UNehemiya 7:1-73

UNehemiya 7:1-73 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi sekuphelile ukwakhiwa kogange lomuzi, kwafakwa namasango, kwamiswa abalindisango, abaculi nabaLevi, umfowethu uHanani ngambeka ukuba engamele iJerusalema, noHananiya abe ngumengameli wenqaba, ngokuba uHananiya wayeyindoda ethembekile, emesabayo uNkulunkulu kunabaningi. Ngathi kubo: “Amasango aseJerusalema mabangawavuli lize liphakame ilanga, kusihlwa basheshe bavale imigoqo nezicabha, ngesikhathi abaqaphi besaqaphile ezindaweni zabo. Ngabuye ngathi mabaqoke abaqaphi phakathi kwabantu abahlala eJerusalema, babamise ezindaweni ezithile, abantu behle benyuka bezungeza indawo eseduze nemizi yabo.” IJerusalema lalingumuzi omkhulu, linendawo ebanzi, kodwa zaziyingcosana kakhulu izakhamuzi ezazihlala kulo; yayingeminingi imizi eyayakhiwe kabusha. UNkulunkulu wangenza ngaba nevuso enhliziyweni yami, ngase ngimemela abantu embizweni yeziphathimandla nezikhulu nabantu, ukuba bazobhalisa ngokwemindeni yabo. Ngathola umlando wolibo lwalabo ababebuye kuqala. Nakhu engakutholayo: Laba ngabantu besifundazwe ababebuye ekuthunjweni nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, bebuyela eJerusalema nakwaJuda. Yilowo nalowo wabuyela emzini wakubo; bebuya noZerubhabhele, uJeshuwa, uNehemiya, u-Azariya, uRahamiya, uNahamani, uMoridekhayi, uBhilishani, uMisipherethi, uBhigivayi, uNehumi noBhahana. Inani labantu bakwa-Israyeli yileli: abozalo lukaPharoshi bayizi-2 172, abolukaShefathiya bangama-372, aboluka-Ara bangama-652, abolukaPhahathi Mowabi ozalweni lukaJeshuwa noJowabe bayizi-2 818, aboluka-Elami bayi-1 254, abolukaZathu bangama-845, abolukaZakhayi bangama-760, abolukaBhinuyi bangama-648, abolukaBhebayi bangama-628, aboluka-Azigadi bayizi-2 322, aboluka-Adonikamu bangama-667, abolukaBhigivayi bayizi-2 067, aboluka-Adini bangama-655, aboluka-Atheri, wozalo lukaHezekiya, bangama-98, abolukaHashumi bangama-328, abolukaBhezayi bangama-324, abolukaHarifi bayi-112, abolukaGibheyoni bangama-95. Amadoda aseBhethlehema naseNethofa ayeyi-188, awase-Anathothi eyi-128, awaseBhethi Azimavethi engama-42, awaseKiriyathi Jeharimi, eKhefira naseBheherothi engama-743, awaseRama naseGebha engama-621, awaseMikhimashi eyi-122, awaseBhethele nase-Ayi eyi-123, amanye akwenye iNebho engama-52, amanye akwenye i-Elami eyi-1 254, awase-Arimi engama-320, awaseJerikho engama-345, awaseLodi, awaseHadidi nase-Ono engama-721, awaseSenaya eyizi-3 930. Abaphristi: abozalo lukaJedaya, ozalweni lukaJeshuwa, bengama-973, aboluka-Imeri beyi-1 052, abolukaPhashuri beyi-1 247, abolukaHarimi beyi-1 017. AbaLevi: abozalo lukaJeshuwa, ozalweni lukaKhadimiyeli, emndenini kaHodaviya, babengama-74. Abaculi: abozalo luka-Asafa babengama-148. Abalindisango: abozalo lukaShalumi, baka-Atheri, bakaThalimoni, baka-Akhubhi, bakaHathitha nabakaShobhayi babeyi-138. Izisebenzi zasethempelini yilezi: abozalo lukaZiha, lukaHashufa, lukaThabhawothi, lukaKerosi, lukaSiya, lukaPhadoni, lukaLebana, lukaHagaba, lukaShalimayi, lukaHanani, lukaGideli, lukaGahari, lukaRewaya, lukaRezini, lukaNekoda, lukaGazami, luka-Uza, lukaPhaseya, lukaBhesayi, lukaMewunimi, lukaNefusimi, lukaBhakibhuki, lukaHakufa, lukaHarihuri, lukaBhaziluthi, lukaMehida, lukaHarisha, lukaBharikosi, lukaSisera, lukaThema, lukaNeziya nolukaHathifa. Abozalo lwezinceku zikaSolomoni yilaba: abozalo lukaSothayi, lukaSoferethi, lukaPherida, lukaJahala, lukaDarikoni, lukaGideli, lukaShefathiya, lukaHathili, lukaPhokherethi Hazebhayimi noluka-Amoni. Izisebenzi zasethempelini, abozalo lwezisebenzi zikaSolomoni, babengama-392. Laba abalandelayo babevela eThelimela, eTheliharisha, eKherubhi, e-Adoni, nase-Imeri. Kodwa behluleka ukuveza isiqiniseko sokuthi bangabozalo lwakwa-Israyeli yini: abozalo lukaDelaya, lukaThobiya nolukaNekoda babengama-642. Ababevela kubaphristi yilaba: abozalo lukaHobhaya, lukaHakozi, nolukaBharizilayi owayeganwe yindodakazi kaBharizilayi umGileyadi, owayebizwa ngalelo gama. Labo ababefuna imininingwane yemindeni yabo, kodwa abayitholanga, ngakho-ke abafakwanga ohleni lwabaphristi, bathathwa ngokuthi kabahlanzekile. Ngakho-ke umbusi wabayala ukuba bangakudli ukudla okubusisiweyo, kuze kube nomphristi one-Urimi neThumimi. Sebebonke babeyizi-42 360, ngale kwezinceku zabo zesilisa eziyizi-7 337 nezesifazane; babenabaculi besilisa nabesifazane abangama-245. Babenamahhashi angama-736, iminyuzi engama-245, amakameli angama-435 nezimbongolo eziyizi-6 720. Ezinye zezinhloko zemindeni zanikela esikhwameni sokwenza umsebenzi. Umbusi wanikela esikhwameni ngamadarike egolide ayinkulungwane, imicengezi engama-50, nezingubo zokugqoka zabaphristi ezingama-530. Ezinye izinhloko zemindeni zanikela esikhwameni somsebenzi ngamadarike egolide ayizi-20 000 nawomina besiliva abayizi-2 200. Sekukonke okwanikelwa ngabantu kwakungamadakire egolide ayizi-20 000, omina besiliva abayizi-2 000 nezingubo zabaphristi ezingama-67. Abaphristi, abaLevi, abalindisango, abaculi, izisebenzi zasethempelini, abanye abantu no-Israyeli wonke bahlala emizini yakubo. Ngenyanga yesikhombisa, abantu base bezinzile emizini yakubo.

UNehemiya 7:1-73 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi lapho ugange selwakhiwe, sengimisile izivalo, futhi kubekiwe abalindisango nabahlabeleli namaLevi, ngayaleza uHanani umfowethu noHananiya induna yendlu yenkosi ukuba baphathe iJerusalema, ngokuba wayengumuntu othembekileyo, wamesaba uNkulunkulu kunabaningi. Ngathi kubo: “Amasango aseJerusalema mawangavulwa lize lishise ilanga; besemi, mabavale izivalo, baziqinise; bekani abalindi kwabakhileyo eJerusalema, kube yilowo nalowo emlindweni wakhe, yilowo abe malungana nendlu yakhe.” Umuzi wawubanzi nxazombili; wawumkhulu, kepha abantu babe yingcosana phakathi kwawo, izindlu zingakakhiwa. UNkulunkulu wami wabeka enhliziyweni yami ukuba ngibuthe abakhulu, nababusi, nabantu, ukuze babhalwe ngezizukulwane. Ngafumana incwadi yezizukulwane zabakhuphuka kuqala, ngafumana kulotshiwe kuyo ukuthi: Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kubo ababethunjwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo, abafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, no-Azariya, noRahamiya, noNahamani, noMoridekayi, noBilishani, noMisipereti, noBigivayi, noNehumi, noBahana. Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku: abantwana bakwaPharoshi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili; abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili; abantwana bakwa-Ara: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili; abantwana bakwaPhahati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe: yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nesishiyagalombili; abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane; abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane nanhlanu; abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha; abantwana bakwaBinuwi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nesishiyagalombili; abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nesishiyagalombili; abantwana bakwa-Azigadi: yizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu namashumi amabili nambili; abantwana bakwa-Adonikamu: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesikhombisa; abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisithupha nesikhombisa; abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nanhlanu; abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili; abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nesishiyagalombili; abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nane; abantwana bakwaHarifi: yikhulu neshumi nambili; abantwana bakwaGibeyoni: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu. Amadoda aseBetlehema naseNethofa: yikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili; amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili; amadoda aseBeti Azimaveti: ngamashumi amane nambili; amadoda aseKiriyati Jeharimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu; amadoda aseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye; amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili; amadoda aseBethele nase-Ayi: yikhulu namashumi amabili nantathu; amadoda elinye iNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili; abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane; abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili; abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu; abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye; abantwana baseSenawa: yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu. Abapristi: abantwana bakwaJedaya, abendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu; abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili; abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa; abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa. AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa kaKadimiyeli babantwana bakwaHodeva: ngamashumi ayisikhombisa nane. Abahlabeleli: abantwana bakwa-Asafa: yikhulu namashumi amane nesishiyagalombili. Abalindisango: abantwana bakwaShalumi, nabantwana bakwa-Atheri, nabantwana bakwaThalimoni, nabantwana bakwa-Akubi, nabantwana bakwaHathita, nabantwana bakwaShobayi: yikhulu namashumi amathathu nesishiyagalombili. AmaNethini:* ngabantwana bakwaSiha, nabantwana bakwaHasufa, nabantwana bakwaThabawoti, nabantwana bakwaKerosi, nabantwana bakwaSiya, nabantwana bakwaPhadoni, nabantwana bakwaLebana, nabantwana bakwaHagaba, nabantwana bakwaShalimayi, nabantwana bakwaHanani, nabantwana bakwaGideli, nabantwana bakwaGahari, nabantwana bakwaRewaya, nabantwana bakwaResini, nabantwana bakwaNekhoda, nabantwana bakwaGazamu, nabantwana bakwa-Uza, nabantwana bakwaPhaseya, nabantwana bakwaBesayi, nabantwana bakwaMehuni, nabantwana bakwaNefushesimi, nabantwana bakwaBakibuki, nabantwana bakwaHakufa, nabantwana bakwaHarihuri, nabantwana bakwaBasiluthi, nabantwana bakwaMehida, nabantwana bakwaHarisha, nabantwana bakwaBarikhosi, nabantwana bakwaSisera, nabantwana bakwaThema, nabantwana bakwaNesiya, nabantwana bakwaHathifa. Abantwana bezinceku zikaSolomoni: ngabantwana bakwaSothayi, nabantwana bakwaSofereti, nabantwana bakwaPherida, nabantwana bakwaJahala, nabantwana bakwaDarikoni, nabantwana bakwaGideli, nabantwana bakwaShefathiya, nabantwana bakwaHathili, nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi, nabantwana bakwa-Amoni. Onke amaNethini* nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisihiyagalolunye nambili. Nampa abakhuphuka eTheliMela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adoni, nase-Imeri, kepha bebengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babe ngabakwa-Israyeli yini: abantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili. Kubapristi: ngabantwana bakwaHobaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi owathatha umfazi kumadodakazi kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo. Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha akufunyanwanga; ngalokho kwathiwa bangcolile, bakhishwa ebupristini. Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumimi.* Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha, ngaphandle kwezinceku zabo nezi ncekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu. Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi* yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu; amakamela ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili. Ezinye izinhloko zanikelela umsebenzi; umbusi wanikelela isikhwama amadarike* ayinkulungwane egolide, nezitsha ezingamashumi ayisihlanu, nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu. Ezinye izinhloko zawoyise zanikelela isikhwama somsebenzi amadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane* ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amabili esiliva. Abakunikelayo abanye abantu kwakungamadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide, namamane* ayizinkulungwane ezimbili esiliva, nezambatho zabapristi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa. Base behlala-ke abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, nabanye abantu, namaNethini,* naye wonke u-Israyeli emizini yabo. Kwathi lapho inyanga yesikhombisa isifikile, abantwana bakwa-Israyeli babe semizini yabo.

UNehemiya 7:1-73 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi ugange selwakhiwe, ngamisa izivalo, kwamiswa abalindisango nabahlabeleli namaLevi; Nganika umfowethu uHanani noHananiya induna yesigodlo ukuba babe negunya phezu kweJerusalema, ngoba wayeyindoda eqotho futhi emesaba uNkulunkulu ngaphezu kwabaningi. Ngathi kubo: “Amasango eJerusalema makangavulwa lize lishise ilanga; futhi lapho bemi lapho, kumelwe bavale iminyango bayivale; nibeke abalindi kwabakhileyo eJerusalema, kube yilowo nalowo endaweni yakhe yokulinda, kube yilowo nalowo malungana nendlu yakhe. Umuzi wawumkhulu, ubanzi, kepha abantu babembalwa kuwo, nezindlu zingakakhiwa. UNkulunkulu wami wakufaka enhliziyweni yami ukuba ngiqoqe izikhulu nababusi nabantu, ukuze babalwe ngokohlu lozalo. Ngathola umbhalo wozalo lwalabo abenyuka kuqala, ngathola kulotshiwe ukuthi: Laba ngabantwana besifunda abenyuka bevela ekuthunjweni, abathunjwa uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wabathumba, wabuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo; abeza noZerubhabhele, noJeshuwa, noNehemiya, no-Azariya, noRamaya, noNahamani, noMoridekayi, noBilsan, noMisperet, noBhigwayi, noNehume, noBahana. Inani lamadoda abantwana bakwa-Israyeli laliyilo; abantwana bakwaPharosi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili; abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili; abantwana bakwa-Aragi: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili; abantwana bakwaPhahati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe izinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nesishiyagalombili. Abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane; abantwana bakwaSathu: ngamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane nanhlanu; abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha; abantwana bakwaBhinuwi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nesishiyagalombili; abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nesishiyagalombili; abantwana base-Ashigadi: yizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu namashumi amabili nambili; abantwana bakwa-Adonikamu: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesikhombisa; abantwana bakwaBigwayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisithupha nesikhombisa; abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nanhlanu; abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili. Abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nesishiyagalombili; abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nane; abantwana bakwaHarifi: yikhulu neshumi nambili; abantwana bakwaGibeyoni: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu; amadoda aseBetlehema naseNethofa: yikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili. Amadoda aseAnathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili; amadoda aseBeti-simaweti: ngamashumi amane nambili; amadoda aseKiriyati Jeharimi, naseKefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu. Amadoda aseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye. Amadoda aseMigimasi: yikhulu namashumi amabili nambili; amadoda aseBethele nase-Ayi: yikhulu namashumi amabili nantathu; Amadoda enye iNebo ibingamashumi amahlanu nambili. Abantwana bomunye u-Elamu inkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane; abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili; abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu; abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye. Abantwana baseSenagi: yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu; Abapristi: abantwana bakwaJedaya bendlu kaJeshuwa: amakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu. Abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili; abantwana bakwaPhasguri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa; abantwana bakwaHarimi inkulungwane neshumi nesikhombisa; AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa, kaKadimiyeli nabantwana bakwaHodewa, amashumi ayisikhombisa nane. Abahlabeleli: abantwana bakwa-Asafa: yikhulu namashumi amane nesishiyagalombili. Abalindisango: abantwana bakwaShalumi, abantwana bakwa-Atere, abantwana bakwaThalimoni, abantwana bakwa-Akubi, abantwana bakwaHatita, abantwana bakwaShobayi, ikhulu namashumi amathathu nesishiyagalombili. AmaNethini: abantwana bakwaSiha, abantwana bakwaHasufa, abantwana bakwaThabawoti, abantwana bakwaKerosi, nabantwana bakwaSiya, nabantwana bakwaPhadoni, abantwana bakwaLebana, nabantwana bakwaHagaba, nabantwana bakwaSalimayi, abantwana bakwaHanani, nabantwana bakwaGideli, nabantwana bakwaGahari, abantwana bakwaReyaya, abantwana bakwaResini, abantwana bakwaNekoda, abantwana bakwaGasamu, nabantwana bakwa-Uza, nabantwana bakwaPhazeya, abantwana bakwaBesayi, abantwana bakwaMeunimi, abantwana bakwaNefisimi, abantwana bakwaBakibuki, abantwana bakwaHakufa, abantwana bakwaHarihuri, abantwana bakwaBaziliti, abantwana bakwaMehida, abantwana bakwaHarsa, abantwana bakwaBarkosi, abantwana bakwaSisera, abantwana bakwaTama, abantwana bakwaNesiya, abantwana bakwaHatifa. Abantwana bezinceku zikaSolomoni: abantwana bakwaSothayi, abantwana bakwaSofereti, abantwana bakwaPerida, abantwana bakwaJahala, abantwana bakwaDarkoni, abantwana bakwaGideli, abantwana bakwaShefathiya, abantwana bakwaHathili, abantwana bakwaPogereti Sebayimi, abantwana bakwa-Amoni. Zonke izinceku zethempelini nabantwana bezinceku zikaSolomoni zazingamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye nambili. Yibo futhi abakhuphuka besuka eThelimela, naseTheli-Haresa, naseKherubi, nase-Adoni, nase-Imeri, kodwa babengenakukwazisa indlu kayise nenzalo yabo, uma babevela kwa-Israyeli. Abantwana bakwaDelaya, abantwana bakwaThobiya, abantwana bakwaNekoda, amakhulu ayisithupha namashumi amane nambili. Kubapristi: abantwana bakwaHabaya, nabantwana bakwaKhosi, nabantwana bakwaBarizilayi, owathatha emadodakazini kaBarizilayi wakwaGileyadi, waba ngumkakhe, waqanjwa ngawo. Babheka umbhalo wabo phakathi kwababalwayo ngokohlu lozalo, kepha awutholakalanga; Umbusi wabatshela ukuthi bangadli izinto ezingcwelengcwele, kuze kusukume umpristi one-Urimi neThumimi. Ibandla lonke lindawonye laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha; ngaphandle kwezinceku zabo nezincekukazi zabo, ababeyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa, futhi babe nabahlabeleli nabahlabeleli abangamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu. Amahhashi abo ibingamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi yabo ibingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu; amakamela abo ibingamakhulu amane, anamanci mathathu ananhlanu; Abanye bezinhloko zawoyise banikela emsebenzini. Umbusi wanikela endaweni yengcebo amadarike egolide ayinkulungwane, nezitsha ezingamashumi ayisihlanu, nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu. Abanye bezinhloko zezindlu zoyise banikela engcebeni yomsebenzi amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amabili esiliva. Abanye abantu abanikela ngakho kwakungamadarike ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane ayizinkulungwane ezimbili esiliva nezingubo zabapristi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa. Abapristi namaLevi nabalindisango nabahlabeleli nabanye abantu namaNethini no-Israyeli wonke bahlala emizini yabo; ekufikeni kwenyanga yesikhombisa abantwana bakoIsrayeli besemizini yabo.