NgokukaMathewu 9:18-38

NgokukaMathewu 9:18-38 ZUL59

Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami ifa khona manje; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.” Wasuka-ke uJesu, wamlandela kanye nabafundi bakhe. Bheka, owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe. Ngokuba wayethi phakathi kwakhe: “Uma ngingathinta nje ingubo yakhe, ngizakusindiswa.” UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi. UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esixokozelayo, wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu. Isixuku sesikhishiwe, wangena, wayibamba ngesandla; yavuka intombazana. Udumo lwalokho lwezwakala ezweni lonke langakhona. Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, ndodana kaDavide!” Esengenile endlini, izimpumputhe zeza kuye. UJesu wathi kuzo: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?” Zathi kuye: “Yebo, Nkosi.” Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.” Ayesevuleka amehlo azo. UJesu waziyalisisa, wathi: “Qaphelani ukuba kungaziwa muntu.” Kepha zaphuma, zamdumisa kulo lonke lelo zwe. Ekuphumeni kwazo, bheka, kwalethwa kuye isimungulu esinedemoni. Idemoni selikhishiwe, isimungulu sakhuluma. Izixuku zamangala, zathi: “Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli.” Kepha abaFarisi bathi: “Ukhipha amademoni ngenkosi yamademoni.” UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nokugula konke. Kepha ebona izixuku wabanesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi. Wayesethi kubafundi bakhe: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana. Ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.”

Ividiyo ye- NgokukaMathewu 9:18-38