NgokukaMarku 10:1-31
NgokukaMarku 10:1-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wayesesuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya, ngaphesheya kweJordani; wabuye wabafundisa njengokwejwayela. Kwasekusiza kuye abaFarisi, bambuza bathi: Kuvunyelwe yini ukuthi indoda ilahle umkayo? emlinga. Wasephendula wathi kubo: UMozisi walilaya ngani? Basebesithi: UMozisi wavumela ukuloba incwadi yesahlukaniso, lokumala. UJesu waphendula, wathi kubo: Ngobulukhuni benhliziyo yenu walilobela lowomyalo. Kodwa kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. Ngenxa yalokhu indoda izatshiya uyise lonina, inamathele kumkayo; Labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungahlukaniswa muntu. Endlwini abafundi bakhe baphinda bambuza ngayo leyo nto. Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga kuye. Noma owesifazane elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga. Baletha kuye abantwana abancane ukuba abathinte; abafundi bakhe babakhuza. Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana abancane beze kimi, lingabenqabeli, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo. Wabagona, wabeka izandla phezu kwabo, wababusisa. Kwathi esephumela endleleni, kwagijima omunye, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: Mfundisi Olungileyo, ngenzeni ukuze ngidle ilifa lempilo elaphakade? UJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imilayo ethi: Ungafebi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, ungadlelezeli, yazisa uyihlo lonyoko. Waphendula wathi kuye: Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami. Khona uJesu embuka emthanda, wathi kuye: Inye into oyisweleyo: hamba, uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; mina. Wadabuka ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu. UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: “Kuyakuba lukhuni kangakanani kwabanengcebo ukungena embusweni kaNkulunkulu! Abafundi bamangala ngamazwi akhe. Kodwa uJesu waphinda waphendula, wathi kubo: Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabathemba inotho ukungena embusweni kaNkulunkulu! Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yenaliti, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu. Basebemangala kakhulukazi, bakhulumisana besithi: Pho kungasindiswa bani? UJesu wababheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo, ngokuba kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka. UPetro waseqala ukuthi kuye: Khangela, thina sitshiye konke, sakulandela. UJesu waphendula wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akakho oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amasimu ngenxa yami nangenxa yevangeli; Kodwa izakwemukeliswa kayikhulu khathesi ngalesisikhathi, izindlu, labafowabo, labodadewabo, labonina, labantwana, lamasimu, kanye lokuzingelwa; nasezweni elizayo ukuphila okuphakade. Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina; abokugcina kuqala.
NgokukaMarku 10:1-31 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaMarku 10:1-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eJudiya nangaphesheya kweJordani. Izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengasemihleni. Kwase kusondela abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo. Babemlinga. Kepha waphendula, wathi kubo: “Kanti uMose waniyala wathini na?” Bathi: “UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesehlukaniso, alahlwe.” UJesu wayesethi kubo: “UMose wanibhalela lo myalo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu. Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa, uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. Ngenxa yalokho, indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo. Labo ababili bayakuba nyamanye, ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungehlukaniswa ngumuntu.” Sebesendlini, abafundi babuye bambuza ngalokho. Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, unecala lokuphinga kumkakhe. Nowesifazane uma elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.” Base beletha kuye abantwana abancane ukuba abaphathe, kodwa abafundi babakhuza. UJesu ekubona lokho wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo ongawemukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.” Wayesebagona, wababusisa, ebeka izandla phezu kwabo. Ekuphumeni kwakhe, esendleleni, kweza kuye umuntu egijima, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzenjani ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade na?” Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Akekho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imiyalelo ethi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungaqhwagi muntu, hlonipha uyihlo nonyoko.” Kepha yena wathi: “Mfundisi, ngikugcinile konke lokho kusukela ebusheni bami.” UJesu wambheka, wamthanda, wayesethi kuye: “Kunye vo okusakusilele; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona-ke uzakuba nengcebo ezulwini, bese uza, ungilandele.” Kepha lelo lizwi lamnyukubalisa, waphindela emuva ebhocobele, ngokuba wayecebe kakhulu. UJesu waqalaza, wayesethi kubafundi bakhe: “Maye, kulukhuni kuyitshe kwabanothileyo ukuba bangene embusweni kaNkulunkulu!” Abethusa abafundi lawo mazwi akhe. UJesu waqhubeka wathi: “Bantwana, kulukhuni kakhulu ukungena embusweni kaNkulunkulu. Kulula ukuba ikameli lingene ngembobo yosungulo, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.” Bamangala kakhulu, omunye wathi komunye: “Pho ngubani ongasindiswa na?” UJesu wababuka, wayesethi kubo: “Lokho akunakwenzeka kubantu, kepha kuNkulunkulu akunjalo, ngokuba kuNkulunkulu konke kungenzeka.” UPhethro wayesethatha ethi kuye: “Uyabona, thina sikushiye konke, sakulandela.” UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amasimu ngenxa yami nangenxa yevangeli, ongayukwemukeliswa ngekhulu manje kulesi sikhathi: izindlu, abafowabo, odadewabo, onina, abantwana, amasimu, nokuhlushwa; esikhathini esizayo ukuphila okuphakade. Kepha abaningi abangabokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina bayakuba ngabokuqala.”
NgokukaMarku 10:1-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wasuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe. Kwase kusondela kuye abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga. Waphendula, wathi kubo: “UMose waniyala ngokuthini na?” Bathi: “UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe.” UJesu wayesethi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu wanilobela lowo myalo. Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu.” Besendlini abafundi babuye bambuza ngalokho. Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga kuye. Naye, uma elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.” Khona baletha kuye abantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi babakhuza. Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.” Wabagona, wababusisa ebeka izandla phezu kwabo. Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?” Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.” Kepha wathi kuye: “Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.” UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: “Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.” Kepha wanyukumala ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu. UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: “Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.” Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: “Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu. Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.” Bamangala kakhulu, bathi omunye komunye: “Pho, kungasindiswa bani na?” UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.” UPetru wathatha, wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela.” UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli, ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesi sikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade. Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala.”