NgokukaMarku 5:21-24
NgokukaMarku 5:21-24 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi uJesu esephinde wawelela ngaphesheya ngomkhumbi, kwabuthana kuye isixuku esikhulu; Bheka, kwafika omunye wabaphathi besinagoge, nguJayiru igama lakhe; kwathi embona wawa ngasezinyaweni zakhe. Wamncenga kakhulu, esithi: “Indodakazi yami encane isigulela ukufa; njalo uzaphila. UJesu wayesehamba naye; abantu abaningi bamlandela, bamminyezela.
NgokukaMarku 5:21-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe uJesu esewelele ngaphesheya futhi ngesikebhe, kwabuthana izindimbane zabantu kuye, engasolwandle. Kwafika omunye wabaphathi besinagoge, ogama lakhe nguJayiru. UJayiru wathi angambona uJesu, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe, wamncenga kakhulu, ethi: “Indodakazi yami isiyalayela, ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isinde, iphile.” UJesu wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samminyanisa.
NgokukaMarku 5:21-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona uJesu esebuye ewelele ngaphesheya ngomkhumbi, kwabuthana isixuku esikhulu kuye engaselwandle. Kwase kufika omunye wabaphathi besinagoge,* nguJayiru igama lakhe, owathi ukuba ambone, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe, wamncenga kakhulu, wathi: “Indodakazi yami isiyalela; ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile.” Wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samcindezela.
NgokukaMarku 5:21-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)