NgokukaMarku 14:12-13,15-52

Marku 14:15-52 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Yena uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elenziwe lalungiswa; Abafundi bakhe basebephuma, baya emzini, bafumana kunjengokutshilo kwakhe kubo, balilungisa iphasika. Kwathi sekuhlwile wafika nabayishumi nambili. Kwathi behlezi bedla, uJesu wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu odla lami uzangithengisa. Base beqala ukudabuka, bathi kuye ngamunye ngamunye: “Kungabe yimi na? omunye wathi: Yimi yini? Wasephendula wathi kubo: Ngomunye wabalitshumi lambili, ocwilisa lami esitsheni. INdodana yomuntu iyamuka impela, njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekungaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga. Kwathi besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika, wathi: Thathani, lidle: lokhu kungumzimba wami. Waseyithatha inkezo, wabonga, wabanika, baphuza kuyo bonke. Wasesithi kubo: Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elichithelwa abanengi. Ngiqinisile ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo sisisha embusweni kaNkulunkulu. Sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo. UJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke. Kodwa emva kokuvuka kwami, ngizanandulela ukuya eGalili. Kodwa uPetro wathi kuye: Lanxa bonke bezakhubeka, mina kangisoze. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla, ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu. Kodwa waqinisa kakhulu wathi: Loba ngingaze ngife lawe, kangisoze ngikuphike. Ngokunjalo babuye bathi bonke. Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisakhuleka. Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukumangala nokukhathazeka kakhulu; wathi kubo: Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde. Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye isikhathi. Wathi: “Aba, Baba, zonke izinto zingenzeka kuwe; susa lesisitsha kimi, kodwa kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba kuthanda wena. Wasesiza, wabafica belele, wathi kuPetro: Simoni, ulele yini? Ubungekwazi ukulinda ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni. Umoya ulungile, kepha inyama ibuthakathaka. Wabuye wahamba, wakhuleka, esho wona lawo mazwi. Wasebuya wabafica belele, ngoba amehlo abo ayenzima; babengazi ukuthi bamphendule bathini. Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; kwanele; bheka, iNdodana yomuntu iyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani, sihambe; bhekani, ongikhaphelayo useduze. Masinyane, esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mthathe, nimuke naye ephephile. Esefikile wahle waya kuye, wathi: “Rabhi! wamanga. Basebebeka izandla phezu kwakhe, bambamba. Omunye kwababemi khona wahosha inkemba, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu waphendula, wathi kubo: “Niphumele ukungibamba ninezinkemba nezinduku ukungibamba kungathi nize kumphangi na? Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, aningibambanga, kepha kufanele kugcwaliseke imibhalo. Bamshiya bonke, babaleka. Kwalandela insizwa ethile, yembethe ilembu elicolekileyo emzimbeni onqunu. izinsizwa zambamba. Yayishiya ilineni, yababalekela inqunu.

NgokukaMakhu 14:15-52 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Yena uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo, lilungisiwe; silungiseleni khona.” Bahamba abafundi bafika emzini, bafica kunjengokuba eshilo; base belungisa iPhasika. Wafika kusihlwa nabali-12. Sebehlezi ekudleni, uJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini omunye phakathi kwenu, odla kanye nami, uzakungikhaphela.” Baqala ukuba nosizi, bathi kuye ngamunye: “Kungaba yimi na?” Wathi kubo: “Ngomunye wabali-12, okha kanye nami esitsheni. INdodana yomuntu izakuhamba njengalokhu kulotshiwe ngayo, kodwa maye, kulowo muntu iNdodana yomuntu eyakukhashelwa ngaye! Kuyakuba ngcono kulowo muntu ukuba kazalwanga.” Kuthe besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thathani lokhu: kungumzimba wami.” Wayesethabatha indebe, wabonga, wabanika, baphuza kuso bonke. Wathi kubo: “Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi. Ngiqinisile ngithi kini: angisayukuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo lusuku engiyakusiphuza ngalo sisisha embusweni kaNkulunkulu.” Kwathi sebehlabelele, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo. UJesu wathi kubo: “Nonke nizakukhubeka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umelusi, izimvu zihlakazeke.’ Kepha emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.” UPhethro wathi kuye: “Noma bonke bangakuhlamuka, kodwa mina ngeke.” UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: namhlanje, ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu.” Kepha uPhethro wagcizelela ngamandla, wathi: “Noma ngabe kubiza ukuba ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho kanjalo bonke. Base befika endaweni okuthiwa iGethsemane; wayesethi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisaya kokhuleka.” Wayesethatha uPhethro, uJakobe, noJohane; waqala ukubhocobala nokuba nosizi. Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.” Wayeseqhubeka ibangana, wawa phansi, wathandaza ukuba uma kungenzeka, mawedlule lo mzuzu. Wathi: “Abba, Baba! Konke kungenzeka kuwe. Susa kimi lesi sitsha, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kepha njengokuba Wena uthanda.” Wayesebuyela kubafundi bakhe, wabafumana belele; wayesethi kuPhethro: “Simoni, ulele na? Ubungelinde nje ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke ukuze ningangeni ekulingweni. Umoya uyavuma, kodwa inyama ibuthakathaka.” Wabuye wasuka wayokhuleka, ephinda lona lelo lizwi. Waphinde wabuyela kubo, wabafica futhi belele, ngokuba amehlo abo ayesinda ubuthongo; abazanga ukuthi bangamphendula bathini. Wabuyela kubo ngokwesithathu, wathi: “Namanje nisalele, niphumule. Kwanele, selifikile ihora; iNdodana yomuntu isizokhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani sihambe. Niyabona-ke, ongikhaphelayo usesondele.” Kuthe nje uJesu engakaligwinyi, kwase kufika uJuda, omunye wabali-12, nesixuku esihlome ngezinkemba nezinduku, sithunywe abaphristi abakhulu, izazimthetho namalunga. Lo omkhaphelayo wayebanike uphawu lokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mbambeni, nihambe naye nimqaphile.” Esefikile uJuda wasondela kuJesu ngokushesha, wathi: “Rabi!” Wayesemanga. Base bemdumela, bambopha. Omunye kwababemi lapho wahosha inkemba, wayigenca inceku yomphristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu wathatha wathi kubo: “Niphume sengathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukuba nizongibamba. Benginani imihla ngemihla ethempelini, ngifundisa, anizange ningibambe; kodwa ifanele ukugcwaliseka imibhalo.” Base bemshiya bonke, babaleka. Insizwa ethile eyayimlandela, yayembethe ingubo yelineni emzimbeni; bayibamba, kodwa yayishiya ingubo yayo yelineni, yabaleka inqunu.

NgokukaMarku 14:15-52 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Yena uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo, lilungisiwe; silungiseleni khona.” Bahamba abafundi bafika emzini, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika. Kusihlwa wafika nabayishumi nambili. Sebehlezi ekudleni, uJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini, odla nami, uzakungikhaphela.” Baqala ukudabuka, bathi kuye ngamunye: “Kungaba yimi na?” Wathi kubo: “Ngomunye wabayishumi nambili, okha kanye nami esitsheni. INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.” Kwathi besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.” Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika; baphuza kuso bonke. Wathi kubo: “Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi. Ngiqinisile ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo sisisha embusweni kaNkulunkulu.” Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo. UJesu wathi kubo: “Nonke nizakukhubeka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke.’ Kepha emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.” UPetru wathi kuye: “Noma beyakukhubeka bonke, hhayi mina.” UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namhlanje ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu.” Kepha waqinisa ngamandla, wathi: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho njalo bonke. Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka.” Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukuba novalo nosizi. Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.” Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu. Wathi: “Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.” Wayeseza, wabafumana belele; wathi kuPetru: “Simoni, ulele na? Ubungelinde ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.” Wabuye wasuka waya kukhuleka, esho lona lelo zwi. Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima; babengazi ukuthi bazakumphendula ngokuthini. Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula. Kwanele, ihora lifikile; bhekani, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani sihambe. Bhekani, ongikhaphelayo usesondele.” Khona masinyane esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mbambeni, nihambe naye, nimqinise.” Esefikile wasondela kuye masinyane, wathi: “Rabi!” Wamanga. Base bembeka izandla, bambamba. Omunye kwababemi khona wahosha inkemba, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu wathatha wathi kubo: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba. Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, anangibamba; kepha nga kugcwaliseka imibhalo.” Bamshiya bonke, babaleka. Insizwa ethile yamlandela yembethe indwangu nje emzimbeni; bayibamba. Yayisiyishiya indwangu, yabaleka ze.

Marku 14:15-52 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Yena uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elenziwe lalungiswa; Abafundi bakhe basebephuma, baya emzini, bafumana kunjengokutshilo kwakhe kubo, balilungisa iphasika. Kwathi sekuhlwile wafika nabayishumi nambili. Kwathi behlezi bedla, uJesu wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu odla lami uzangithengisa. Base beqala ukudabuka, bathi kuye ngamunye ngamunye: “Kungabe yimi na? omunye wathi: Yimi yini? Wasephendula wathi kubo: Ngomunye wabalitshumi lambili, ocwilisa lami esitsheni. INdodana yomuntu iyamuka impela, njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekungaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga. Kwathi besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika, wathi: Thathani, lidle: lokhu kungumzimba wami. Waseyithatha inkezo, wabonga, wabanika, baphuza kuyo bonke. Wasesithi kubo: Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elichithelwa abanengi. Ngiqinisile ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo sisisha embusweni kaNkulunkulu. Sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo. UJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke. Kodwa emva kokuvuka kwami, ngizanandulela ukuya eGalili. Kodwa uPetro wathi kuye: Lanxa bonke bezakhubeka, mina kangisoze. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla, ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu. Kodwa waqinisa kakhulu wathi: Loba ngingaze ngife lawe, kangisoze ngikuphike. Ngokunjalo babuye bathi bonke. Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisakhuleka. Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukumangala nokukhathazeka kakhulu; wathi kubo: Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde. Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye isikhathi. Wathi: “Aba, Baba, zonke izinto zingenzeka kuwe; susa lesisitsha kimi, kodwa kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba kuthanda wena. Wasesiza, wabafica belele, wathi kuPetro: Simoni, ulele yini? Ubungekwazi ukulinda ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni. Umoya ulungile, kepha inyama ibuthakathaka. Wabuye wahamba, wakhuleka, esho wona lawo mazwi. Wasebuya wabafica belele, ngoba amehlo abo ayenzima; babengazi ukuthi bamphendule bathini. Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; kwanele; bheka, iNdodana yomuntu iyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani, sihambe; bhekani, ongikhaphelayo useduze. Masinyane, esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mthathe, nimuke naye ephephile. Esefikile wahle waya kuye, wathi: “Rabhi! wamanga. Basebebeka izandla phezu kwakhe, bambamba. Omunye kwababemi khona wahosha inkemba, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu waphendula, wathi kubo: “Niphumele ukungibamba ninezinkemba nezinduku ukungibamba kungathi nize kumphangi na? Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, aningibambanga, kepha kufanele kugcwaliseke imibhalo. Bamshiya bonke, babaleka. Kwalandela insizwa ethile, yembethe ilembu elicolekileyo emzimbeni onqunu izinsizwa zambamba. Yayishiya ilineni, yababalekela inqunu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo