NgokukaMathewu 9:18-38
NgokukaMathewu 9:18-38 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami ifa khona manje; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.” Wasuka-ke uJesu, wamlandela kanye nabafundi bakhe. Bheka, owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe. Ngokuba wayethi phakathi kwakhe: “Uma ngingathinta nje ingubo yakhe, ngizakusindiswa.” UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi. UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esixokozelayo, wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu. Isixuku sesikhishiwe, wangena, wayibamba ngesandla; yavuka intombazana. Udumo lwalokho lwezwakala ezweni lonke langakhona. Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, ndodana kaDavide!” Esengenile endlini, izimpumputhe zeza kuye. UJesu wathi kuzo: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?” Zathi kuye: “Yebo, Nkosi.” Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.” Ayesevuleka amehlo azo. UJesu waziyalisisa, wathi: “Qaphelani ukuba kungaziwa muntu.” Kepha zaphuma, zamdumisa kulo lonke lelo zwe. Ekuphumeni kwazo, bheka, kwalethwa kuye isimungulu esinedemoni. Idemoni selikhishiwe, isimungulu sakhuluma. Izixuku zamangala, zathi: “Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli.” Kepha abaFarisi bathi: “Ukhipha amademoni ngenkosi yamademoni.” UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nokugula konke. Kepha ebona izixuku wabanesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi. Wayesethi kubafundi bakhe: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana. Ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.”
NgokukaMathewu 9:18-38 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Esakhuluma lokho kubo, bheka, kwafika umbusi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isishonile; Wasuka uJesu, wamlandela, nabafundi bakhe. Bheka, kwafika emva kwakhe owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, wathinta umphetho wengubo yakhe; Ngoba wayesithi phakathi kwakhe: Uba ngingathinta nje isembatho sakhe, ngizasinda. Kepha uJesu waphenduka wambona wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile. Owesifazane wasinda kusukela kulelo hora. Kwathi uJesu efika endlini yombusi, ebona abezihabhu lexuku lixokozela; Wathi kubo: Sukani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele. Bamhleka usulu. Kodwa kwathi ixuku selikhitshiwe, wangena, wayibamba ngesandla, yasivuka intombazana. Udumo lwalokhu lwanda ezweni lonke. UJesu esesukile lapho, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, Ndodana kaDavide! Esengene endlini, izimpumputhe zeza kuye; uJesu wathi kuzo: “Niyakholwa ukuthi ngingakwenza lokhu na? Basebesithi kuye: Yebo, Nkosi. Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu. Asevuleka amehlo abo; uJesu wazilaya kakhulu, wathi: Qaphelani kungaziwa muntu. Kodwa sezihambile zalusakaza udumo lwakhe kulo lonke lelo zwe. Zisaphuma, bheka, kwaletha kuye isimungulu esikhwelwe lidemoni. Kuthe idemoni selikhishiwe, isimungulu sakhuluma, izixuku zamangala zathi: “Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli. Kepha abaFarisi bathi: “Ukhipha amademoni ngombusi wamademoni. UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nezifo zonke ebantwini. Kodwa ebona izixuku waba lesihelo ngazo, ngoba zazidiniwe, zihlakazekile njengezimvu ezingelamalusi. Wasesithi kubafundi bakhe: Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana; Ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.
NgokukaMathewu 9:18-38 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Esakhuluma lokho kubo; kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isanda kufa khona manje, kodwa woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.” UJesu wayesesuka-ke, wamlandela, ekanye nabafundi bakhe. Kwakukhona owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, wasondela emuva kukaJesu, wathinta umphetho wengubo yakhe. Ngokuba wayezindla, ethi: “Uma nje ngingathinta ingubo yakhe, ngizakusindiswa.” UJesu waphenduka, wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Owesifazane wasinda ngaleso sikhathi. UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esethukile, wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazane ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu. Kuthe isixuku sesikhishiwe, wangena, wayibamba ngesandla; yavuka intombazana. Umbiko ngalokhu wasabalala kulo lonke lelo lizwe. Ngenkathi uJesu edlula lapho, walandelwa yizimpumputhe ezimbili ezazimemeza zithi: “Ndodana kaDavide, sihawukele!” Esefikile endlini, izimpumputhe zeza kuye. UJesu wathi kuzo: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?” Zathi kuye: “Yebo, Nkosi.” Wayesethinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.” Ayesevuleka amehlo azo. UJesu wazidonsa ngendlebe, wathi: “Qaphelani ukuba lokhu kungaziwa muntu.” Kepha zathi ziphuma nje, zamdumisa kulo lonke lelo lizwe. Ngesikhathi ziphuma, kwalethwa kuye umuntu oyisimungulu enamadimoni. Kuthe selikhishiwe idimoni, isimungulu sakhuluma. Izixuku zamangala, zathi: “Hawu, akukaze kubonwe okunje kwa-Israyeli!” Kepha abaFarisi, bathi: “Ukhipha amadimoni ngombusi wamadimoni.” UJesu wahamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa bonke abanezifo ezahlukene, nokugula konke. Kwathi lapho ebona izixuku, waba nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zithithibele njengezimvu ezingenamalusi. Wayesethi kubafundi bakhe: “Isivuno sikhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana. Ngakho-ke nxusani iNkosi yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.”
NgokukaMathewu 9:18-38 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)