NgokukaMarku 15:1-5
NgokukaMarku 15:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Masinyane, ekuseni, abaphristi abakhulu, amalunga, izazimthetho nomkhandlu wonke bakha icebo, base bembopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu. UPilatu wambuza, wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Waphendula wathi kuye: “Usushilo.” Abaphristi abakhulu bamethwesa amacala amaningi. UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuziphenduleli ngalutho na? Bheka nje ukuthi maningi kangakanani amacala abakwethwesa wona.” Kepha uJesu akabuyanga waphendula utho, waze wamangala uPilatu.
NgokukaMarku 15:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu namalunga nababhali nomphakathi wonke benza icebo, bambopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Waphendula, wathi kuye: “Usho khona.” Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi. UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? Bheka, bakuthwesa icala ngokuningi kangaka.” Kodwa uJesu akabe esaphendula lutho, waze wamangala uPilatu.
NgokukaMarku 15:1-5 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu benza icebo namalunga nababhali nomphakathi wonke, bambopha uJesu bamuka naye, bamnikela kuPilatu. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? Wasephendula wathi kuye: Utsho wena. Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi, kepha akaphendulanga lutho. UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? bheka ukuthi zingaki izinto abafakaza ngazo ngawe. Kodwa uJesu akaphendulanga lutho; waze wamangala uPilatu.
NgokukaMarku 15:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)