NgokukaMarku 9:14-50

NgokukaMarku 9:14-50 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi sebeza kubafundi, babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo. Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo, sagijimela kuye, sambingelela. Wayesebabuza ethi: “Nibuzana nabo ngantoni na?” Omunye wesixuku wamphendula wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu. Kuthi lapho eyibambayo, uyidonsela phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.” Waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.” Bayiletha kuye. Kwathi umoya embona, wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu. Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na? Wathi: “Kwasebuntwaneni. Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.” UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.” Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.” UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye, wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: “Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.” Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.” Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamvusa; wasukuma. Kuthe esengenile endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?” Wayesethi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla.” Bamuka lapho, badabula iGalile, wayengathandi ukuba kwaziwe muntu, ngokuba wabafundisa abafundi bakhe, wathi kubo: “INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuthi isibulewe, izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.” Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, besaba nokumbuza. Base beza eKapernawume. Kwathi esengene endlini, wababuza wathi: “Beniphendulana ngantoni endleleni na?” Kepha bathula, ngokuba bebekhulumisene endleleni ngokuthi ngubani omkhulu. Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.” Wayesethatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina akamukeli mina kodwa ongithumileyo.” UJohane wayesethi kuye: “Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli.” Kepha uJesu wathi: “Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami. Ngokuba ongamelene nathi ungakithi. Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe. Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwayo kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe elwandle. Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume; kungcono ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili, lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. Uma unyawo lwakho lukukhubekisa, lunqume; kungcono ungene ekuphileni ulunyonga kunokuba uphonswe esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili, lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe; kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni unamehlo omabili, lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. Ngokuba bonke bazakugqunyiswa ngomlilo. “Usawoti muhle, kepha uma usawoti engasenabusawoti, niyakumhlaziya ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”

NgokukaMarku 9:14-50 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Esefikile kubafundi bakhe, wabona isixuku esikhulu sibahaqile, nababhali bephikisana nabo. Kwathi masinyane isixuku sonke simbona samangala kakhulu, sagijimela kuye, sambingelela. Wababuza ababhali, wathi: “Niphikisana ngani nabo na? Omunye wesixuku waphendula wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu; Nomaphi lapho embamba khona, uyamdwengula, akhihlize amagwebu, agedle amazinyo, ashwaqeke; ngikhulume nabafundi bakho ukuba bawukhiphe; kepha abakwazanga. Wasephendula wathi kuye: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani? koze kube nini nginibekezelela? mletheni kimi. Basebemletha kuye; kwathi embona, masinyane umoya wamdweba; yawa phansi, yagiqika ikhihliza amagwebu. Wabuza kuyise wathi: “Sekulesikhathi esinganani enze lokhu kuye? Wathi: Kusukela ebuntwaneni. Umphose kaningi emlilweni nasemanzini ukuba umbhubhise; kepha uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize. UJesu wathi kuye: “Uma ukholwa, zonke izinto zingenzeka kokholwayo. Wahle wamemeza uyise womntwana, wathi ngezinyembezi: Ngiyakholwa, Nkosi; siza ukungakholwa kwami. UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima kanyekanye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala: phuma kuye, ungabe usangena kuye. Umoya wakhala, wamdwengula kabuhlungu, waphuma kuye; baze bathi: Ufile. Kodwa uJesu wambamba ngesandla, wamsukumisa; wasukuma. Esengene endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na? Wathi kubo: Loluhlobo alunakuphuma ngalutho, kuphela ngokukhuleka nokuzila ukudla. Basuka lapho, badabula iGalile; futhi wayengafuni ukuthi umuntu akwazi. Ngoba wayefundisa abafundi bakhe, wathi kubo: INdodana yomuntu inikelwa ezandleni zabantu, njalo bazayibulala; njalo emva kokuba esebulewe, uzavuka ngosuku lwesithathu. Kodwa kabaliqondanga lelolizwi, besaba ukumbuza. Wayesefika eKapernawume; esesendlini wababuza wathi: “Beniphikisana ngani endleleni na? Kodwa bathula, ngoba endleleni babephikisana bodwa ngokuthi ngubani omkhulu. Wayesehlala phansi, wabiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, uyakuba ngowokugcina kubo bonke nesigqila sabo bonke. Wathatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, wathi kubo. Loba ngubani owemukela abe munye wabantwana abanje ebizweni lami, uyangemukela mina; njalo loba ngubani ongamukela mina, kamukeli mina, kodwa loyo ongithumileyo. UJohane wamphendula wathi: “Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; Kodwa uJesu wathi: Lingamenqabeli, ngoba kakho owenza umsebenzi wamandla ebizweni lami, ongahle akhulume kubi ngami. Ngoba ongamelani lathi ungakithi. Ngoba loba ngubani ozalinathisa inkezo yamanzi ngenxa yebizo lami, ngoba lingabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe. Noma ngubani okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe olwandle. Njalo uba isandla sakho sikukhubekisa, siqume; lapho impethu yabo ingafi khona, nomlilo ongacimi. Njalo uba unyawo lwakho lukukhubekisa, luqume; lapho impethu yabo ingafi khona, nomlilo ongacimi. Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe; lapho impethu yabo ingafi khona, nomlilo ongacimi. Ngokuba yilowo nalowo uyakutswaywa ngomlilo, futhi wonke umhlatshelo utswaywe ngosawoti. Usawoti muhle, kepha uma usawoti edumele, ningawuthambisa ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.

NgokukaMarku 9:14-50 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi lapho sebefikile kubafundi, babona isixuku esikhulu sibangungile nezazimthetho ziqagulisana nabo. Isixuku sathi singambona uJesu samangala, sagijima saqonda kuye, sambingelela. Wayesebabuza ethi: “Yini eniphikisana ngayo nabo na?” Omunye wesixuku wamphendula, wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya wobumungulu. Njalo lapho uyibamba, uyiqumba phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, futhi yome ibe luqhotho. Ngikhulumile nabafundi bakho ukuba bawukhiphe, kodwa behluleka.” UJesu waphendula, wathi: “Maye, sizukulwane esingenakukholwa, kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.” Base beyiletha kuye. Kwathi umoya ungambona, wayihlukumeza kakhulu ngokushesha, yafumbeka phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu. UJesu wambuza uyise wathi: “Sekunesikhathi esingakanani kwenzeka kuyo lokhu na?” Wathi: “Kusukela isengumntwana. Lo moya usuyiphonse kaningi emlilweni nasemanzini ukuba uyibhubhise, kodwa uma unamandla okwenza okuthile, sihawukele, usisize.” UJesu wayesethi kuye: “Uthi: ‘Uma unamandla!’ Konke kuyenzeka kulowo okholwayo.” Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.” UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima siya ndawonye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala, ngithi kuwe: phuma kuye, ungaphindi futhi ungene kuye.” Umoya wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma kuye; umntwana waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.” Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamphakamisa; wayesesukuma. Sebengenile endlini, abafundi bakhe bambuza ngasese, bathi: “Kungani thina sehlulekile ukuwukhipha na?” UJesu wathi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka.” Basuka lapho, badabula iGalile; uJesu akathandanga ukuba kwazi muntu, ngokuba wayefundisa abafundi bakhe. Wathi kubo: “INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuyakuthi isibulewe, ivuke emva kwezinsuku ezintathu.” Kepha abakuqondanga lokho ayekusho, besaba nokumbuza. Base beya eKhaphernawume. Kwathi esengene endlini, wababuza, ethi: “Yini le ebeniqagulisana ngayo endleleni na?” Kepha bathula du, ngokuba babephikisana endleleni ngokuthi ngubani omkhulu. Wahlala phansi, wabiza abali-12, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke, nesikhonzi sabo bonke.” Wayesethatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, maqede wathi kubo: “Yilowo nalowo owamukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami, uyangamukela Mina. Ongamukelayo, akamukeli Mina nje, kodwa wamukela ongithumileyo.” UJohane wayesethi kuye: “Mfundisi, sibone umuntu ekhipha amadimoni ngegama lakho; samenqabela, ngokuba engesiye umlandeli wethu.” Kepha uJesu wathi: “Ningamenqabeli, ngokuba akekho owenza izimangaliso ngegama lami ongaguquka ngokuphazima kweso akhulume kabi ngami; ongamelene nathi, ungakithi. Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKhristu, ngiqinisile ngithi kini: akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe. “Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa kimi, kuyakuba ngcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe olwandle. “Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili. Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi. Uma unyawo lwakho lukukhubekisa, lunqume. Kungcono ungene ekuphileni uyinquge kunokuba uphonswe esihongweni, emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili. Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi. Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe. Kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uyindlobho kunokuba uphonswe esihongweni unamehlo omabili. Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi. “Yilowo nalowo uyovivinywa ngomlilo. “Usawoti muhle, kodwa uma usawoti usuduma, niyakuwubuyisela kanjani ubusawoti bawo na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”

NgokukaMarku 9:14-50 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi sebeza kubafundi, babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo. Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo, sagijimela kuye, sambingelela. Wayesebabuza ethi: “Nibuzana nabo ngantoni na?” Omunye wesixuku wamphendula wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu. Kuthi lapho eyibambayo, uyidonsela phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.” Waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.” Bayiletha kuye. Kwathi umoya embona, wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu. Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na? Wathi: “Kwasebuntwaneni. Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.” UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.” Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.” UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye, wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: “Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.” Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.” Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamvusa; wasukuma. Kuthe esengenile endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?” Wayesethi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla.” Bamuka lapho, badabula iGalile, wayengathandi ukuba kwaziwe muntu, ngokuba wabafundisa abafundi bakhe, wathi kubo: “INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuthi isibulewe, izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.” Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, besaba nokumbuza. Base beza eKapernawume. Kwathi esengene endlini, wababuza wathi: “Beniphendulana ngantoni endleleni na?” Kepha bathula, ngokuba bebekhulumisene endleleni ngokuthi ngubani omkhulu. Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.” Wayesethatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina akamukeli mina kodwa ongithumileyo.” UJohane wayesethi kuye: “Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli.” Kepha uJesu wathi: “Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami. Ngokuba ongamelene nathi ungakithi. Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe. Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwayo kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe elwandle. Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume; kungcono ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili, lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. Uma unyawo lwakho lukukhubekisa, lunqume; kungcono ungene ekuphileni ulunyonga kunokuba uphonswe esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili, lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe; kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni unamehlo omabili, lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. Ngokuba bonke bazakugqunyiswa ngomlilo. “Usawoti muhle, kepha uma usawoti engasenabusawoti, niyakumhlaziya ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”

NgokukaMarku 9:14-50 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)