UNumeri 15:22-41

UNumeri 15:22-41 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“ ‘Nxa niduka ningagcini yonke le miyalo uJehova ayikhulumile kuMose, konke uJehova aniyalile ngesandla sikaMose, kusukela osukwini uJehova ayala ngalo nangasemuva ezizukulwaneni zenu, kuyakuthi uma kwenziwe kungengamabomu, futhi kungesemehlweni enhlangano, inhlangano yonke inikele ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa wephunga elimnandi kuJehova kanye nomnikelo wayo wempuphu, nomnikelo wayo wokuphuzwa ngokomthetho, nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono. Umpristi uyakuyenzela yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, baze bathethelelwe, ngokuba kwakungengamabomu, futhi balethile umnikelo wabo, umnikelo womlilo kuJehova, nomnikelo wabo wesono phambi kukaJehova ngesiphosiso sabo; yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli iyakuthethelelwa kanye nomfokazi ogogobeleyo kubo, ngokuba kubo bonke abantu kwakungesiphosiso. “ ‘Uma umuntu ona kungengamabomu, uyakunikela ngembuzikazi enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wesono. Umpristi uyakwenzela umuntu ophosisayo ukubuyisana, nxa ona kungengamabomu phambi kukaJehova ukumenzela ukubuyisana, athethelelwe. Niyakuba nomthetho munye kowenza kungengamabomu, nakowokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo. “ ‘Kepha okwenza ngesandla esiphakemeyo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, uyamhlambalaza uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo. Ngokuba udelele izwi likaJehova, nomyalo wakhe uwaphulile; lowo muntu uyakunqunywa impela, ububi bakhe bube phezu kwakhe.’ ” Abantwana bakwa-Israyeli besesehlane bafumana umuntu otheza izinkuni ngosuku lwesabatha. Abamfumana etheza izinkuni bamyisa kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano. Bambeka ukuba alindwe, ngokuba kwakungakanqunywa ukuthi kuyakwenziwani kuye. UJehova wathi kuMose: “Lowo muntu wobulawa nokubulawa; yonke inhlangano iyakumkhanda ngamatshe ngaphandle kwekamu.”* Yonke inhlangano yamkhiphela ngaphandle kwekamu,* yamkhanda ngamatshe, wafa, njengalokho uJehova emyalile uMose. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, usho kubo ukuba bazenzele insephe emiphethweni yezingubo zabo ezizukulwaneni zabo, futhi ukuba babeke igoda eliluhlaza ensepheni yemiphetho yonke; lokhu kuyakuba kini insephe ukuba niyibheke, nikhumbule yonke imiyalo kaJehova, niyenze, ningahambi ngeyenu inhliziyo nangawenu amehlo enanivama ukukulandela ngokuphinga, ukuba nikhumbule, niyenze yonke imiyalo yami, nibe ngcwele kuNkulunkulu wenu. NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”

UNumeri 15:22-41 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“ ‘Uma nona, ningayigcini yonke le miyalo uSimakade ayitshele uMose, konke uSimakade aniyale ngakho ngomlomo kaMose, kusukela ngosuku uSimakade aniyala ngalo kuqhubeke nakuzo zonke izizukulwane zenu, uma lokho kwenziwe kungenganhloso, futhi inhlangano ingazi, inhlangano yonke iyonikela ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa, iphunga elimnandi kuSimakade. Iyowunikela nomnikelo wayo wokusanhlamvu, nowokuphuzwayo njengokomthetho, nempongo ibe ngumnikelo wesono. Umphristi uyokwenzela yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli ukubuyisana; ithethelelwe ngenxa yokuba kwakungeyona inhloso, futhi iwulethile umnikelo wayo, umnikelo womlilo kuSimakade, umnikelo wabo wesono phambi kukaSimakade, ngesiphosiso sayo. Yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli iyothethelelwa nomfokazi ogogobele phakathi kwayo, ngokuba bonke abantu bakwenza ngesiphosiso. “ ‘Uma umuntu ona ngokungenhloso, uyonikela ngembuzi enonyaka, ibe ngumnikelo wesono. Umphristi uyomenzela lowo muntu ophosisileyo ukubuyisana, ngokuba wone engahlosile phambi kukaSimakade; uyomenzela ukubuyisana, athethelelwe. Niyoba nomthetho ofanayo kowengabadi kwa-Israyeli nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu, lapho bone ngokungenhloso. “ ‘Kodwa noma ngubani owona ngehloso noma ngabe ungowengabadi noma ngumfokazi, ahlambalaze uSimakade, uyonqunywa kubantu bakubo, ngokuba wedelele izwi likaSimakade, wephula umyalo wakhe, lowo muntu uyonqunywa ngokuphelele, icala lakhe libe phezu kwakhe.’ ” Abantu bakwa-Israyeli besesehlane, bafumana umuntu etheza izinkuni ngosuku lwesabatha. Labo abamfumana etheza izinkuni, bamletha kuMose no-Aroni nakuyo yonke inhlangano. Bamshiya evalelwe ngoba kwakungakanqunywa ukuthi kuzokwenziwani ngaye. USimakade wathi kuMose: “Lowo muntu kufanele abulawe. Inhlangano yonke iyokumkhanda ngamatshe, ngaphandle kwenkambu.” Inhlangano yonke yamkhiphela ngaphandle kwenkambu, yamkhanda ngamatshe, wafa, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. USimakade wathi kuMose: “Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, ubatshele ukuba bazenzele insephe emiphethweni yezingubo zabo ezizukulwaneni zabo, nokuba babeke igoda eliluhlaza okwesibhakabhaka ngasemiphethweni yensephe. Le nsephe niyothi njalo uma niyibheka, nikhumbule yonke imiyalo kaSimakade, niyenze. Aniyukuhamba ngokulawulwa yizinhliziyo zenu nangokubona kwenu enanivame ukukwenza nilandela izindlela zokuphinga. Niyohlala nikhumbula ukugcina yonke imiyalo yami, nibe ngcwele kuNkulunkulu wenu. NginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe, ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.”

UNumeri 15:22-41 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Uma nidukile, aniyigcinanga yonke le miyalo uJehova ayikhuluma kuMose, Konke uJehova aniyala ngakho ngesandla sikaMose, kusukela osukwini uJehova ayala ngalo uMose nasezizukulwaneni zenu; Kuyakuthi, uma kwenziwa ngokungazi ibandla lingazi, ibandla lonke liyakulungiselela ijongosi elilodwa libe ngumnikelo wokushiswa, libe yiphunga elimnandi kuJehova kanye nomnikelo walo wokudla nomnikelo walo wokuphuzwayo, ngokomthetho, nenqama eyodwa ibe ngumnikelo wesono. Umpristi kumelwe ayenzele isihlawulelo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, futhi bayothethelelwa; ngoba kungukungazi; bayakunikela ngomhlatshelo wabo, umnikelo womlilo kuJehova, nomnikelo wabo wesono phambi kukaJehova ngenxa yokungazi kwabo. Ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli liyakuthethelelwa, nomfokazi ogogobele phakathi kwabo; ebona ukuthi bonke abantu basekungazini. Uma umuntu ona ngokungazi, uyakunikela ngethokazi elinomnyaka munye, libe ngumnikelo wesono. Umpristi uyakuwenzela umphefumulo owona ngokungazi ukubuyisana, uma wona ngokungazi phambi kukaJehova ukumenzele ukubuyisana; njalo uzathethelelwa. Niyakuba nomthetho munye ngowonile engazi, kozelwe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, nakomfokazi ogogobele phakathi kwabo. Kodwa umphefumulo owenza ngokugabadela, kungakhathaliseki ukuthi ungowokuzalwa ezweni noma ungowemzini, othuka uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo. Ngokuba udelele izwi leNkosi, wephula umyalo wayo, lowo muntu uyakushaywa ngesiqalekiso sokuxoshwa; ububi bakhe buyakuba phezu kwakhe. Kwathi abantwana bakwa-Israyeli besehlane bafumana umuntu etheza izinkuni ngosuku lwesabatha. Abamfumana etheza izinkuni bamyisa kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano. Basebemfaka esitokisini, ngoba bekungakamemezelwa okuzakwenziwa ngaye. Khona-ke uJehova wathi kuMose: “Lowo muntu kumelwe abulawe nokubulawa; inhlangano yonke iyakumkhanda ngamatshe ngaphandle kwekamu. Ibandla lonke lamkhiphela ngaphandle kwekamu, lamkhanda ngamatshe, wafa; njengalokho uJehova emyalile uMose. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli, ubatshele ukuthi bazenzele imiphetho emiphethweni yezingubo zabo ezizukulwaneni zabo, futhi kumelwe bafake ibhande eliyibubende emphethweni wemiphetho. Kuyakuba kini njengensephe, ukuze niyibone, nikhumbule yonke imiyalo yeNkosi, niyenze; futhi ungazifuneli eyakho inhliziyo namehlo akho owafeba ngemva kwawo. Ukuze nikhumbule futhi niyenze yonke imiyalo yami futhi nibe ngcwele kuNkulunkulu wenu. NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibhithe ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.