UNehemiya 7:1-2
UNehemiya 7:1-2 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi sekuphelile ukwakhiwa kogange lomuzi, kwafakwa namasango, kwamiswa abalindisango, abaculi nabaLevi, umfowethu uHanani ngambeka ukuba engamele iJerusalema, noHananiya abe ngumengameli wenqaba, ngokuba uHananiya wayeyindoda ethembekile, emesabayo uNkulunkulu kunabaningi.
UNehemiya 7:1-2 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi lapho ugange selwakhiwe, sengimisile izivalo, futhi kubekiwe abalindisango nabahlabeleli namaLevi, ngayaleza uHanani umfowethu noHananiya induna yendlu yenkosi ukuba baphathe iJerusalema, ngokuba wayengumuntu othembekileyo, wamesaba uNkulunkulu kunabaningi.
UNehemiya 7:1-2 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi ugange selwakhiwe, ngamisa izivalo, kwamiswa abalindisango nabahlabeleli namaLevi; Nganika umfowethu uHanani noHananiya induna yesigodlo ukuba babe negunya phezu kweJerusalema, ngoba wayeyindoda eqotho futhi emesaba uNkulunkulu ngaphezu kwabaningi.