UNehemiya 2:1-9
UNehemiya 2:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngenyanga kaNisani ngomnyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita inkosi, iwayini liphambi kwakhe, ngaliphakamisa iwayini, ngalinika inkosi. Ngangingazange ngibiphe phambi kwayo. Inkosi yathi kimi: “Ubuso bakho bubipheleni, lokhu ungaguli, na? Lokhu kungukudabuka kwenhliziyo kuphela.” Ngase ngesaba kakhulu. Ngathi enkosini: “Mayime njalo inkosi; ubuso bami bungebiphe ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uchithekile namasango awo eshiswe ngomlilo, na?” Yayisithi inkosi kimi: “Ukhala ngani?” Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu. Ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, uma inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, ungivumele ukuba ngiye kwaJuda emzini wamathuna awobaba ukuba ngiwuvuse.” Inkosi yathi kimi, inkosikazi ihlezi eceleni kwayo: “Uhambo lwakho luyakuba yisikhathi esingakanani, nokubuya kuyakuba nini na?” Kwaba kuhle-ke enkosini ukuvuma ukuba ngihambe; ngayitshela isikhathi esithile. Futhi ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, manginikwe izincwadi kubabusi phesheya koMfula,* ukuze bavume ukuba ngidlule ngize ngifike kwaJuda, kanye nencwadi ku-Asafa umlindihlathi lenkosi ukuba anginike imithi yemishayo yamasango enqaba ehlangene nethempeli, neyongange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo.” Inkosi yanginika lokhu ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami esasiphezu kwami. Ngase ngifika kubabusi phesheya koMfula,* ngabanika izincwadi zenkosi. Inkosi yayithume nami izinduna zempi nabamahhashi.
UNehemiya 2:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngenyanga uNisani, ngonyaka wama-20 wokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha, iwayini liphambi kwenkosi, ngalithunga ngalinika inkosi. Ngangingakaze ngibe ngodangele phambi kwayo. Inkosi yathi kimi: “Kungani ubuso bakho budangele wena ube ungaguli na? Lokhu kufanele kube ngukudangala okuvela enhliziyweni.” Ngesaba kakhulu. Ngaphendula ngathi enkosini: “Mana njalo, nkosi! Kungenzeka kanjani ukuba ubuso bami bungadangali, lapho umuzi oyindawo yamathuna okhokho uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo na?” Inkosi yathi kimi: “Ukhala ngani na?” Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu. Ngathi enkosini: “Uma kukuhle emehlweni akho nkosi, nengikucelayo kwemukeleka kuwe, ngicela ukuba ungithumele kwaJuda, emzini wamathuna obabamkhulu, ukuba ngiyowakha kabusha.” Inkosi yathi kimi, nendlovukazi ihlezi eduze kwayo: “Uyohamba isikhathi esingakanani, futhi ubuye nini na?” Kwayithokozisa inkosi, yase ingivumela, nganquma isikhathi engiyobuya ngaso. Ngathi enkosini: “Uma kwemukelekile enkosini, manginikwe izincwadi engiyozethula kubabusi besifundazwe esisentshonalanga yomfula iYufrathe, ukuze banginike imvume yokudabula ngaphandle kwezihibe, ngize ngifike kwaJuda. Ngacela nencwadi eya ku-Asafa, umqaphi wehlathi lenkosi, eyayimyala ukuba anginike izingodo zokwakha imishayo yamasango enqaba yethempeli, izingange zomuzi nezendlu engangizohlala kuyo.” Inkosi yanginika konke engakucelayo, ngokuba isandla esihle sikaNkulunkulu sasinami. Inkosi yathumela izikhulu zempi nabagibele amahhashi ukuba bangiphelekezele. Ngafinyelela kubabusi besifundazwe esiseNtshonalanga yeYufrathe, ngabanika izincwadi ezazibhalwe yinkosi.
UNehemiya 2:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi ngenyanga kaNisani, ngomnyaka wamashumi amabili wenkosi u-Aritahishashita, kwakukhona iwayini phambi kwakhe, ngalithatha iwayini ngalinika inkosi. Manje angibanga lusizi phambi kwakhe ngaphambili. Ngakho inkosi yathi kimi: Kungani ubuso bakho budanile, lokhu ungaguli? akulutho ngaphandle kosizi lwenhliziyo. Ngase ngesaba kakhulu, Wathi enkosini: “Inkosi mayiphile kuze kube phakade; ubuso bami bungabi buhlungu ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo, na? Inkosi yasisithi kimi: Ucelani? Ngakho ngakhuleka kuNkulunkulu wezulu. Ngasengisithi enkosini: Uba inkosi ibona kufanele, njalo uba inceku yakho ithole umusa emehlweni akho, ngithume kwaJuda, emzini wamangcwaba awobaba, ukuze ngiwakhe. Inkosi yasisithi kimi (indlovukazi yayihlezi layo): Uhambo lwakho luzakuba ngakanani? futhi uzobuya nini? Ngakho kwaba kuhle enkosini ukungithuma; ngase ngimbeka isikhathi. Ngasengisithi enkosini: Uba inkosi ithanda, kabanikelwe ababusi abangaphetsheya kweYufrathe izincwadi zami, ukuze bangisuse ngize ngifike kwaJuda; nencwadi eya ku-Asafa, umlindi wehlathi wenkosi, ukuba anginike izinkuni zokwenza imishayo yamasango endlu yenkosi, neyogange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo ngena. Inkosi yanginika ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami phezu kwami. Ngase ngifika kubabusi ngaphesheya komfula ngabanika izincwadi zenkosi. Inkosi yasithuma kanye lami izinduna zempi labagadi bamabhiza.