NgokukaMathewu 6:31-34
NgokukaMathewu 6:31-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina. Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso liyakukhathalela okwalo. Inkathazo yosuku yanele lona.”
NgokukaMathewu 6:31-34 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho ningakhathazeki nithi: Siyakudlani na? noma: Siyakuphuzani na? noma: Siyakwembatha ngani na? Ngokuba konke lokho abezizwe bayakufuna; ngokuba uYihlo osezulwini uyazi ukuthi niyakudinga lokho konke. Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu lokulunga kwakhe; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina. Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ikusasa liyazihlupha ngokwalo. Banele usuku ububi balo.
NgokukaMathewu 6:31-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina. Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.
NgokukaMathewu 6:31-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)