Mathewu 5:1-14

Mathewu 5:1-14 CZB24

Wathi ebona izixuku wenyukela entabeni; Wasevula umlomo wakhe, wabafundisa, wathi: Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa. Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba. Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa. Babusisiwe abahlanzekile enhliziyweni, ngokuba bayakubona uNkulunkulu. Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakubizwa ngokuthi ngabantwana bakaNkulunkulu. Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanandulele. Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? kusukela ngaleso sikhathi awusasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, nokunyathelwa ngabantu. Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi ophezu kwentaba awunakufihlakala.

Funda Mathewu 5

Ividiyo ye- Mathewu 5:1-14