NgokukaMathewu 5:1-14
NgokukaMathewu 5:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ebona izixuku, wenyukela entabeni; esehlezi phansi, abafundi bakhe beza kuye. Wayesevula umlomo wakhe, wabafundisa wathi: “Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa. Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba. Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa. Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakubona uNkulunkulu. Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu. Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. “Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo. “Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu. “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.
NgokukaMathewu 5:1-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wathi ebona izixuku wenyukela entabeni; Wasevula umlomo wakhe, wabafundisa, wathi: Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa. Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba. Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa. Babusisiwe abahlanzekile enhliziyweni, ngokuba bayakubona uNkulunkulu. Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakubizwa ngokuthi ngabantwana bakaNkulunkulu. Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanandulele. Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? kusukela ngaleso sikhathi awusasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, nokunyathelwa ngabantu. Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi ophezu kwentaba awunakufihlakala.
NgokukaMathewu 5:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi uJesu ebona izixuku, wenyukela entabeni; esehlezi phansi, abafundi bakhe beza kuye. Wayesevula umlomo, waqala ukubafundisa, ethi: “Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa. Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba. Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa. Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakumbona uNkulunkulu. Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa ngabantwana bakaNkulunkulu. Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. “Nibusisiwe nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani, nithokoze ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaphrofethi abanenduleleyo.” “Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti uduma, ubusawoti bovuswa ngani na? Awunamsebenzi walutho, kuphela ukuba ulahlwe ngaphandle, unyathelwe ngabantu. “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhiwe entabeni ungesitheke.
NgokukaMathewu 5:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ebona izixuku, wenyukela entabeni; esehlezi phansi, abafundi bakhe beza kuye. Wayesevula umlomo wakhe, wabafundisa wathi: “Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa. Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba. Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa. Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakubona uNkulunkulu. Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu. Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. “Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo. “Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu. “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.
NgokukaMathewu 5:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)