Ngenyanga uNisani, ngonyaka wama-20 wokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha, iwayini liphambi kwenkosi, ngalithunga ngalinika inkosi. Ngangingakaze ngibe ngodangele phambi kwayo. Inkosi yathi kimi: “Kungani ubuso bakho budangele wena ube ungaguli na? Lokhu kufanele kube ngukudangala okuvela enhliziyweni.” Ngesaba kakhulu. Ngaphendula ngathi enkosini: “Mana njalo, nkosi! Kungenzeka kanjani ukuba ubuso bami bungadangali, lapho umuzi oyindawo yamathuna okhokho uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo na?” Inkosi yathi kimi: “Ukhala ngani na?” Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu. Ngathi enkosini: “Uma kukuhle emehlweni akho nkosi, nengikucelayo kwemukeleka kuwe, ngicela ukuba ungithumele kwaJuda, emzini wamathuna obabamkhulu, ukuba ngiyowakha kabusha.” Inkosi yathi kimi, nendlovukazi ihlezi eduze kwayo: “Uyohamba isikhathi esingakanani, futhi ubuye nini na?” Kwayithokozisa inkosi, yase ingivumela, nganquma isikhathi engiyobuya ngaso. Ngathi enkosini: “Uma kwemukelekile enkosini, manginikwe izincwadi engiyozethula kubabusi besifundazwe esisentshonalanga yomfula iYufrathe, ukuze banginike imvume yokudabula ngaphandle kwezihibe, ngize ngifike kwaJuda. Ngacela nencwadi eya ku-Asafa, umqaphi wehlathi lenkosi, eyayimyala ukuba anginike izingodo zokwakha imishayo yamasango enqaba yethempeli, izingange zomuzi nezendlu engangizohlala kuyo.” Inkosi yanginika konke engakucelayo, ngokuba isandla esihle sikaNkulunkulu sasinami. Inkosi yathumela izikhulu zempi nabagibele amahhashi ukuba bangiphelekezele. Ngafinyelela kubabusi besifundazwe esiseNtshonalanga yeYufrathe, ngabanika izincwadi ezazibhalwe yinkosi.
Funda UNehemiya 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UNehemiya 2:1-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo