NgokukaMarku 1:14-45

NgokukaMarku 1:14-45 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu, wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.” Kwathi edlula ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha elwandle, ngokuba babe ngabadobi. UJesu wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.” Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela. Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha. Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela. Bangena eKapernawume. Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni,* wafundisa. Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali. Kwakukhona-ke esinagogeni* umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza, wathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani – ungoNgcwele kaNkulunkulu.” UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!” Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye. Bethuka bonke, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.” Udumo lwakhe lwase lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile. Sebephume esinagogeni* bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane. Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye. Waya kuye, wamlulamisa embamba ngesandla; umkhuhlane wamyeka, wabakhonza. Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni. Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango. Waphulukisa abaningi abaphethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi, wayengawavumeli amademoni ukukhuluma, ngokuba ayemazi. Ekuseni kusemnyama kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona. USimoni nababe naye bamlandela ngokuphuthuma. Sebemfumene bathi kuye: “Bonke bayakufuna.” Wathi kubo: “Masiye kwezinye izindawo emizaneni eseduze ukuba ngishumayele nakhona; ngokuba ngiphumele khona lokho.” Wahamba eshumayela emasinagogeni* abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni. Kwafika kuye onochoko, wamncenga eguqa ngamadolo, ethi kuye: “Uma uthanda, ungangihlambulula.” UJesu wamhawukela, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Lwasuka masinyane uchoko kuye, wahlambuluka. Esemyalisisile washesha wammukisa, wathi kuye: “Bheka, ungasho lutho kumuntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho okwayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.” Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke.

NgokukaMarku 1:14-45 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi uJohane esebotshiwe, uJesu wafika eGalili, etshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu; Wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, nombuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe ivangeli. Esahamba ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi. UJesu wathi kubo: “Ngilandeleni, ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu. Base bewashiya masinyane amanetha abo, bamlandela. Wathi eqhubeka ingcosana, wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini belungisa amanetha abo. Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela. Bangena eKapernawume; kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni, wafundisa. Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba wabafundisa njengonegunya, kungenjengababhali. Kwakukhona esinagogeni labo umuntu onomoya ongcolileyo; wakhala. esithi: Ake siyeke; Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani, ungoNgcwele kaNkulunkulu. UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye! Umoya ongcolileyo wamdwengula, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye. Basebemangala bonke, baze babuzana besithi: Kuyini lokhu? Iyini imfundiso entsha le? ngoba ngegunya uyala lomoya abangcolileyo, bamlalele. Udumo lwakhe lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile. Base bephuma esinagogeni bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya kanye noJakobe noJohane. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane, bahle bamtshela ngaye. Wasondela, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane wamyeka masinyane, wabakhonza. Kwathi sekuhlwile, ilanga selishonile, baletha kuye bonke ababegula nababekhwelwe ngamademoni. Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango. Waphulukisa abaningi ababephethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi; njalo wayengawavumeli amadimoni ukuthi akhulume, ngoba ayemazi. Ekuseni kusesekuseni kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona. USimoni nababe naye bamlandela. Sebemtholile bathi kuye: Bonke bayakufuna. Wathi kubo: “Asihambe siye emizini eseduze, ukuze ngishumayele nakhona, ngokuba ngiphumele lokho. Wayeseshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni. Kwasekusiza kuye onochoko, emncenga, eguqa phambi kwakhe, esithi kuye: Uba uthanda, ungangihlambulula. UJesu waba nesihe, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka. Esakhuluma, basuka masinyane uchoko kuye, wahlanjululwa. Waseyilaya kakhulu, wayimukisa masinyane; Wathi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu lutho; Kepha yena waphuma, waqala ukumemezela kakhulu nokuyidalula leyondaba, kwaze kwaba yilapho uJesu engasenakukwazi ukungena emzini obala, kodwa waba ngaphandle ezindaweni eziyihlane

NgokukaMarku 1:14-45 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Emva kokuboshwa kukaJohane, uJesu wafika eGalile; washumayela ivangeli likaNkulunkulu, ethi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.” Kwathi uJesu edlula ngasolwandle iGalile, wabona uSimoni no-Andreya, umfowabo, bephonsa inetha olwandle, kwazise phela babengabadobi. UJesu wathi kubo: “Ngilandeleni. Ngizakunenza abadobi babantu.” Masinyane bashiya phansi amanetha abo, bamlandela. Esehambe ibangana elifishane, wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besesikebheni, belungisa amanetha abo. Wababiza, masinyane base bemshiya esikebheni uyise uZebedewu nezisebenzi eziqashiweyo, bamlandela. Base bengena eKhaphernawume; kwathi ngosuku lwesabatha, uJesu wangena esinagogeni, wafundisa. Abantu bamangaliswa ngukufundisa kwakhe, ngokuba wayebafundisa njengonegunya, hhayi njengezazimthetho. Khona manjalo esinagogeni labo kwakukhona umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza, wathi: “Ufunani kithi Wena Jesu waseNazaretha na? Uze ukuba uzosibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani – ungoNgcwele kaNkulunkulu.” UJesu wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi: “Thula uthi du, uphume kuye!” Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu; waphuma kuye. Bonke bethuka, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu na? Yisifundiso esisha, esinegunya; uyala ngisho nomoya abangcolileyo, bamlalele.” Udumo lwakhe lwasabalala ngokushesha kuso sonke isifunda eGalile. Sebephumile esinagogeni, baya masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane. Umkhwekazi kaSimoni wayelele, ephethwe ngumkhuhlane; baphangisa bambikela uJesu ngaye. Esesondele kuye, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane waphela; wabakhonza. Kwathi ngokuhlwa, ilanga selizilahle kunina, baletha kuye bonke abagulayo nabanamadimoni. Wonke umuzi wabuthana ngasemnyango waleyo ndlu. Waphilisa abaningi ababephethwe yizifo ezinhlobonhlobo, wakhipha amadimoni amaningi; akawavumelanga amadimoni ukuba akhulume, ngokuba ayemazi. Kwathi ekuseni ngovivi, wavuka, waphuma, waya endaweni eyihlane, wayokhuleka khona. USimoni nababenaye bamfuna. Kwathi ukuba bamfumane, bathi kuye: “Bonke bayakufuna.” Wathi kubo: “Masihambe siye nakwezinye izindawo, emizaneni eseduze, ukuze ngishumayele nakhona, ngokuba ngeza ngenxa yaleso sizathu.” Wahamba eshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, futhi ekhipha namadimoni. Kwase kufika kuye onochoko, wamncenga eguqe ngamadolo, ethi kuye: “Uma uthanda ungangihlambulula.” UJesu egcwele isihawu, welula isandla sakhe, wamthinta, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Masinyane lwaphela uchoko kuye, wahlambuluka. Esemdonsile ngendlebe, wammukisa ngokushesha, wathi kuye: “Uyabona-ke, ungathi vu kumuntu, kodwa hamba uzibonakalise kumphristi, unikele ngenxa yokuhlanjululwa kwakho, njengalokhu kwayala uMose, kube ngubufakazi kubo.” Kepha owayenochoko esephumile, waqala ukuyisabalalisa le ndaba, kangangokuthi uJesu akabange esakwazi ukungena emzini bembona; wahlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane. Nokho abantu beza kuye bevela nxazonke.

NgokukaMarku 1:14-45 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi uJohane esebotshiwe, uJesu wafika eGalili, etshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu; Wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, nombuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe ivangeli. Esahamba ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi. UJesu wathi kubo: “Ngilandeleni, ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu. Base bewashiya masinyane amanetha abo, bamlandela. Wathi eqhubeka ingcosana, wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini belungisa amanetha abo. Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela. Bangena eKapernawume; kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni, wafundisa. Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba wabafundisa njengonegunya, kungenjengababhali. Kwakukhona esinagogeni labo umuntu onomoya ongcolileyo; wakhala. Esithi: Ake siyeke; Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani, ungoNgcwele kaNkulunkulu. UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye! Umoya ongcolileyo wamdwengula, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye. Basebemangala bonke, baze babuzana besithi: Kuyini lokhu? Iyini imfundiso entsha le? ngoba ngegunya uyala lomoya abangcolileyo, bamlalele. Udumo lwakhe lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile. Base bephuma esinagogeni bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya kanye noJakobe noJohane. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane, bahle bamtshela ngaye. Wasondela, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane wamyeka masinyane, wabakhonza. Kwathi sekuhlwile, ilanga selishonile, baletha kuye bonke ababegula nababekhwelwe ngamademoni. Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango. Waphulukisa abaningi ababephethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi; njalo wayengawavumeli amadimoni ukuthi akhulume, ngoba ayemazi. Ekuseni kusesekuseni kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona. USimoni nababe naye bamlandela. Sebemtholile bathi kuye: Bonke bayakufuna. Wathi kubo: “Asihambe siye emizini eseduze, ukuze ngishumayele nakhona, ngokuba ngiphumele lokho. Wayeseshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni. Kwasekusiza kuye onochoko, emncenga, eguqa phambi kwakhe, esithi kuye: Uba uthanda, ungangihlambulula. UJesu waba nesihe, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka. Esakhuluma, basuka masinyane uchoko kuye, wahlanjululwa. Waseyilaya kakhulu, wayimukisa masinyane; Wathi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu lutho; Kepha yena waphuma, waqala ukumemezela kakhulu nokuyidalula leyondaba, kwaze kwaba yilapho uJesu engasenakukwazi ukungena emzini obala, kodwa waba ngaphandle ezindaweni eziyihlane