NgokukaMarku 10:46-47
NgokukaMarku 10:46-47 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona bafika eJeriko. Kwathi esaphuma eJeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kaThimewu uBartimewu, isinxibi esiyimpumputhe, wayehlezi ngasendleleni. Wathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha, waqala ukumemeza ethi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
NgokukaMarku 10:46-47 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Bafika eJeriko; kwathi ephuma eJeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kaThimewu uBartimewu oyimpumputhe, wayehlezi ngasendleleni enxiba. Esezwile ukuthi nguJesu waseNazaretha, waqala ukumemeza, nokuthi: Jesu Ndodana kaDavide, ngihawukele!
NgokukaMarku 10:46-47 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bafika eJerikho. Ngesikhathi uJesu ephuma eJerikho nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, uBharthimewu owayeyimpumputhe eyisinqibi, eyindodana kaThimewu, wayehleli ngasendleleni. Kwathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha owayedlula, waqala ukumemeza ethi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
NgokukaMarku 10:46-47 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)