NgokukaMathewu 8:18-34

NgokukaMathewu 8:18-34 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi uJesu ebona izixuku ezinkulu zimphahlile, walaya ukuthi baye phesheya. Kwasekusiza umbhali othile wathi kuye: Mfundisi, ngizakulandela loba ngaphi lapho oya khona. UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda. Omunye wabafundi bakhe wathi kuye: Nkosi, ngivumele ngiqale ngiyengcwaba ubaba. Kodwa uJesu wathi kuye: Ngilandele; futhi abafileyo bayekele abafileyo babo. Esengenile emkhunjini, abafundi bakhe bamlandela. Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle, kangangokuthi umkhumbi wagutyungelwa amagagasi, kodwa yena wayelele. Kwasekusiza kuye abafundi bakhe bamvusa, besithi: Nkosi, sisindise, siyabhubha. Wathi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na? Wasevuka, wayikhuza imimoya nolwandle; kwaba khona ukuthula okukhulu. Kepha abantu bamangala, bathi: “Umuntu onjani lo ukuthi nemimoya nolwandle kuyamlalela na? Esefike ngaphesheya ezweni lamaGergasi, kwahlangana naye ababili ababenamademoni, bephuma emathuneni, benolaka olukhulu, kwaze kwangadlula muntu ngaleyondlela. Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu na? Uze lapha ukusihlupha singakafiki isikhathi? Kwakukhona khatshana labo umhlambi wezingulube ezinengi usidla. Amademoni amncenga, ethi: “Uma usikhipha, sivumele ukuba siye emhlambini wezingulube. Wasesithi kubo: Hambani. Seziphumile, zangena emhlambini wezingulube; Abelusi babaleka, baya emzini, babika konke, nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni. Bheka, umuzi wonke waphuma ukumhlangabeza uJesu; bathi bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yabo.

NgokukaMathewu 8:18-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu ebona isixuku simzungezile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya. Esinye isazimthetho seza kuye, sathi: “Mfundisi, ngizakukulandela, nomaphi lapho uya khona.” UJesu wayesethi kuso: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.” Kepha omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngihambe ngiyombela ubaba kuqala.” Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele, yekela abafileyo bambele abafileyo babo.” UJesu wayesengena esikebheni, abafundi bakhe bamlandela. Nakho-ke sekuvuka isiphepho esikhulu olwandle, isikebhe saze sambozwa ngamagagasi, kodwa uJesu wayelele. Basondela, bamvusa, bethi: “Nkosi, sisindise, siyabhubha.” UJesu wayesethi kubo: “Yini nesabe kangaka, nina eninokukholwa okuncane na?” Wavuka wayesewukhuza umoya nolwandle, kwaba nokuthula okukhulu. Abantu bamangala, bathi: “Unhloboni lo muntu olalelwa umoya nolwandle na?” Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, wahlangana nabantu ababili abanamadimoni, bephuma emathuneni. Babeyingozi kakhulu kangangokuthi kwakungekho muntu owayengalokotha adlule ngaleyo ndlela. Bezwakala sebememeza bethi: “Ufunani kithi Ndodana kaNkulunkulu na? Uze lapha ukuzosizwisa ubuhlungu, kungakabi yisikhathi na?” Kwakukhona buqamama umhlambi omkhulu wezingulube, ziklabile. Amadimoni amncenga, athi: “Uma usikhipha, sithumele singene emhlanjini wezingulube.” UJesu wathi kuwo: “Hambani.” Ayesephuma, angena ezingulubeni. Bheka, umhlambi wonke wakhalakathela esiweni, waphonseka olwandle, wafela emanzini. Ababezelusile babaleka, baya emzini, babika konke okwakwenzekile, nalokho okwakwenzeke kwabanamadimoni. Umuzi wonke waphuma ukuyobona uJesu; kwathi lapho bembona, bamncenga ukuba aphume aphele emingceleni yakwelakubo.

NgokukaMathewu 8:18-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya. Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.” UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.” Kodwa omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.” Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo.” Wayesengena emkhunjini; abafundi bakhe bamlandela. Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze wagujuzelwa ngamaza; kepha yena wayelele. Basondela, bamvusa, bathi: “Nkosi, sisindise, safa.” Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu. Kepha abantu bamangala, bathi: “Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na?” Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, kwahlangana naye ababili abakhwelwe ngamademoni, bephuma emathuneni, beyizidlova ezinkulu ngangokuba kwakungedlule muntu ngaleyo ndlela. Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?” Manje kwakukhona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi ziklabile. Amademoni amncenga athi: “Uma usikhipha, sithume ukuba singene emhlambini wezingulube.” Wathi kuwo: “Hambani.” Ayesephuma, angena ezingulubeni; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, wafela emanzini. Kodwa ababezalusa babaleka, baya emzini, babika konke, nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni. Bheka, umuzi wonke waphuma ukuyomhlangabeza uJesu; bathe bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yelakubo.

NgokukaMathewu 8:18-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)