NgokukaMathewu 6:6-8
NgokukaMathewu 6:6-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala. Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho maningafani nabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikusweleyo ningakaceli kuye.
NgokukaMathewu 6:6-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. Kepha uma nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bacabanga ukuthi bayakuzwakala ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho-ke ningabi njengabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakakuceli.
NgokukaMathewu 6:6-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho-ke maningafani nabo; ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakaceli kuye.
NgokukaMathewu 6:6-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)