NgokukaMarku 16:15-20
NgokukaMarku 16:15-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wathi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa; kodwa ongakholwayo uyakulahlwa. Lalezizibonakaliso zizakubalandela abakholwayo; Ngegama lami bayokhipha amademoni; bayakukhuluma ngezilimi ezintsha; Bayakuphatha izinyoka; futhi uma bephuza okubulalayo, akusoze kwabalimaza; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, futhi bayakusinda. Khona emva kokuba iNkosi isikhulumile kubo, yenyuselwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu. Base bephuma, bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo. Amen.
NgokukaMarku 16:15-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. Okholwayo abhabhadiswe uyakusindiswa, kodwa ongakholwayo uyakulahlwa. Lezi zibonakaliso ziyakubonakala kwabakholwayo: Bayakukhipha amadimoni ngegama lami, bakhulume ngezilimi ezintsha. Bayakubamba izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akuyukuba nangozi kubo, bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.” Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu. Baphuma bashumayela ezindaweni zonke; iNkosi yayisebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezazibalandela.
NgokukaMarku 16:15-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa. Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo: ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha, baphathe izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba nangozi; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.” Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu. Kepha bona bephuma bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo.
NgokukaMarku 16:15-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)