NgokukaMathewu 6:7-15
NgokukaMathewu 6:7-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho maningafani nabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikusweleyo ningakaceli kuye. Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawufike. mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. Usiphe lamuhla isinkwa sethu sensuku zonke; Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi. Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen. Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uyakunithethelela nani; Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.
NgokukaMathewu 6:7-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha uma nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bacabanga ukuthi bayakuzwakala ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho-ke ningabi njengabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakakuceli. Ngakho-ke anokhuleka kanje: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; siphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; sithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’ “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. Kepha uma ningabathetheleli abantu, noYihlo akayukunithethelela iziphambeko zenu.
NgokukaMathewu 6:7-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho-ke maningafani nabo; ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakaceli kuye. Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’ “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.
NgokukaMathewu 6:7-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho maningafani nabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikusweleyo ningakaceli kuye. Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawufike. Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. Usiphe lamuhla isinkwa sethu sensuku zonke; Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi. Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen. Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uyakunithethelela nani; Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.