UNehemiya 1:1-11

UNehemiya 1:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Amazwi kaNehemiya indodana kaHagaliya. Kwathi ngenyanga kaKislewu, ngomnyaka wamashumi amabili, ngisesigodlweni uSusan, Kwafika uHanani, omunye wabafowethu, yena namadoda akwaJuda; ngababuza ngabaJuda abakhululiweyo ababesele ekuthunjweni, langeJerusalema. Base bethi kimi: “Insali yabathunjwa ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; nogange lwaseJerusalema lwalubhidliziwe, namasango alo ashiswa ngomlilo. Kwathi lapho ngizwa lawa mazwi, ngahlala phansi, ngakhala, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu; wathi: “Ngiyakhuleka kuwe Jehova Nkulunkulu wezulu, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nesihawu kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe. Manje izindlebe zakho mazilalele, uvule amehlo akho, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwuthandaza manje phambi kwakho, imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli, izinceku zakho, nezono zabantwana bakwa-Israyeli. Singavuma, ukuthi sonile kuwe: mina nendlu kababa sonile. Senze okubi kakhulu kuwe, asigcinanga imiyalo, nezimiso, nezahlulelo, owayala ngakho inceku yakho uMose. Khumbula izwi owayala ngalo inceku yakho uMose ngokuthi: Uma neqa, ngiyakunihlakazela ezizweni. Kodwa uma niphenduka kimi futhi nigcina imiyalelo yami futhi niyenze; noma babekhona abanye kini abaxoshwa kwaze kwaba sekugcineni kwezulu, nokho ngiyakubabutha lapho, ngibayise endaweni engiyikhethile ukuba ngimise igama lami khona. Laba sebeyizinceku zakho nabantu bakho obahlengile ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esinamandla. Ngiyakuncenga, Jehova, ukuthi indlebe yakho mayizwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezesaba igama lakho; umusa emehlweni alendoda. Ngoba ngangingumphathizitsha wenkosi.

UNehemiya 1:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Nanka amazwi kaNehemiya, indodana kaHakaliya. Ngenyanga uKhisilevi, ngonyaka wama-20, ngiseShushani inhlokomuzi, uHanani, omunye wabafowethu, wafika evela kwaJuda, ehamba nesigejane samadoda. Ngababuza ngabaJuda ababesinde ekuthunjweni basala kwaJuda, nangesimo seJerusalema. Baphendula bathi: “Abasala esifundazweni sakwaJuda, abaze bathunjwa, basenkathazweni enkulu nasehlazweni; izingange zeJerusalema zidilizelwe phansi, namasango alo ashiswe ngomlilo.” Ngathi ukuba ngizwe lezo zindaba, ngahlala phansi, ngakhala, ngazila izinsuku eziningi, ngizile ukudla ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu. Ngathi: “Ngiyakunxusa Simakade, Nkulunkulu wezulu, Wena omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nothando olungenambandela kulabo abakuthandayo, begcina imithetho yakho. Beka indlebe yakho, ubheke ngamehlo akho, uzwe umkhuleko wenceku yakho ewukhuleka kuwe namuhla, imini nobusuku, ikhulekela izinceku zakho, abantu bakwa-Israyeli, ivuma izono zabakwa-Israyeli, esone ngazo kuwe. Mina nomndeni wami sonile. Senze ububi kuwe, asaze sayigcina imithetho, izimiso, nemiyalo owakunika uMose, inceku yakho. Khumbula owakusho kuMose lapho uthi: ‘Uma ningihlubuka ngizonihlakazela phakathi kwezizwe, kodwa uma nibuyela kimi, nibuye nigcine imithetho yami, nenze enganiyala ngakho, ngiyoniqoqa lapho nikhona, nginibuyisele endaweni engayiqokela ukuba iGama lami lihlale kuyo, ngisho noma ngabe nisemikhawulweni yomhlaba.’ “Bayizinceku zakho nabantu bakho owabophula ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esinamandla. Nkosi, ake ubeke indlebe yakho emthandazweni wenceku yakho nasemithandazweni yezinceku zakho ezikuthokozelayo ukudumisa iGama lakho. Iphumelelise inceku yakho namuhla, uyiphe umusa phambi kwalo muntu.” Ngaleso sikhathi ngangingumphathindebe wenkosi.

UNehemiya 1:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Amazwi kaNehemiya indodana kaHakaliya. Kwathi ngenyanga kaKhisilevi, ngomnyaka wamashumi amabili ngisendlini yenkosi yaseShushani, kwafika uHanani omunye wabafowethu, yena nabantu bakwaJuda; ngababuza ngabaJuda ababesele besindile ekuthunjweni nangeJerusalema. Bathi kimi: “Insali eseleyo ekuthunjweni lapho ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; ugange lwaseJerusalema lubhidliziwe, namasango alo ashisiwe ngomlilo.” Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi, ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu, ngathi: “Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho, ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho, lapho ngivuma izono zabantwana bakwa-Israyeli esone ngazo kuwe; yebo, nami nendlu kababa sonile. Senzile kabi kakhulu kuwe, asigcinanga imiyalo, nezimiso, nezahlulelo owayala ngakho inceku yakho uMose. “Ake ulikhumbule izwi owayala ngalo inceku yakho uMose ngokuthi: ‘Uma niphambuka, mina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe; kepha uma nibuyela kimi, nigcine imiyalo yami, niyenze, noma abaxoshiweyo benu bebe semajukujukwini ezulu, ngiyakubabutha lapho nokho, ngibayise endaweni engiyikhethe ukubeka igama lami kuyo.’ “Bayizinceku zakho nabantu bakho obahlengile ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esiqinileyo. Ngicela, Nkosi, ukuba indlebe yakho izwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezithokoza ngokwesaba igama lakho, uhlahlamelise inceku yakho namuhla, uyinike umusa emehlweni alo muntu.” Bheka, ngangingumphathisitsha wenkosi.