NgokukaMakhu 1:14-45

NgokukaMakhu 1:14-45 ZUL20

Emva kokuboshwa kukaJohane, uJesu wafika eGalile; washumayela ivangeli likaNkulunkulu, ethi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.” Kwathi uJesu edlula ngasolwandle iGalile, wabona uSimoni no-Andreya, umfowabo, bephonsa inetha olwandle, kwazise phela babengabadobi. UJesu wathi kubo: “Ngilandeleni. Ngizakunenza abadobi babantu.” Masinyane bashiya phansi amanetha abo, bamlandela. Esehambe ibangana elifishane, wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besesikebheni, belungisa amanetha abo. Wababiza, masinyane base bemshiya esikebheni uyise uZebedewu nezisebenzi eziqashiweyo, bamlandela. Base bengena eKhaphernawume; kwathi ngosuku lwesabatha, uJesu wangena esinagogeni, wafundisa. Abantu bamangaliswa ngukufundisa kwakhe, ngokuba wayebafundisa njengonegunya, hhayi njengezazimthetho. Khona manjalo esinagogeni labo kwakukhona umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza, wathi: “Ufunani kithi Wena Jesu waseNazaretha na? Uze ukuba uzosibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani – ungoNgcwele kaNkulunkulu.” UJesu wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi: “Thula uthi du, uphume kuye!” Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu; waphuma kuye. Bonke bethuka, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu na? Yisifundiso esisha, esinegunya; uyala ngisho nomoya abangcolileyo, bamlalele.” Udumo lwakhe lwasabalala ngokushesha kuso sonke isifunda eGalile. Sebephumile esinagogeni, baya masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane. Umkhwekazi kaSimoni wayelele, ephethwe ngumkhuhlane; baphangisa bambikela uJesu ngaye. Esesondele kuye, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane waphela; wabakhonza. Kwathi ngokuhlwa, ilanga selizilahle kunina, baletha kuye bonke abagulayo nabanamadimoni. Wonke umuzi wabuthana ngasemnyango waleyo ndlu. Waphilisa abaningi ababephethwe yizifo ezinhlobonhlobo, wakhipha amadimoni amaningi; akawavumelanga amadimoni ukuba akhulume, ngokuba ayemazi. Kwathi ekuseni ngovivi, wavuka, waphuma, waya endaweni eyihlane, wayokhuleka khona. USimoni nababenaye bamfuna. Kwathi ukuba bamfumane, bathi kuye: “Bonke bayakufuna.” Wathi kubo: “Masihambe siye nakwezinye izindawo, emizaneni eseduze, ukuze ngishumayele nakhona, ngokuba ngeza ngenxa yaleso sizathu.” Wahamba eshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, futhi ekhipha namadimoni. Kwase kufika kuye onochoko, wamncenga eguqe ngamadolo, ethi kuye: “Uma uthanda ungangihlambulula.” UJesu egcwele isihawu, welula isandla sakhe, wamthinta, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Masinyane lwaphela uchoko kuye, wahlambuluka. Esemdonsile ngendlebe, wammukisa ngokushesha, wathi kuye: “Uyabona-ke, ungathi vu kumuntu, kodwa hamba uzibonakalise kumphristi, unikele ngenxa yokuhlanjululwa kwakho, njengalokhu kwayala uMose, kube ngubufakazi kubo.” Kepha owayenochoko esephumile, waqala ukuyisabalalisa le ndaba, kangangokuthi uJesu akabange esakwazi ukungena emzini bembona; wahlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane. Nokho abantu beza kuye bevela nxazonke.

Video for NgokukaMakhu 1:14-45

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 1:14-45