Marku 14:12-13, 15-52

Marku 14:12-13 CZB24

Kwathi ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo, lapho kuhlatshwa khona iphasika, abafundi bakhe bathi kuye: “Uthanda ukuba siye sikulungiselaphi ukuba udle iphasika na? Wathuma ababili kubafundi bakhe, wathi kubo: “Hambani niye emzini, khona niyakuhlangana nomuntu ethwele imbiza yamanzi

Funda Marku 14

Marku 14:15-52 CZB24

Yena uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elenziwe lalungiswa; Abafundi bakhe basebephuma, baya emzini, bafumana kunjengokutshilo kwakhe kubo, balilungisa iphasika. Kwathi sekuhlwile wafika nabayishumi nambili. Kwathi behlezi bedla, uJesu wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu odla lami uzangithengisa. Base beqala ukudabuka, bathi kuye ngamunye ngamunye: “Kungabe yimi na? omunye wathi: Yimi yini? Wasephendula wathi kubo: Ngomunye wabalitshumi lambili, ocwilisa lami esitsheni. INdodana yomuntu iyamuka impela, njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekungaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga. Kwathi besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika, wathi: Thathani, lidle: lokhu kungumzimba wami. Waseyithatha inkezo, wabonga, wabanika, baphuza kuyo bonke. Wasesithi kubo: Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elichithelwa abanengi. Ngiqinisile ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo sisisha embusweni kaNkulunkulu. Sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo. UJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke. Kodwa emva kokuvuka kwami, ngizanandulela ukuya eGalili. Kodwa uPetro wathi kuye: Lanxa bonke bezakhubeka, mina kangisoze. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla, ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu. Kodwa waqinisa kakhulu wathi: Loba ngingaze ngife lawe, kangisoze ngikuphike. Ngokunjalo babuye bathi bonke. Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisakhuleka. Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukumangala nokukhathazeka kakhulu; wathi kubo: Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde. Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye isikhathi. Wathi: “Aba, Baba, zonke izinto zingenzeka kuwe; susa lesisitsha kimi, kodwa kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba kuthanda wena. Wasesiza, wabafica belele, wathi kuPetro: Simoni, ulele yini? Ubungekwazi ukulinda ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni. Umoya ulungile, kepha inyama ibuthakathaka. Wabuye wahamba, wakhuleka, esho wona lawo mazwi. Wasebuya wabafica belele, ngoba amehlo abo ayenzima; babengazi ukuthi bamphendule bathini. Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; kwanele; bheka, iNdodana yomuntu iyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani, sihambe; bhekani, ongikhaphelayo useduze. Masinyane, esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mthathe, nimuke naye ephephile. Esefikile wahle waya kuye, wathi: “Rabhi! wamanga. Basebebeka izandla phezu kwakhe, bambamba. Omunye kwababemi khona wahosha inkemba, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu waphendula, wathi kubo: “Niphumele ukungibamba ninezinkemba nezinduku ukungibamba kungathi nize kumphangi na? Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, aningibambanga, kepha kufanele kugcwaliseke imibhalo. Bamshiya bonke, babaleka. Kwalandela insizwa ethile, yembethe ilembu elicolekileyo emzimbeni onqunu izinsizwa zambamba. Yayishiya ilineni, yababalekela inqunu.

Funda Marku 14

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 14:12-13, 15-52