NgokukaMathewu 6:1-6
NgokukaMathewu 6:1-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Xwayani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini. Ngakho-ke nxa wabela izipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengokuba kwenza abazenzisi emasinagogeni nasezitaladini, ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo. Kepha wena nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene; ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni, noYihlo obona ekusithekeni uyakukuvuza. Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo. Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala.
NgokukaMathewu 6:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kepha qaphelani, ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuze nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini. “Ngakho-ke nxa upha ompofu, ungashayi icilongo utshela abanye, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo. Kepha nxa upha odingayo, isandla sakho sokhohlo masingakwazi okwenziwa ngesokunene, ukuze ukupha kwakho kube sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.” “Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bayathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo. Kepha nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.
NgokukaMathewu 6:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Xwayani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini. Ngakho-ke nxa wabela izipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengokuba kwenza abazenzisi emasinagogeni nasezitaladini, ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo. Kepha wena nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene; ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni, noYihlo obona ekusithekeni uyakukuvuza. Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo. Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala.
NgokukaMathewu 6:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kepha qaphelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini. “Ngakho-ke nxa wabela isipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni* nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo. Kepha wena, nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene, ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. “Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni* nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo. Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.