UNehemiya 1:7-9
UNehemiya 1:7-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Senze ububi kuwe, asaze sayigcina imithetho, izimiso, nemiyalo owakunika uMose, inceku yakho. Khumbula owakusho kuMose lapho uthi: ‘Uma ningihlubuka ngizonihlakazela phakathi kwezizwe, kodwa uma nibuyela kimi, nibuye nigcine imithetho yami, nenze enganiyala ngakho, ngiyoniqoqa lapho nikhona, nginibuyisele endaweni engayiqokela ukuba iGama lami lihlale kuyo, ngisho noma ngabe nisemikhawulweni yomhlaba.’
UNehemiya 1:7-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Senzile kabi kakhulu kuwe, asigcinanga imiyalo, nezimiso, nezahlulelo owayala ngakho inceku yakho uMose. “Ake ulikhumbule izwi owayala ngalo inceku yakho uMose ngokuthi: ‘Uma niphambuka, mina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe; kepha uma nibuyela kimi, nigcine imiyalo yami, niyenze, noma abaxoshiweyo benu bebe semajukujukwini ezulu, ngiyakubabutha lapho nokho, ngibayise endaweni engiyikhethe ukubeka igama lami kuyo.’
UNehemiya 1:7-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Senze okubi kakhulu kuwe, asigcinanga imiyalo, nezimiso, nezahlulelo, owayala ngakho inceku yakho uMose. Khumbula izwi owayala ngalo inceku yakho uMose ngokuthi: Uma neqa, ngiyakunihlakazela ezizweni. Kodwa uma niphenduka kimi futhi nigcina imiyalelo yami futhi niyenze; noma babekhona abanye kini abaxoshwa kwaze kwaba sekugcineni kwezulu, nokho ngiyakubabutha lapho, ngibayise endaweni engiyikhethile ukuba ngimise igama lami khona.