NgokukaMarku 16:11-20
NgokukaMarku 16:11-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uMariya umbonile, abazange bakholwe. Emveni kwalokho wabonakala engesinye isimo kwababili babo ababehamba beya emzaneni. Nabo bahamba bayobikela abanye; nalabo abakholwanga. Kamuva wabonakala kwabali-11, behlezi bedla. Wabasola ngokungakholwa kwabo, nangobulukhuni bezinhliziyo zabo, ngokuba bengabakholwanga labo ababembonile esevukile. Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. Okholwayo abhabhadiswe uyakusindiswa, kodwa ongakholwayo uyakulahlwa. Lezi zibonakaliso ziyakubonakala kwabakholwayo: Bayakukhipha amadimoni ngegama lami, bakhulume ngezilimi ezintsha. Bayakubamba izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akuyukuba nangozi kubo, bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.” Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu. Baphuma bashumayela ezindaweni zonke; iNkosi yayisebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezazibalandela.
NgokukaMarku 16:11-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kodwa bona sebezwile ukuthi uyaphila lokuthi ubonwe nguye, kabakholwanga. Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni. Nabo bahamba babikela abanye; Emva kwalokho wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nobulukhuni benhliziyo, ngokuba bengakholwanga yilabo ababembonile esevusiwe. Wathi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa; kodwa ongakholwayo uyakulahlwa. Lalezizibonakaliso zizakubalandela abakholwayo; Ngegama lami bayokhipha amademoni; bayakukhuluma ngezilimi ezintsha; Bayakuphatha izinyoka; futhi uma bephuza okubulalayo, akusoze kwabalimaza; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, futhi bayakusinda. Khona emva kokuba iNkosi isikhulumile kubo, yenyuselwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu. Base bephuma, bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo. Amen.
NgokukaMarku 16:11-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi bona sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uboniwe nguye, abaze bakholwa. Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni. Nabo bahamba babikela abanye; nalabo abaze bakholwa. Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo, ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile. Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa. Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo: ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha, baphathe izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba nangozi; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.” Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu. Kepha bona bephuma bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo.
NgokukaMarku 16:11-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)