NgokukaMathewu 6:5-18

NgokukaMathewu 6:5-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo. Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala. Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho maningafani nabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikusweleyo ningakaceli kuye. Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawufike. mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. Usiphe lamuhla isinkwa sethu sensuku zonke; Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi. Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen. Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uyakunithethelela nani; Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu. Futhi nxa nizila ukudla, ningabi njengabazenzisi, ubuso obudangeleyo, ngokuba banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo. Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho; ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile, kodwa kuYihlo osekusithekeni

NgokukaMathewu 6:5-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bayathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo. Kepha nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. Kepha uma nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bacabanga ukuthi bayakuzwakala ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho-ke ningabi njengabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakakuceli. Ngakho-ke anokhuleka kanje: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; siphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; sithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’ “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. Kepha uma ningabathetheleli abantu, noYihlo akayukunithethelela iziphambeko zenu. “Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukubali njengabazenzisi, ngokuba bayabipha, ukuze babonwe ngabantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo. Kepha, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho, ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile, kodwa kuYihlo osekusithekeni; uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.”

NgokukaMathewu 6:5-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni* nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo. Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho-ke maningafani nabo; ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakaceli kuye. Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’ “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu. Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukumali njengabazenzisi; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo. Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho, ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile kodwa kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

NgokukaMathewu 6:5-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo. Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala. Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho maningafani nabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikusweleyo ningakaceli kuye. Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawufike. Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. Usiphe lamuhla isinkwa sethu sensuku zonke; Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi. Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen. Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uyakunithethelela nani; Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu. Futhi nxa nizila ukudla, ningabi njengabazenzisi, ubuso obudangeleyo, ngokuba banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo. Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho; ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile, kodwa kuYihlo osekusithekeni

NgokukaMathewu 6:5-18

NgokukaMathewu 6:5-18 ZUL59NgokukaMathewu 6:5-18 ZUL59