NgokukaMathewu 27:45-66

NgokukaMathewu 27:45-66 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kwathi ngehola lesificamunwemunye uJesu wamemeza ngelizwi elikhulu, wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Abanye kwababemi khona besizwa bathi: Lo ubiza uEliya. Wasegijima masinyane omunye kubo, wathatha uzipho, walugcwalisa ngoviniga, waluhloma emhlangeni, wamphuzisa. Abanye bathi: Yekelani, sibone ukuthi uEliya uzafika yini ukumsindisa. UJesu esephinde wamemeza ngezwi elikhulu, wawukhipha umoya. Bheka, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; Amathuna avuleka; nemizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu. Kwakukhona lapho abesifazana abanengi, bekhangele bekhatshana, ababelandele uJesu bevela eGalili, bemkhonza; phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe noJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Kwathi sekuhlwile, kweza umuntu ocebileyo wase-Arimathiya, ibizo lakhe linguJosefa, naye owayengumfundi kaJesu. Yena waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba isidumbu sikhululwe. Kwathi uJosefa esesithathile isidumbu, wasisonga ngendwangu yelineni ehlanzekileyo. Wawubeka ethuneni lakhe elisha abeligubhe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wamuka. Kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya, behlezi malungana nethuna. Kwathi ngangomuso, olulandela usuku lokulungisela, abapristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu; besithi: Nkosi, siyakhumbula ukuthi umkhohlisi lowo esaphila wathi: Emva kwezinsuku ezintathu ngizavuka. Ngakho yala ukuba liqiniswe ithuna kuze kube lusuku lwesithathu, hlezi abafundi bakhe beze ebusuku, bamebe, bathi ebantwini: Uvukile kwabafileyo; UPilatu wathi kubo: Ninabalindi; Bahamba-ke, baligcina ithuna, bebeka uphawu etsheni, nabalindi.

NgokukaMathewu 27:45-66 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kwathi ngehola lesificamunwemunye uJesu wamemeza ngelizwi elikhulu, wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Abanye kwababemi khona besizwa bathi: Lo ubiza uEliya. Wasegijima masinyane omunye kubo, wathatha uzipho, walugcwalisa ngoviniga, waluhloma emhlangeni, wamphuzisa. Abanye bathi: Yekelani, sibone ukuthi uEliya uzafika yini ukumsindisa. UJesu esephinde wamemeza ngezwi elikhulu, wawukhipha umoya. Bheka, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; Amathuna avuleka; nemizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu. Kwakukhona lapho abesifazana abanengi, bekhangele bekhatshana, ababelandele uJesu bevela eGalili, bemkhonza; phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe noJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Kwathi sekuhlwile, kweza umuntu ocebileyo wase-Arimathiya, ibizo lakhe linguJosefa, naye owayengumfundi kaJesu. yena waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba isidumbu sikhululwe. Kwathi uJosefa esesithathile isidumbu, wasisonga ngendwangu yelineni ehlanzekileyo. Wawubeka ethuneni lakhe elisha abeligubhe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wamuka. Kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya, behlezi malungana nethuna. Kwathi ngangomuso, olulandela usuku lokulungisela, abapristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu; besithi: Nkosi, siyakhumbula ukuthi umkhohlisi lowo esaphila wathi: Emva kwezinsuku ezintathu ngizavuka. Ngakho yala ukuba liqiniswe ithuna kuze kube lusuku lwesithathu, hlezi abafundi bakhe beze ebusuku, bamebe, bathi ebantwini: Uvukile kwabafileyo; UPilatu wathi kubo: Ninabalindi; Bahamba-ke, baligcina ithuna, bebeka uphawu etsheni, nabalindi.

NgokukaMathewu 27:45-66 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kusukela ngehora lesithupha, kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kepha ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye kwababemi lapho bekuzwa lokho, bathi: “Lo ubiza u-Eliya.” Omunye wabo wagijima, wathatha isiponji, wasicwilisa kuviniga, wayesesihloma emhlangeni, wamphuzisa. Kepha abanye bathi: “Myeke, sibone ukuthi u-Eliya uzakuza yini amsindise.” UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa. Isihenqo sethempeli sadabuka kabili; kusukela phezulu kuze kufike phansi. Umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka, kwavuleka amathuna, izidumbu eziningi zabangcwele ababelele, zavuswa; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. Induna yekhulu nalabo ababenayo beqaphe uJesu, bebona umhlaba uzamazama nalokho okwenzekileyo, besaba kakhulu, bathi: “Impela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.” Kwakukhona lapho abesifazane abaningi, ababemi buqamama, bebukela: babekadebemlandela uJesu, bevela eGalile, bemkhonza. Phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, uJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Sekuhlwile, kwafika umuntu ocebileyo wase-Arimatheya, igama lakhe nguJosefa, naye wayengumfundi kaJesu; waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. UPilatu wayalela ukuba anikwe sona. UJosefa wasithatha isidumbu, wasisonga ngendwangu yelineni enhle ehlanzekileyo; wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni; wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba. Kepha kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya, behleli phambi kwethuna. Ngakusasa, ngosuku olulandela uSuku Lokulungisela, abaphristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu, bathi: “Nkosi, siyakhumbula ukuthi lo mkhohlisi esaphila, wathi: ‘Emva kwezinsuku ezintathu, ngizakuvuka.’ “Ngakho-ke khipha umyalo ukuba iliba liqashelwe kuze kube lusuku lwesithathu, funa abafundi bakhe bafike bamebe, bese bethi kubantu: ‘Uvusiwe kwabafileyo;’ kuthi inkohliso yokugcina igqame ngokwedlulele kuneyakuqala.” UPilatu wathi kubo: “Nampa abalindi, hambani niliqaphe njengokubona kwenu.” Base behamba, balilinda iliba; babeka uphawu etsheni bekanye nabalindi.

NgokukaMathewu 27:45-66 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Lo ubiza u-Eliya.” Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza. Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.” UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa. Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.” Kwakukhona lapho abesifazane abaningi bebukela, bekude, ababemlandele uJesu bevela eGalile, bemkhonza; phakathi kwabo kwakukhona oMariya Magdalena, unina kaJakobe nokaJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Sekuhlwile, kwafika umuntu ocebileyo wase-Arimatheya, igama lakhe nguJosefa, owayengumfundi kaJesu naye; lo waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba anikwe sona. UJosefa wasithatha isidumbu, wasisonga ngendwangu enhle ehlanzekileyo, wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba. Kepha kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya behlezi phambi kweliba. Kepha ngangomuso okungolulandela usuku lokulungisela abapristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu, bathi: “Nkosi, sikhumbula ukuthi lowo mkhohlisi esekhona wathi: ‘Emva kwezinsuku ezintathu ngizakuvuka.’ Ngakho yala ukuba iliba ligcinwe kuze kube lusuku lwesithathu ukuba abafundi bakhe bangaze bafike bamebe, bathi kubantu: ‘Uvukile kwabafileyo;’ kuthi inkohliso yokugcina ibe mbi kuneyokuqala.” UPilatu wathi kubo: “Nampa abalindi; hambani niligcine njengokubona kwenu.” Base behamba, baligcina iliba, babeka uphawu etsheni bekanye nabalindi.