NgokukaMarku 6:33-34
NgokukaMarku 6:33-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Abaningi sebebabona bemuka, baqonda, baze bagijimela khona ngezinyawo, bephuma kuyo yonke imizi, babandulela. Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.
NgokukaMarku 6:33-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Isixuku sababona bemuka, abaningi bamazi, bagijimela khona ngezinyawo, bephuma kuyo yonke imizi, babandulela, babuthana kuye. Kwathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, ngokuba babenjengezimvu ezingenamalusi; wayeseqala ukubafundisa okuningi.
NgokukaMarku 6:33-34 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Isixuku sababona bemuka, abaningi bamazi, bagijimela khona ngezinyawo, bephuma kuyo yonke imizi, babandulela, babuthana kuye. Kwathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, ngokuba babenjengezimvu ezingenamalusi; wayeseqala ukubafundisa okuningi.
NgokukaMarku 6:33-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Abaningi bababona behamba, baqonda ukuthi baya kuphi, base begijima ngezinyawo, besuka kuyo yonke imizana, bafika lapho kuqala kunabo. Esehlile uJesu, ephuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu, wasihawukela, ngokuba sasinjengezimvu ezingenamelusi; wayeseqala esifundisa okuningi.