INumeri 15:22-41

INumeri 15:22-41 ZUL20

“ ‘Uma nona, ningayigcini yonke le miyalo uSimakade ayitshele uMose, konke uSimakade aniyale ngakho ngomlomo kaMose, kusukela ngosuku uSimakade aniyala ngalo kuqhubeke nakuzo zonke izizukulwane zenu, uma lokho kwenziwe kungenganhloso, futhi inhlangano ingazi, inhlangano yonke iyonikela ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa, iphunga elimnandi kuSimakade. Iyowunikela nomnikelo wayo wokusanhlamvu, nowokuphuzwayo njengokomthetho, nempongo ibe ngumnikelo wesono. Umphristi uyokwenzela yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli ukubuyisana; ithethelelwe ngenxa yokuba kwakungeyona inhloso, futhi iwulethile umnikelo wayo, umnikelo womlilo kuSimakade, umnikelo wabo wesono phambi kukaSimakade, ngesiphosiso sayo. Yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli iyothethelelwa nomfokazi ogogobele phakathi kwayo, ngokuba bonke abantu bakwenza ngesiphosiso. “ ‘Uma umuntu ona ngokungenhloso, uyonikela ngembuzi enonyaka, ibe ngumnikelo wesono. Umphristi uyomenzela lowo muntu ophosisileyo ukubuyisana, ngokuba wone engahlosile phambi kukaSimakade; uyomenzela ukubuyisana, athethelelwe. Niyoba nomthetho ofanayo kowengabadi kwa-Israyeli nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu, lapho bone ngokungenhloso. “ ‘Kodwa noma ngubani owona ngehloso noma ngabe ungowengabadi noma ngumfokazi, ahlambalaze uSimakade, uyonqunywa kubantu bakubo, ngokuba wedelele izwi likaSimakade, wephula umyalo wakhe, lowo muntu uyonqunywa ngokuphelele, icala lakhe libe phezu kwakhe.’ ” Abantu bakwa-Israyeli besesehlane, bafumana umuntu etheza izinkuni ngosuku lwesabatha. Labo abamfumana etheza izinkuni, bamletha kuMose no-Aroni nakuyo yonke inhlangano. Bamshiya evalelwe ngoba kwakungakanqunywa ukuthi kuzokwenziwani ngaye. USimakade wathi kuMose: “Lowo muntu kufanele abulawe. Inhlangano yonke iyokumkhanda ngamatshe, ngaphandle kwenkambu.” Inhlangano yonke yamkhiphela ngaphandle kwenkambu, yamkhanda ngamatshe, wafa, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. USimakade wathi kuMose: “Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, ubatshele ukuba bazenzele insephe emiphethweni yezingubo zabo ezizukulwaneni zabo, nokuba babeke igoda eliluhlaza okwesibhakabhaka ngasemiphethweni yensephe. Le nsephe niyothi njalo uma niyibheka, nikhumbule yonke imiyalo kaSimakade, niyenze. Aniyukuhamba ngokulawulwa yizinhliziyo zenu nangokubona kwenu enanivame ukukwenza nilandela izindlela zokuphinga. Niyohlala nikhumbula ukugcina yonke imiyalo yami, nibe ngcwele kuNkulunkulu wenu. NginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe, ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.”