NgokukaMathewu 27:39-44
NgokukaMathewu 27:39-44 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, bathi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise, uma uyiNdodana kaNkulunkulu, wehle esiphambanweni.” Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali namalunga, bathi: “Wasindisa abanye, angezisindise yena; uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni, sikholwe nguye. Wethembile uNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ” Kepha nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye bamdumaza kanjalo.
NgokukaMathewu 27:39-44 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Abadlulayo bamthuka, benikina amakhanda abo. bethi: Wena odiliza ithempeli, ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise. Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni. Ngokunjalo labapristi abakhulu bamklolodela kanye lababhali labadala, bathi: Wasindisa abanye; yena ngokwakhe akanakuzisindisa. Uma eyinkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, futhi sizomkholwa. Wathembela kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu. Labaphangi ababebethelwe kanye laye, bamluma ngokunjalo.
NgokukaMathewu 27:39-44 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ababedlula bamhlambalaza, benikina amakhanda abo, bethi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise; uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni.” Kanjalo nabaphristi abakhulu nezazimthetho namalunga nabo bambhinqa, bathi: “Wasindisa abanye, kodwa akakwazi ukuzisindisa Yena. Uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni; sizakukholwa nguye. Wethembele kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ” Ngisho nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye, bamhlaza kanjalo.
NgokukaMathewu 27:39-44 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Abadlulayo bamthuka, benikina amakhanda abo. Bethi: Wena odiliza ithempeli, ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise. Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni. Ngokunjalo labapristi abakhulu bamklolodela kanye lababhali labadala, bathi: Wasindisa abanye; yena ngokwakhe akanakuzisindisa. Uma eyinkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, futhi sizomkholwa. Wathembela kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu. Labaphangi ababebethelwe kanye laye, bamluma ngokunjalo.