NgokukaMarku 4:21-41

NgokukaMarku 4:21-41 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wayesethi kubo: “Imbala isibani siza ukuba sibekwe phansi kwesitsha nokuba phansi kombhede yini, singabekwa othini, na? Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlalukiswa; akukho okuyisifuba okungayikuba sobala. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.” Wayesethi kubo: “Qaphelani enikuzwayo; ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso, nenezelwe nina. Ngokuba onakho uyakuphiwa; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.” Wayesethi: “Unjalo umbuso kaNkulunkulu; unjengokuba umuntu ephonsa imbewu emhlabathini, alale, avuke ubusuku nemini, imibewu imile, ikhule, engazi ukuthi kanjani. Umhlabathi uthela isithelo ngokwawo, kuqala ikhaba, khona isikhwebu, besekuba yizinhlamvu ezipheleleyo esikhwetshini. Nxa sesivuthiwe isithelo, afake masinyane isikela, ngokuba ukuvuna sekufikile.” Wathi futhi: “Siyakuwufanisa nani umbuso kaNkulunkulu? Siyakuwuchaza ngamfanekiso muni na? Unjengenhlamvu yesinaphi ethi, nxa ihlwanyelwe emhlabathini, incinyane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni, kodwa nxa isihlwanyelwe imila ibe nkulu kunazo zonke izilimo, ixhante amagatsha amakhulu, ukuze izinyoni zezulu zakhele emthunzini wawo.” Walikhuluma izwi kubo ngemifanekiso eminingi enjalo njengamandla abo okuzwa; kodwa ngaphandle komfanekiso kakhulumanga kubo; kepha sebebodwa wabachasisela abafundi bakhe konke. Ngalolo suku sekuhlwile, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya.” Base bemukisa isixuku, bahamba naye, njengalokho ebesemkhunjini; kwakukhona neminye imikhumbi ihambisana naye. Kwase kuvuka isivunguvungu esikhulu somoya, amaza aphonseka phakathi emkhunjini, umkhumbi waze waqala ukugcwala. Kepha yena wayengasemuva emkhunjini elele esicamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awunaki, nakuba sibhubha, na?” Wayesevuka, wakhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Kwanqamuka umoya, kwaba khona ukuthula okukhulu. Wathi kubo: “Yini ukuba nesabe kangaka na? Yini ukuba ningabi nakukholwa na?” Besaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: “Kanti lo ungubani, lokhu nomoya nolwandle kuyamlalela?”

NgokukaMarku 4:21-41 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Wathi kubo: “Isibani siyalethwa ukuba sibekwe phansi kwesitsha noma ngaphansi kombhede na? futhi hhayi ukuthi ibekwe othini lwesibani? Ngokuba akukho okufihliweyo okungayikubonakaliswa; futhi akukho okufihliwe, ngaphandle kokuthi kuvele obala. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe. Wathi kubo: “Kuqapheleni enikuzwayo; Ngokuba onakho uyakuphiwa, kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. Wathi: “Umbuso kaNkulunkulu unjengoba umuntu ephonsa inhlanyelo emhlabathini; Alale, avuke ubusuku nemini, imbewu ihlume, ikhule, yena engazi ukuthi kanjani. Ngokuba umhlabathi uthela isithelo ngokwawo; kuqala ikhaba, kulandele isikhwebu, bese kuba amabele agcwele esikhwebu; Kodwa nxa isithelo sesivuthiwe, alifake masinyane isikela, ngoba ukuvuna sekufikile. Wasesithi: Sizawufanisa lani umbuso kaNkulunkulu? kumbe singakufanisa ngamuphi umfanekiso? Kunjengohlamvu lwesinaphi, okuthi, nxa luhlwanyelwa emhlabathini, lube luncane kuzo zonke izimbewu ezisemhlabeni; Kepha nxa selihlwanyelwe, liyakhula, libe likhulu kunemibhida yonke, kwenze amagatsha amakhulu; ukuze izinyoni zezulu zihlale emthunzini wawo. Walikhuluma izwi kubo ngemifanekiso eminingi enjalo, njengokuzwa kwabo. Kepha akakhulumanga kubo ngaphandle komfanekiso; kepha sebebodwa wabachazela abafundi bakhe zonke izinto. Ngalolo suku sekuhlwile, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya. Sebemukisile isixuku, bamthatha esemkhunjini. Kwakukhona neminye imikhumbi emincane kanye naye. Kwavuka isivunguvungu esikhulu somoya, amaza ashaya umkhumbi, waze wasugcwele. Yena wayengemuva emkhunjini elele emqamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awukhathali ukuthi siyabhubha na? Wasevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: Thula, uthi cwaka. Umoya wanqamuka, kwaba khona ukuthula okukhulu. Wathi kubo: “Nesabani kangaka na? Kanjani ukuba ningabi nalukholo? Basesaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: “Ubani lo, ukuthi nomoya nolwandle kumlalele?

NgokukaMarku 4:21-41 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu wayesethi kubo: “Ngabe isibani siyabekwa yini phansi kwesitsha noma phansi kombhede; kanti asibekwa othini na? Ngokuba akukho okusithekileyo okungayukubekwa obala, akukho okuyisifuba okungayukudalulwa. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.” Wayesethi kubo: “Kuqapheleni enikuzwayo, ngokuba ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso; kuze kwenezelwe. Ngokuba onakho uyakuphiwa, kodwa ongenakho uyakwemukwa ngisho nalokho anakho.” Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu unje: ufana nomhlwanyeli ophonsa imbewu emhlabathini, alale, avuke ubusuku nemini; imile imbewu, ikhule, kodwa engazi ukuthi lokho kwenzeka kanjani. Umhlabathi uthela isithelo ngokwawo; kuqala ikhaba, ukhahlele, kuvele izikhwebu, bese kuba nezinhlamvu ezipheleleyo kuso. Uma isithelo sesivuthwe ngokupheleleyo, usingenela ngesikela ngokushesha, ngokuba sekufike isikhathi sokuvuna.” Wabuye wathi: “Ngabe umbuso kaNkulunkulu siyakuwufanisa nani na? Mzekeliso muni esingawuchaza ngawo na? Singawufanisa nenhlamvu yesinaphu, ethi incane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni, kodwa kuthi lapho isihlwanyelwe, ikhule ibe nkulu kunakho konke okumilayo, ibe namagatsha amakhulu; izinyoni zezulu zakhe izidleke emthunzini wayo.” UJesu walisho izwi kubo ngemizekeliso eminingi enjalo, ngangokwamandla abo okuzwa. Akazange akhulume lutho kubo ngaphandle kwemizekeliso. Kepha sebebodwa ngasese, wayesebachasisela konke abafundi bakhe. Kuthe sekuhlwile ngalolo lusuku, wathi kubo: “Asiwelele ngaphesheya.” Base besishiya isixuku, bahamba naye njengoba ayesesikebheni, kwakunezinye izikebhe ezabe zihambisana kanye naye. Kusenjalo kwavuka isivunguvungu esikhulu, amagagasi ayesizamazamisa kakhulu isikebhe futhi sesiqala ukugcwala amanzi. UJesu wayesemuva esikebheni elele esicamelweni, bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, wabhudla ubuthongo, sibhubha na?” Wayesevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Umoya wawusuthula, kwaba nokuthula okukhulu. Wayesethi kubo: “Yini nibe ngamagwala na? Anikabi nakukholwa namanje na?” Base beba nokwesaba okukhulu, bakhuluma bodwa, bathi omunye komunye: “Kanti ungubani lo, lokhu ngisho umoya nolwandle kuyamlalela na?”

NgokukaMarku 4:21-41 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)