NgokukaMakhu 9:14-50

NgokukaMakhu 9:14-50 ZUL20

Kwathi lapho sebefikile kubafundi, babona isixuku esikhulu sibangungile nezazimthetho ziqagulisana nabo. Isixuku sathi singambona uJesu samangala, sagijima saqonda kuye, sambingelela. Wayesebabuza ethi: “Yini eniphikisana ngayo nabo na?” Omunye wesixuku wamphendula, wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya wobumungulu. Njalo lapho uyibamba, uyiqumba phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, futhi yome ibe luqhotho. Ngikhulumile nabafundi bakho ukuba bawukhiphe, kodwa behluleka.” UJesu waphendula, wathi: “Maye, sizukulwane esingenakukholwa, kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.” Base beyiletha kuye. Kwathi umoya ungambona, wayihlukumeza kakhulu ngokushesha, yafumbeka phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu. UJesu wambuza uyise wathi: “Sekunesikhathi esingakanani kwenzeka kuyo lokhu na?” Wathi: “Kusukela isengumntwana. Lo moya usuyiphonse kaningi emlilweni nasemanzini ukuba uyibhubhise, kodwa uma unamandla okwenza okuthile, sihawukele, usisize.” UJesu wayesethi kuye: “Uthi: ‘Uma unamandla!’ Konke kuyenzeka kulowo okholwayo.” Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.” UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima siya ndawonye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala, ngithi kuwe: phuma kuye, ungaphindi futhi ungene kuye.” Umoya wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma kuye; umntwana waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.” Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamphakamisa; wayesesukuma. Sebengenile endlini, abafundi bakhe bambuza ngasese, bathi: “Kungani thina sehlulekile ukuwukhipha na?” UJesu wathi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka.” Basuka lapho, badabula iGalile; uJesu akathandanga ukuba kwazi muntu, ngokuba wayefundisa abafundi bakhe. Wathi kubo: “INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuyakuthi isibulewe, ivuke emva kwezinsuku ezintathu.” Kepha abakuqondanga lokho ayekusho, besaba nokumbuza. Base beya eKhaphernawume. Kwathi esengene endlini, wababuza, ethi: “Yini le ebeniqagulisana ngayo endleleni na?” Kepha bathula du, ngokuba babephikisana endleleni ngokuthi ngubani omkhulu. Wahlala phansi, wabiza abali-12, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke, nesikhonzi sabo bonke.” Wayesethatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, maqede wathi kubo: “Yilowo nalowo owamukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami, uyangamukela Mina. Ongamukelayo, akamukeli Mina nje, kodwa wamukela ongithumileyo.” UJohane wayesethi kuye: “Mfundisi, sibone umuntu ekhipha amadimoni ngegama lakho; samenqabela, ngokuba engesiye umlandeli wethu.” Kepha uJesu wathi: “Ningamenqabeli, ngokuba akekho owenza izimangaliso ngegama lami ongaguquka ngokuphazima kweso akhulume kabi ngami; ongamelene nathi, ungakithi. Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKhristu, ngiqinisile ngithi kini: akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe. “Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa kimi, kuyakuba ngcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe olwandle. “Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili. Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi. Uma unyawo lwakho lukukhubekisa, lunqume. Kungcono ungene ekuphileni uyinquge kunokuba uphonswe esihongweni, emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili. Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi. Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe. Kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uyindlobho kunokuba uphonswe esihongweni unamehlo omabili. Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi. “Yilowo nalowo uyovivinywa ngomlilo. “Usawoti muhle, kodwa uma usawoti usuduma, niyakuwubuyisela kanjani ubusawoti bawo na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”