UNehemiya 7

7
Ukubekwa Kwabalindi
1 Kwathi sekuphelile ukwakhiwa kogange lomuzi, kwafakwa namasango, kwamiswa abalindisango, abaculi nabaLevi, 2 umfowethu uHanani ngambeka ukuba engamele iJerusalema, noHananiya abe ngumengameli wenqaba, ngokuba uHananiya wayeyindoda ethembekile, emesabayo uNkulunkulu kunabaningi. 3Ngathi kubo: “Amasango aseJerusalema mabangawavuli lize liphakame ilanga, kusihlwa basheshe bavale imigoqo nezicabha, ngesikhathi abaqaphi besaqaphile ezindaweni zabo. Ngabuye ngathi mabaqoke abaqaphi phakathi kwabantu abahlala eJerusalema, babamise ezindaweni ezithile, abantu behle benyuka bezungeza indawo eseduze nemizi yabo.”
4IJerusalema lalingumuzi omkhulu, linendawo ebanzi, kodwa zaziyingcosana kakhulu izakhamuzi ezazihlala kulo; yayingeminingi imizi eyayakhiwe kabusha. 5UNkulunkulu wangenza ngaba nevuso enhliziyweni yami, ngase ngimemela abantu embizweni yeziphathimandla nezikhulu nabantu, ukuba bazobhalisa ngokwemindeni yabo. Ngathola umlando wolibo lwalabo ababebuye kuqala. Nakhu engakutholayo:
Uhla Lwababuya Kuqala Ekuthunjweni
(U-Ezr. 2:1-70)
6 Laba ngabantu besifundazwe ababebuye ekuthunjweni nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, bebuyela eJerusalema nakwaJuda. Yilowo nalowo wabuyela emzini wakubo; 7bebuya noZerubhabhele, uJeshuwa, uNehemiya, u-Azariya, uRahamiya, uNahamani, uMoridekhayi, uBhilishani, uMisipherethi, uBhigivayi, uNehumi noBhahana.
Inani labantu bakwa-Israyeli yileli:
8abozalo lukaPharoshi bayizi-2 172,
9abolukaShefathiya bangama-372,
10aboluka-Ara bangama-652,
11abolukaPhahathi Mowabi ozalweni lukaJeshuwa noJowabe bayizi-2 818,
12aboluka-Elami bayi-1 254,
13abolukaZathu bangama-845,
14abolukaZakhayi bangama-760,
15abolukaBhinuyi bangama-648,
16abolukaBhebayi bangama-628,
17aboluka-Azigadi bayizi-2 322,
18aboluka-Adonikamu bangama-667,
19abolukaBhigivayi bayizi-2 067,
20aboluka-Adini bangama-655,
21aboluka-Atheri, wozalo lukaHezekiya, bangama-98,
22abolukaHashumi bangama-328,
23abolukaBhezayi bangama-324,
24abolukaHarifi bayi-112,
25abolukaGibheyoni bangama-95.
26Amadoda aseBhethlehema naseNethofa ayeyi-188,
27awase-Anathothi eyi-128,
28awaseBhethi Azimavethi engama-42,
29awaseKiriyathi Jeharimi, eKhefira naseBheherothi engama-743,
30awaseRama naseGebha engama-621,
31awaseMikhimashi eyi-122,
32awaseBhethele nase-Ayi eyi-123,
33amanye akwenye iNebho engama-52,
34amanye akwenye i-Elami eyi-1 254,
35awase-Arimi engama-320,
36awaseJerikho engama-345,
37awaseLodi, awaseHadidi nase-Ono engama-721,
38awaseSenaya eyizi-3 930.
39Abaphristi:
abozalo lukaJedaya, ozalweni lukaJeshuwa, bengama-973,
40aboluka-Imeri beyi-1 052,
41abolukaPhashuri beyi-1 247,
42abolukaHarimi beyi-1 017.
43AbaLevi:
abozalo lukaJeshuwa, ozalweni lukaKhadimiyeli, emndenini kaHodaviya, babengama-74.
44Abaculi:
abozalo luka-Asafa babengama-148.
45Abalindisango:
abozalo lukaShalumi, baka-Atheri, bakaThalimoni, baka-Akhubhi, bakaHathitha nabakaShobhayi babeyi-138.
46Izisebenzi zasethempelini yilezi:
abozalo lukaZiha, lukaHashufa, lukaThabhawothi,
47lukaKerosi, lukaSiya, lukaPhadoni,
48lukaLebana, lukaHagaba, lukaShalimayi,
49lukaHanani, lukaGideli, lukaGahari,
50lukaRewaya, lukaRezini, lukaNekoda,
51lukaGazami, luka-Uza, lukaPhaseya,
52lukaBhesayi, lukaMewunimi, lukaNefusimi,
53lukaBhakibhuki, lukaHakufa, lukaHarihuri,
54lukaBhaziluthi, lukaMehida, lukaHarisha,
55lukaBharikosi, lukaSisera, lukaThema,
56lukaNeziya nolukaHathifa.
57Abozalo lwezinceku zikaSolomoni yilaba:
abozalo lukaSothayi, lukaSoferethi, lukaPherida,
58lukaJahala, lukaDarikoni, lukaGideli,
59lukaShefathiya, lukaHathili, lukaPhokherethi Hazebhayimi noluka-Amoni.
60Izisebenzi zasethempelini, abozalo lwezisebenzi zikaSolomoni, babengama-392.
61Laba abalandelayo babevela eThelimela, eTheliharisha, eKherubhi, e-Adoni, nase-Imeri. Kodwa behluleka ukuveza isiqiniseko sokuthi bangabozalo lwakwa-Israyeli yini: 62abozalo lukaDelaya, lukaThobiya nolukaNekoda babengama-642.
63Ababevela kubaphristi yilaba:
abozalo lukaHobhaya, lukaHakozi, nolukaBharizilayi owayeganwe yindodakazi kaBharizilayi umGileyadi, owayebizwa ngalelo gama.
64Labo ababefuna imininingwane yemindeni yabo, kodwa abayitholanga, ngakho-ke abafakwanga ohleni lwabaphristi, bathathwa ngokuthi kabahlanzekile. 65Ngakho-ke umbusi wabayala ukuba bangakudli ukudla okubusisiweyo, kuze kube nomphristi one-Urimi neThumimi.
66Sebebonke babeyizi-42 360, 67ngale kwezinceku zabo zesilisa eziyizi-7 337 nezesifazane; babenabaculi besilisa nabesifazane abangama-245. 68Babenamahhashi angama-736, iminyuzi engama-245, 69amakameli angama-435 nezimbongolo eziyizi-6 720.
70Ezinye zezinhloko zemindeni zanikela esikhwameni sokwenza umsebenzi. Umbusi wanikela esikhwameni ngamadarike egolide ayinkulungwane, imicengezi engama-50, nezingubo zokugqoka zabaphristi ezingama-530. 71Ezinye izinhloko zemindeni zanikela esikhwameni somsebenzi ngamadarike egolide ayizi-20 000 nawomina besiliva abayizi-2 200. 72Sekukonke okwanikelwa ngabantu kwakungamadakire egolide ayizi-20 000, omina besiliva abayizi-2 000 nezingubo zabaphristi ezingama-67.
73 Abaphristi, abaLevi, abalindisango, abaculi, izisebenzi zasethempelini, abanye abantu no-Israyeli wonke bahlala emizini yakubo.
Ngenyanga yesikhombisa, abantu base bezinzile emizini yakubo.

Okuqokiwe okwamanje:

UNehemiya 7: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume