NgokukaMarku 4:35-41
NgokukaMarku 4:35-41 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngalolo suku sekuhlwile, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya. Sebemukisile isixuku, bamthatha esemkhunjini. Kwakukhona neminye imikhumbi emincane kanye naye. Kwavuka isivunguvungu esikhulu somoya, amaza ashaya umkhumbi, waze wasugcwele. Yena wayengemuva emkhunjini elele emqamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awukhathali ukuthi siyabhubha na? Wasevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: Thula, uthi cwaka. Umoya wanqamuka, kwaba khona ukuthula okukhulu. Wathi kubo: “Nesabani kangaka na? Kanjani ukuba ningabi nalukholo? Basesaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: “Ubani lo, ukuthi nomoya nolwandle kumlalele?
NgokukaMarku 4:35-41 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe sekuhlwile ngalolo lusuku, wathi kubo: “Asiwelele ngaphesheya.” Base besishiya isixuku, bahamba naye njengoba ayesesikebheni, kwakunezinye izikebhe ezabe zihambisana kanye naye. Kusenjalo kwavuka isivunguvungu esikhulu, amagagasi ayesizamazamisa kakhulu isikebhe futhi sesiqala ukugcwala amanzi. UJesu wayesemuva esikebheni elele esicamelweni, bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, wabhudla ubuthongo, sibhubha na?” Wayesevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Umoya wawusuthula, kwaba nokuthula okukhulu. Wayesethi kubo: “Yini nibe ngamagwala na? Anikabi nakukholwa namanje na?” Base beba nokwesaba okukhulu, bakhuluma bodwa, bathi omunye komunye: “Kanti ungubani lo, lokhu ngisho umoya nolwandle kuyamlalela na?”
NgokukaMarku 4:35-41 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngalolo suku sekuhlwile, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya.” Base bemukisa isixuku, bahamba naye, njengalokho ebesemkhunjini; kwakukhona neminye imikhumbi ihambisana naye. Kwase kuvuka isivunguvungu esikhulu somoya, amaza aphonseka phakathi emkhunjini, umkhumbi waze waqala ukugcwala. Kepha yena wayengasemuva emkhunjini elele esicamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awunaki, nakuba sibhubha, na?” Wayesevuka, wakhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Kwanqamuka umoya, kwaba khona ukuthula okukhulu. Wathi kubo: “Yini ukuba nesabe kangaka na? Yini ukuba ningabi nakukholwa na?” Besaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: “Kanti lo ungubani, lokhu nomoya nolwandle kuyamlalela?”
NgokukaMarku 4:35-41 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)