NgokukaMarku 12:13-40

NgokukaMarku 12:13-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona abanye babaFarisi nabakaHerode bathunyelwa kuye ukuba bamhile ngezwi. Beza bathi kuye: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu, kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso. Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha? Sithele nokuba singatheli na?” Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu,* ngimbone.” Bamletha. Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?” Bathi kuye: “NgokaKesari.” UJesu wathi kubo: “Nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Bamangala ngaye. Khona kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engashiyi mntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa, owokuqala wathatha umfazi; wafa engashiyanga nzalo. Nowesibili wamthatha; naye wafa engashiyanga nzalo; kanjalo nowesithathu. Abayisikhombisa kabashiyanga nzalo. Ekugcineni kwabo bonke kwafa nomfazi. Ekuvukeni mhla bevukayo uyakuba ngumkabani kubo, lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo, na?” UJesu wathi kubo: “Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na? Ngokuba mhla bevuka kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa anifundanga yini encwadini kaMose ngesihlahla ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: ‘NginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo. Nidukile kakhulu.” Kwase kusondela omunye wababhali owayebezwile bebuzana, eqonda ukuthi wayebaphendule kahle, wambuza wathi: “Ngumuphi umyalo wokuqala kuyo yonke na?” UJesu waphendula wathi: “Owokuqala ngowokuthi: ‘Yizwa, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye. Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.’ Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.” Umbhali wayesethi kuye: “Yebo, Mfundisi, ushilo ngeqiniso ukuthi yinye, ayikho enye ngaphandle kwayo; futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.” UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: “Awukude nombuso kaNkulunkulu.” Akwabe kusabakho onesibindi sokumbuza. Khona uJesu efundisa ethempelini wabuza wathi: “Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na? UDavide uqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele ukuthi: “ ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.” ’ “UDavide uqobo lwakhe umbiza ngokuthi iNkosi. Pho, uyindodana yakhe kanjani na?” Isixuku esikhulu sasimuzwa ngokujabula. Ekufundiseni kwakhe wathi: “Xwayani ababhali abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini, nezihlalo eziphambili emasinagogeni,* nezindawo ezingenhla ekudleni, abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”

NgokukaMarku 12:13-40 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Bathumela kuye abanye babaFarisi nabakaHerode, ukuze bambambe ngamazwi akhe. Sebefikile bathi kuye: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, kawukhathali ngomuntu, ngoba kawubheki ubuso bomuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso: Kuvunyelwe yini ukuthela. kuKesari, noma qha? Siphe, noma singaphi na? Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Ngiletheleni udenariyo, ngibone. Base beyiletha. Wathi kubo: Ngokabani lo mfanekiso nombhalo na? Basebesithi kuye: KaKesari. UJesu waphendula wathi kubo: “Nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu. Bamangala ngaye. Khona kweza kuye abaSadusi, abathi akukho ukuvuka kwabafileyo; bambuza bathi. Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi: “Uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engashiyi bantwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi, wafa akashiyanga nzalo. Nowesibili wamthatha, wafa, akashiyanga nzalo; nowesithathu ngokunjalo. Bamthatha abayisikhombisa, abashiyanga nzalo; ekugcineni kwabo bonke nowesifazane wafa. Ngakho ekuvukeni kwabafileyo, lapho bevuka, uyakuba ngumkabani kubo na? ngoba abayisikhombisa babenaye engumkabo. UJesu waphendula, wathi kubo: “Aniduki ngalokho, ngokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na? Ngoba nxa bevuka kwabafileyo kabathathani, kabendiswa; kodwa banjengezingilosi ezisezulwini. Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa, anifundanga yini encwadini kaMose esihlahleni ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: “Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo, kepha unguNkulunkulu wabaphilayo; ngalokho niyaduka kakhulu nina. Kwasekusiza omunye wababhali, ebezwile bebuzana, ebona ukuthiubaphendule kuhle, wambuza wathi: Nguwuphi umlayo wokuqala kuyo yonke? UJesu wamphendula wathi: “Owokuqala kuyo yonke imiyalo ngothi: Yizwa, Israyeli; INkosi uNkulunkulu wethu yiNkosi eyodwa: Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho. Owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Awukho omunye umyalo omkhulu kunale. Umbhali wasesithi kuye: Kuhle, Mfundisi, ukhulume iqiniso, ngoba munye uNkulunkulu; futhi akakho omunye ngaphandle kwakhe. nokumthanda ngenhliziyo yonke, nangokuqonda konke, nangawo wonke umphefumulo, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo. UJesu ebona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: “Awukude nombuso kaNkulunkulu. Akwabakho muntu emva kwalokho owaba nesibindi sokumbuza. UJesu efundisa ethempelini waphendula wathi: “Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyiNdodana kaDavide na? Ngoba uDavida uqobo lwakhe ngoMoya oNgcwele wathi: INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo senyawo zakho. Ngakho uDavide ngokwakhe umbiza ngokuthi iNkosi; Pho uyindodana yakhe? Futhi abantukazana bamuzwa ngokuthokoza. Wasesithi kubo ekufundiseni kwakhe: Xwayani ababhali, abathanda ukuhamba bembethe izembatho ezinde, lokubingelelwa ezigcawini; lezihlalo eziqakathekileyo emasinagogeni lezihlalo eziphambili emadilini. abadla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa benza imithandazo emide; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.

NgokukaMarku 12:13-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Abanye babaFarisi nabalandeli bakaHerode bathunyelwa kuye ukuba bamhile ngezwi. Bafika kuye, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, futhi awuzikhathazi ngokuthi abantu bathini. Ngokuba awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso. Ngabe kuvunyelwe yini ukuthela intela kuKhesari noma qha na? Sithele yini noma singatheli?” Kepha Yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu, ngiwubone.” Bawuletha. Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?” Bathi kuye: “NgokaKhesari.” UJesu wathi kubo: “Nikani uKhesari okukaKhesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Bamangala ngaye. Kwase kufika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engenamntwana, umfowabo makamngene umkakhe, amvusele umfowabo abolibo. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa, owokuqala wathatha umfazi; wafa engashiyanga mntwana. Nowesibili wamthatha, naye wafa engazalanga mntwana, kanjalo nowesithathu. Abayisikhombisa bafa bengashiyanga mntwana; ekugcineni wafa nowesifazane. Ekuvukeni, mhla bevuswayo, uyakuba ngumkabani kubo, lokhu bonke abayisikhombisa ubengumkabo na?” UJesu wathi kubo: “Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na? Ngokuba mhla bevuka kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa, anifundanga yini encwadini kaMose ngasesihlahleni sameva ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: ‘NginguNkulunkulu ka-Abhrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe’ na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo, kodwa owabaphilayo. Niduke kakhulu.” Kwase kusondela kuJesu omunye wezazimthetho owayebezwile bebuzana, wabona ukuthi uJesu ubaphendule kahle, wambuza, wathi: “Yimuphi umyalo wokuqala kuyo yonke na?” UJesu waphendula wathi: “Owokuqala yilo othi: ‘Yizwa Israyeli, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye. Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo wonke amandla akho.’ Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunaleyo.” Isazimthetho sasesithi kuJesu: “Yebo, Mfundisi lokhu okushilo kuyiqiniso kokuthi yinye iNkosi nokuthi ayikho enye ngaphandle kwayo. Ukuyithanda ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla wonke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kuyayedlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.” UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: “Awukude nombuso kaNkulunkulu.” Akubange kusabakhona onesibindi sokumbuza. Kwathi uJesu esafundisa ethempelini wabuza, wathi: “Zikusho kanjani izazimthetho ukuthi uKhristu uyiNdodana kaDavide na? UDavide luqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele, wathi: “ ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.” ’ “UDavide luqobo umbiza ngokuthi yiNkosi. Pho-ke uyindodana yakhe kanjani na?” Isixuku esikhulu sasimlalele ngokujabula. Ngesikhathi efundisa, wathi: “Xwayani izazimthetho ezithanda ukuhamba zembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini, nezihlalo eziphambili emasinagogeni, nezindawo eziqavile emadilini, ezidla izindlu zabafelokazi, zithandaze isikhathi eside, zizenzisa. Laba bayakwemukeliswa ukulahlwa okukhulu.”

NgokukaMarku 12:13-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Bathumela kuye abanye babaFarisi nabakaHerode, ukuze bambambe ngamazwi akhe. Sebefikile bathi kuye: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, kawukhathali ngomuntu, ngoba kawubheki ubuso bomuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso: Kuvunyelwe yini ukuthela. KuKesari, noma qha? Siphe, noma singaphi na? Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Ngiletheleni udenariyo, ngibone. Base beyiletha. Wathi kubo: Ngokabani lo mfanekiso nombhalo na? Basebesithi kuye: KaKesari. UJesu waphendula wathi kubo: “Nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu. Bamangala ngaye. Khona kweza kuye abaSadusi, abathi akukho ukuvuka kwabafileyo; bambuza bathi. Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi: “Uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engashiyi bantwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi, wafa akashiyanga nzalo. Nowesibili wamthatha, wafa, akashiyanga nzalo; nowesithathu ngokunjalo. Bamthatha abayisikhombisa, abashiyanga nzalo; ekugcineni kwabo bonke nowesifazane wafa. Ngakho ekuvukeni kwabafileyo, lapho bevuka, uyakuba ngumkabani kubo na? ngoba abayisikhombisa babenaye engumkabo. UJesu waphendula, wathi kubo: “Aniduki ngalokho, ngokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na? Ngoba nxa bevuka kwabafileyo kabathathani, kabendiswa; kodwa banjengezingilosi ezisezulwini. Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa, anifundanga yini encwadini kaMose esihlahleni ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: “Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo, kepha unguNkulunkulu wabaphilayo; ngalokho niyaduka kakhulu nina. Kwasekusiza omunye wababhali, ebezwile bebuzana, ebona ukuthiubaphendule kuhle, wambuza wathi: Nguwuphi umlayo wokuqala kuyo yonke? UJesu wamphendula wathi: “Owokuqala kuyo yonke imiyalo ngothi: Yizwa, Israyeli; INkosi uNkulunkulu wethu yiNkosi eyodwa: Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho. Owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Awukho omunye umyalo omkhulu kunale. Umbhali wasesithi kuye: Kuhle, Mfundisi, ukhulume iqiniso, ngoba munye uNkulunkulu; futhi akakho omunye ngaphandle kwakhe. Nokumthanda ngenhliziyo yonke, nangokuqonda konke, nangawo wonke umphefumulo, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo. UJesu ebona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: “Awukude nombuso kaNkulunkulu. Akwabakho muntu emva kwalokho owaba nesibindi sokumbuza. UJesu efundisa ethempelini waphendula wathi: “Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyiNdodana kaDavide na? Ngoba uDavida uqobo lwakhe ngoMoya oNgcwele wathi: INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo senyawo zakho. Ngakho uDavide ngokwakhe umbiza ngokuthi iNkosi; Pho uyindodana yakhe? Futhi abantukazana bamuzwa ngokuthokoza. Wasesithi kubo ekufundiseni kwakhe: Xwayani ababhali, abathanda ukuhamba bembethe izembatho ezinde, lokubingelelwa ezigcawini; lezihlalo eziqakathekileyo emasinagogeni lezihlalo eziphambili emadilini. Abadla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa benza imithandazo emide; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.