NgokukaMarku 4:37-40
NgokukaMarku 4:37-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwavuka isivunguvungu esikhulu somoya, amaza ashaya umkhumbi, waze wasugcwele. Yena wayengemuva emkhunjini elele emqamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awukhathali ukuthi siyabhubha na? Wasevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: Thula, uthi cwaka. Umoya wanqamuka, kwaba khona ukuthula okukhulu. Wathi kubo: “Nesabani kangaka na? Kanjani ukuba ningabi nalukholo?
NgokukaMarku 4:37-40 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwavuka isivunguvungu esikhulu somoya, amaza ashaya umkhumbi, waze wasugcwele. Yena wayengemuva emkhunjini elele emqamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awukhathali ukuthi siyabhubha na? Wasevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: Thula, uthi cwaka. Umoya wanqamuka, kwaba khona ukuthula okukhulu. Wathi kubo: “Nesabani kangaka na? Kanjani ukuba ningabi nalukholo?
NgokukaMarku 4:37-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kusenjalo kwavuka isivunguvungu esikhulu, amagagasi ayesizamazamisa kakhulu isikebhe futhi sesiqala ukugcwala amanzi. UJesu wayesemuva esikebheni elele esicamelweni, bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, wabhudla ubuthongo, sibhubha na?” Wayesevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Umoya wawusuthula, kwaba nokuthula okukhulu. Wayesethi kubo: “Yini nibe ngamagwala na? Anikabi nakukholwa namanje na?”
NgokukaMarku 4:37-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwase kuvuka isivunguvungu esikhulu somoya, amaza aphonseka phakathi emkhunjini, umkhumbi waze waqala ukugcwala. Kepha yena wayengasemuva emkhunjini elele esicamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awunaki, nakuba sibhubha, na?” Wayesevuka, wakhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Kwanqamuka umoya, kwaba khona ukuthula okukhulu. Wathi kubo: “Yini ukuba nesabe kangaka na? Yini ukuba ningabi nakukholwa na?”