NgokukaMarku 15:21-47
NgokukaMarku 15:21-47 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Base becindezela odlulayo othile, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe. Bamyisa endaweni yaseGolgotha, okungukuthi ngokuhunyushwa, Indawo Yokhakhayi. Amnika iwayini elixutshwe nemore ukuba aliphuze; Sebembethele esiphambanweni, babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa ngazo, ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani. Kwakuyihora lesithathu bambethela esiphambanweni. Umbhalo wecala lakhe wawulotshiwe phezu kokuthi: INKOSI YABAJUDA. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili; omunye ngakwesokunene, lomunye ngakwesokhohlo sakhe. Kwasekugcwaliseka umbhalo othi: Wabalwa kanye lezoni. Labadlulayo bamthuka, benikina amakhanda abo, besithi: Hawu, wena odiliza ithempeli, ulakhe ngensuku ezintathu! Zisindise, wehle esiphambanweni. Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali, bathi: “Abanye wabasindisa; yena ngokwakhe akanakuzisindisa. UKristu iNkosi yakoIsrayeli akehle khathesi esiphambanweni, ukuze sibone sikholwe. Nababebethelwe kanye naye bamthuka. Kwathi sekufikile ihola lesithupha, kwaba lobumnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba lihola lesificamunwemunye. Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani? okungukuthi ngokuhunyushwa: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Labanye kwababemi khona besizwa bathi: Khangelani, ubiza uEliya. Wasegijima omunye, wagcwalisa uzipho ngeviniga, waluhloma emhlangeni, wamnika ukuthi anathe, esithi: Yekelani; ake sibone ukuthi uEliya uzakuza ukumehlisa yini. UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, waphuma. Iveyili lethempeli ladabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi. Kwathi induna yekhulu eyayimi maqondana laye ibona ukuthi wakhala ngokunjalo wafa, yathi: Ngeqiniso lumuntu ubeyiNdodana kaNkulunkulu. Kwakukhona nabesifazane bebukele bekude, phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncinyane nokaJose, noSalome; labo labo, eseGalile, bamlandela, bemkhonza, labanye abesifazana abanengi abenyukela laye eJerusalema. Manje sekuhlwile, ngoba kwakulilungiselelo, okungukuthi, usuku olwandulela isabatha. kweza uJosefa wase-Arimathiya, ilunga elidumileyo, naye owayelindele umbuso kaNkulunkulu, wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. UPilatu wamangala ngokuthi wayesefile yini, wabiza induna yekhulu, wayibuza ukuthi usenesikhathi efile yini. Esekwazi enduneni yekhulu, wamnika uJosefa isidumbu. Wathenga ilineni elicolekileyo, wamehlisa, wamsonga ngelineni elicolekileyo, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna. UMariya Magdalena noMariya unina kaJose babona lapho ayebekwe khona.
NgokukaMarku 15:21-47 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Baphoqa umuntu owayedlula ngendlela, evela endle, okwakuthiwa uSimoni waseKhurene, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba amthwalele isiphambano. Amabutho amyisa endaweni okuthiwa yiGolgotha okungukuthi: “INdawo Yekhanda.” Amnika iwayini elalixutshwe nemure, kodwa akalemukelanga. Ambethela esiphambanweni, abelana ngezingubo zakhe ngokwenza unkatho, ukuze kwazeke ukuthi yilowo nalowo uthathani. Kwase kuyihora lesithathu ngesikhathi embethela esiphambanweni. Umbhalo wecala abekwe lona wawulotshwe phezulu esiphambanweni sakhe, uthi: INKOSI YABAJUDA. Kwakunabaphangi ababili ababebethelwe kanye naye, omunye engakwesokunene sakhe, omunye engakwesokhohlo sakhe. Wagcwaliseka kanjalo umbhalo othi: “Wabalwa kanye nezelelesi.” Ababedlula lapho bamhlambalaza, benikina amakhanda, bethi: “Ashila, wena odiliza ithempeli ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise, wehle esiphambanweni.” Kanjalo nabaphristi abakhulu nezazimthetho, bambhinqa, bathi: “Wasindisa abanye, kodwa akakwazi ukuzisindisa. UKhristu, iNkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, ukuze sibone, sikholwe.” Nababebethelwe naye, bamhlambalaza. Ngehora lesithupha kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloyi, Eloyi, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye balabo ababemi lapho bekuzwa lokho, bathi: “Niyamuzwa-ke, ubiza u-Eliya.” Omunye wagijima, wagcwalisa ilula ngoviniga walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: “Yekani sibone ukuthi u-Eliya uzokuza yini azomehlisa.” UJesu wayesememeza ngezwi elikhulu, wafa. Isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusuka phezulu kuze kufike phansi. Kepha induna yekhulu eyayimi lapho iqondene naye, kwathi lapho imbona efa, yathi: “Impela lo muntu ubeyiNdodana kaNkulunkulu.” Kwakukhona nabesifazane ababebukela, bebuqamama. Phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, uSalome, uMariya ozala uJakobe omncane noJose. Laba babengabalandeli bakaJesu eseseGalile, bemkhonza. Kwakunabanye futhi abesifazane abaningi ababenyukele naye eJerusalema. Kwathi sekuhlwile, ngokuba kwakulusuku lokulungiselela usuku olwandulela isabatha, kwafika uJosefa wase-Arimatheya, ilunga elidumileyo lomkhandlu, owayewubhekile naye umbuso kaNkulunkulu; wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. UPilatu wamangala ukuthi uJesu wayesefile, waze wabiza induna yekhulu, wabuza kuyo ukuthi usefile yini na? Esezwile ngenduna yekhulu, wamnika uJosefa isidumbu. UJosefa wathenga indwangu yelineni, wamethula, wamsonga ngayo, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna. UMariya Magdalena noMariya, unina kaJose, babona lapho ayebekwe khona uJesu.
NgokukaMarku 15:21-47 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Acindezela umuntu obedlula, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe. Ayesemyisa endaweni yaseGolgotha okungukuthi ngokuhunyushwa iNdawo Yekhanda. Amnika iwayini elixutshwe nemure;* kepha akalamukelanga. Ayesembethela esiphambanweni, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho ngazo ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani. Kwakuyihora lesithathu esembethela esiphambanweni. Umbhalo wecala lakhe ubulotshiwe ngaphezulu wokuthi: INKOSI YABAJUDA. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo sakhe. Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: “Wabalwa kanye naboni.” Abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, bathi: “Eya wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu; zisindise, wehle esiphambanweni.” Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa bebodwa kanye nababhali, bathi: “Wasindisa abanye, angezisindise yena. UKristu, iNkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, ukuze sibone, sikholwe.” Nababebethelwe kanye naye bamdumaza. Sekufikile ihora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani?” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Bheka, ubiza u-Eliya.” Wayesegijima omunye, wagcwalisa ilula ngoviniga, walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: “Yekani, sibone uma u-Eliya eza ukumehlisa.” UJesu wayesememeza ngezwi elikhulu, wafa. Khona isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi. Kepha induna yekhulu eyayimi maqondana naye imbona efa ngokunjalo, yathi: “Nempela lo muntu ube yiNdodana kaNkulunkulu.” Kwakukhona nabesifazane bebukela, bekude; phakathi kwabo kwakukhona noMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncane nokaJose, kanye noSalome ababemlandela eseseGalile, bemkhonza, nabanye abesifazane abaningi abenyukela naye eJerusalema. Kwathi ukuba kuhlwe, ngokuba kwakulusuku lokulungisela okungukuthi olwandulela isabatha, kwafika uJosefa wase-Arimatheya, ilunga elidumileyo lomphakathi, owayewubheka naye umbuso kaNkulunkulu; wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Kepha uPilatu wamangala ngokuthi ngabe usefile, wabiza induna yekhulu, wabuza kuyo ukuthi sekukade efile na? Esezwile enduneni yekhulu wamnika uJosefa isidumbu. Wathenga indwangu enhle, wamehlisa, wamsonga ngaleyo ndwangu, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna. OMariya Magdalena noMariya unina kaJose babona lapho abekwa khona.
NgokukaMarku 15:21-47 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Base becindezela odlulayo othile, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe. Bamyisa endaweni yaseGolgotha, okungukuthi ngokuhunyushwa, Indawo Yokhakhayi. Amnika iwayini elixutshwe nemore ukuba aliphuze; Sebembethele esiphambanweni, babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa ngazo, ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani. Kwakuyihora lesithathu bambethela esiphambanweni. Umbhalo wecala lakhe wawulotshiwe phezu kokuthi: INKOSI YABAJUDA. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili; omunye ngakwesokunene, lomunye ngakwesokhohlo sakhe. Kwasekugcwaliseka umbhalo othi: Wabalwa kanye lezoni. Labadlulayo bamthuka, benikina amakhanda abo, besithi: Hawu, wena odiliza ithempeli, ulakhe ngensuku ezintathu! Zisindise, wehle esiphambanweni. Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali, bathi: “Abanye wabasindisa; yena ngokwakhe akanakuzisindisa. UKristu iNkosi yakoIsrayeli akehle khathesi esiphambanweni, ukuze sibone sikholwe. Nababebethelwe kanye naye bamthuka. Kwathi sekufikile ihola lesithupha, kwaba lobumnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba lihola lesificamunwemunye. Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani? okungukuthi ngokuhunyushwa: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Labanye kwababemi khona besizwa bathi: Khangelani, ubiza uEliya. Wasegijima omunye, wagcwalisa uzipho ngeviniga, waluhloma emhlangeni, wamnika ukuthi anathe, esithi: Yekelani; ake sibone ukuthi uEliya uzakuza ukumehlisa yini. UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, waphuma. Iveyili lethempeli ladabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi. Kwathi induna yekhulu eyayimi maqondana laye ibona ukuthi wakhala ngokunjalo wafa, yathi: Ngeqiniso lumuntu ubeyiNdodana kaNkulunkulu. Kwakukhona nabesifazane bebukele bekude, phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncinyane nokaJose, noSalome; labo labo, eseGalile, bamlandela, bemkhonza, labanye abesifazana abanengi abenyukela laye eJerusalema. Manje sekuhlwile, ngoba kwakulilungiselelo, okungukuthi, usuku olwandulela isabatha. Kweza uJosefa wase-Arimathiya, ilunga elidumileyo, naye owayelindele umbuso kaNkulunkulu, wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. UPilatu wamangala ngokuthi wayesefile yini, wabiza induna yekhulu, wayibuza ukuthi usenesikhathi efile yini. Esekwazi enduneni yekhulu, wamnika uJosefa isidumbu. Wathenga ilineni elicolekileyo, wamehlisa, wamsonga ngelineni elicolekileyo, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna. UMariya Magdalena noMariya unina kaJose babona lapho ayebekwe khona.