INumeri 16

16
UKhora, UDathani No-Abhiramu Bavukela UMose
1 UKhora, indodana kaJizihari, kaKhohathi kaLevi, ekanye namadodana amabili kaRubeni, uDathani no-Abhiramu, ababezalwa ngu-Eliyabe no-Oni ozalwa nguPhelethi baqoqa amadoda, 2 bamvukela uMose benamadoda akwa-Israyeli angama-250, angabaholi benhlangano, angamanxusa ebandla, amadoda adumileyo. 3 Bahlanganyela uMose no-Aroni, bathi kubo: “Sekwanele, yonke inhlangano ingcwele, futhi uSimakade uphakathi kwayo; niziphakamiselani phezu kwenhlangano kaSimakade na?”
4 Wathi ukuba uMose akuzwe lokhu wathi mbo ngobuso emhlabathini. 5 Wathi kuKhora neviyo lakhe: “Kusasa ekuseni uSimakade uzonazisa ukuthi ngubani ongowakhe, nongcwele, bese emsondeza kuye lowo akhetha ukumsondeza. 6Yenzani lokhu: zithatheleni izitsha zempepho, wena Khora neviyo lakho lonke, 7 nifake kuzo amalahle avuthayo, nifake impepho kuzo kusasa phambi kukaSimakade. Kuyothi lowo uSimakade amkhethayo abe ngcwele. Kade nikwenza lokhu madodana kaLevi, kodwa namuhla nifike ekugcineni!”
8UMose wathi kuKhora: “Ake nilalele nina bozalo lukaLevi: 9 akwanele yini kini ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli unehlukanisile enhlanganweni yakwa-Israyeli, ukuba nisondele kuye ukuze nenze inkonzo yethabanakeli likaSimakade nokuba nime phambi kwenhlangano, nibe yizisebenzi zayo, 10 futhi ukusondezile wena nabafowenu bonke, bozalo lukaLevi kanye nawe, manje senifisa nobuphristi na? 11 Ngakho-ke wena nalo lonke iviyo lakho nihlanganele ukuzomelana noSimakade. Ubeyini u-Aroni ukuba ningaze nikhononde ngaye na?”
12UMose wathumela wabiza uDathani no-Abhiramu, amadodana ka-Eliyabe, kodwa bathi: “Ngeke sikhuphuke. 13 Kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elichichima ubisi noju ukuba sizofela lapha ehlane; usuzozenza umbusi phezu kwethu na? 14Futhi awusingenisile ezweni elichichima ubisi noju, awukasiniki ifa lethu lamasimu nezivini; usuzama ukukhohlisa laba bantu na? Ngeke neze sikhuphuke.”
15 UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuSimakade: “Ungawunaki neze umnikelo wabo; angithathanga nayinye imbongolo yabo, futhi angilimazanga namunye kubo.”
16UMose wathi kuKhora: “Wena neviyo lakho lonke wozani kusasa, nime phambi kukaSimakade, wena, neviyo lakho no-Aroni. 17Makube yilowo nalowo athathe isitsha sakhe sempepho, afake kuso impepho asilethe kuSimakade; izitsha zempepho ezingama-250, nawe kanjalo no-Aroni, izitsha zenu zempepho.”
18Bathatha yilowo nalowo isitsha sakhe sempepho bafaka kuzo amalahle base befaka nempepho. UMose no-Aroni bama ngasemnyango wethende lokuhlangana. 19 UKhora wayeseqoqa yonke inhlangano, base bema ngasemnyango wethende lokuhlangana. Inkazimulo kaSimakade yabonakala kuyo yonke inhlangano.
20USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: 21 “Zehlukaniseni kule nhlangano ukuze ngiyiqothule ngokuphazima kweso.”
22 UMose no-Aroni bawa bathi mbo ngobuso phansi, bathi: “Nkulunkulu! Nkulunkulu! Mthombo wokuphila konke, usuzothukuthelela yonke inhlangano ngenxa yesono somuntu oyedwa nje?”
23USimakade wathi kuMose: 24“Khuluma enhlanganweni, uthi kuyo: ‘Khuphukani, niqhele ngasemathendeni oKhora noDathani no-Abhiramu.’ ”
25UMose wasukuma waya kuDathani naku-Abhiramu; amalunga akwa-Israyeli amlandela. 26 Wakhuluma nenhlangano, wathi: “Ngiyaninxusa; dedani emathendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olungolwabo, funa nibhujiswe ngezono zabo zonke.”
27 Base bekhuphuka ngasemathendeni oKhora noDathani no-Abhiramu. ODathani no-Abhiramu nomkabo namadodana nezingane zabo, baphuma bama ngasemnyango wamathende abo.
28 UMose wathi: “Ngalokhu niyokwazi ukuthi uSimakade ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, angiyenzanga ngokwentando yami. 29Uma laba bantu befa ngokufa okwejwayelekile, noma behlelwa ngokwehlela abantu bonke, uSimakade uyobe kangithumanga. 30Kodwa uma uSimakade enza into entsha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye nakho konke okwabo, baye kwalasha bephila, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamedelelile uSimakade.”
31Wathi eqeda nje ukukhuluma wonke lawa mazwi, umhlaba waqhekezeka ngaphansi kwabo. 32Umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo; nabo bonke abantu bakaKhora nempahla yabo yonke. 33 Baya kwalasha bezwa, nakho konke okungokwabo. Umhlaba wabagubuzela; bafa kanjalo phambi kwebandla. 34Bonke abakwa-Israyeli ababelapho, bezwa ukukhala kwabo, bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi!”
35 Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho.
Izitsha Zempepho Zethusi
36USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 37“Yisho ku-Eleyazare, indodana ka-Aroni umphristi, ukuba akhiphe izitsha zempepho emlilweni, awuhlakaze, ngokuba ungcwele. 38Izitsha zempepho zalezi zoni sezingcwele ngenxa yomvuzo wempilo yazo nangokuba zaziletha kuSimakade. Zicangcathe zibe yizingcwecwe zokwemboza i-althare, zibe wuphawu futhi kubantu bakwa-Israyeli.”
39U-Eleyazare, umphristi, wazithatha izitsha zempepho zethusi ababenikele ngazo labo abashayo. Wazicangcatha zaba yisembozo se-althare, 40 zaba yisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli, ukuze kungabi bikho mfokazi ongesiye owozalo luka-Aroni oyakulokotha asondele ashise impepho phambi kukaSimakade; ukuze angabi njengoKhora neviyo lakhe, njengalokhu uSimakade akhuluma kuye ngoMose.
U-Aroni Wenzela Ibandla Ukubuyisana
41 Ngakusasa yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yakhononda ngoMose no-Aroni, yathi: “Nibulele abantu bakaSimakade.”
42Kwathi inhlangano isibavukela oMose no-Aroni, babheka ngasethendeni lokuhlangana. Bheka, ifu lalisibekela, inkazimulo kaSimakade yabonakala kulo. 43UMose no-Aroni beza ngaphambi kwethende lokuhlangana. 44USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 45 “Khuphuka, uqhele phakathi kwale nhlangano ukuze ngiyibhubhise ngokuphazima kweso.”
Bawa ngobuso babo.
46UMose wathi ku-Aroni: “Thatha isitsha sempepho, ufake kuso amalahle avuthayo ase-althare, nempepho, uphuthume uye ebandleni uyolenzela ukubuyisana, ngokuba intukuthelo kaSimakade isiphumile, seluqalile ubhubhane.”
47 U-Aroni wasithatha njengalokhu ekhulumile uMose, wagijima waya phakathi kwebandla. Uyabona-ke, lwaseluqalile ubhubhane phakathi kwabantu; wafaka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana. 48Wama phakathi kwabafileyo nabaphilayo; lwanqamuka ubhubhane. 49 Ababebulewe ubhubhane babeyizi-14 700, ngaphandle kwalabo abafa ngenxa kaKhora. 50U-Aroni wabuyela kuMose ngasemnyango wethende lokuhlangana; lwaselunqamukile ubhubhane.

Okuqokiwe okwamanje:

INumeri 16: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume