho konke okungokwabo. Umhlaba wabagubuzela; bafa kanjalo phambi kwebandla. Bonke abakwa-Israyeli ababelapho, bezwa ukukhala kwabo, bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi!” Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho. USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho ku-Eleyazare, indodana ka-Aroni umphristi, ukuba akhiphe izitsha zempepho emlilweni, awuhlakaze, ngokuba ungcwele. Izitsha zempepho zalezi zoni sezingcwele ngenxa yomvuzo wempilo yazo nangokuba zaziletha kuSimakade. Zicangcathe zibe yizingcwecwe zokwemboza i-althare, zibe wuphawu futhi kubantu bakwa-Israyeli.” U-Eleyazare, umphristi, wazithatha izitsha zempepho zethusi ababenikele ngazo labo abashayo. Wazicangcatha zaba yisembozo se-althare, zaba yisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli, ukuze kungabi bikho mfokazi ongesiye owozalo luka-Aroni oyakulokotha asondele ashise impepho phambi kukaSimakade; ukuze angabi njengoKhora neviyo lakhe, njengalokhu uSimakade akhuluma kuye ngoMose.