NgokukaMathewu 23:1-39

NgokukaMathewu 23:1-39 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe, wathi: “Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose. Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi; babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo. “Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu* abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho. Bathanda izindawo ezingenhla ekudleni nezihlalo eziphambili emasinagogeni,* nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’. “Kepha nina maningabizwa ngokuthi ‘Rabi’; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane. Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini. Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu. Kodwa omkhulu kini akabe yisikhonzi senu. Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthothiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa. “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena. Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide! Ngalokho-ke niyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu. “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite* lilinye, lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani! “Maye kinina baholi abayizimpumputhe enithi: ‘Ofunga ithempeli akulutho, kodwa ofunga igolide lethempeli uzibophile!’ Ziwula, zimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu kunegolide nethempeli elingcwelisa igolide na? Futhi: ‘Yilowo ofunga i-altare akulutho, kodwa ofunga umnikelo ophezu kwalo uzibophile.’ Zimpumputhe, yikuphi okukhulu kunomnikelo ne-altare elingcwelisa umnikelo na? Ngakho-ke ofunga i-altare ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo. Nofunga ithempeli ufunga lona nohlezi kulo. Nofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu nohlezi phezu kwaso. “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho. Baholi abayizimpumputhe, nihluza insensane, niginge ikamela. “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka! Mfarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo. “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke! Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi. “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaprofethi, nihlobisa amathuna abalungileyo! Nithi: ‘Uma sasikhona emihleni yawobaba, sasingayikuhlanganyela nabo egazini labaprofethi.’ Kanjalo niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi. Nani gcwalisani isilinganiso sawoyihlo. “Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na? Ngakho-ke, bhekani, mina ngithuma kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubabulala, nibabethele; abanye niyakubashaya emasinagogeni* enu, nibaxoshe imizi ngemizi ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare. Ngiqinisile ngithi kini: Konke lokhu kuyakufika phezu kwalesi sizukulwane. “Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga. Bhekani, indlu yenu isisala nani. Ngokuba ngithi kini: Anisayikungibona nize nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”

NgokukaMathewu 23:1-39 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe. esithi: Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMozisi; Ngakho-ke konke abalitshela khona, kugcineni, likwenze; kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo, ngokuba bayakhuluma, bangenzi. Ngokuba babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kodwa bona ngokwabo abafuni ukuwanyakazisa nangomunwe wawo. Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo; bathanda izihlalo eziphambili ekudleni, lezihlalo eziphambili emasinagogeni; nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi Rabi, Rabi. Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu; lani lonke lingabazalwane. Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo, ngokuba munye uYihlo osezulwini. Futhi ningabizwa ngokuthi abefundisi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu. Kodwa omkhulu phakathi kwenu kabe yinceku yenu. Nalowo oziphakamisayo uyathotshiswa; lalowo ozithobayo uzaphakanyiswa. Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene. Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide; Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nizungeza ulwandle nomhlaba ukwenza oyedwa ophendukela kumaJuda, futhi lapho esenziwe, nimenza umntwana wesihogo ngokuphindwe kabili kunani. Maye kini, baholi abayizimpumputhe, enithi: Noma ubani ofunga ithempeli akulutho; kodwa ofunga igolide lethempeli, ulomlandu. Ziwula nezimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu, igolide nethempeli elingcwelisa igolide na? Futhi: Ofunga i-altare akulutho; kepha ofunga umnikelo ophezu kwawo unecala. Ziwula nezimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu, umnikelo noma i-altare elingcwelisa umnikelo na? Ngakho-ke ofunga i-altare ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo. Futhi ofunga ithempeli ufunga lona langaye ohlala kulo. Nalowo ofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu nohlezi phezu kwaso. Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! Ngokuba nikhokha okweshumi kweminti, neanise, nekhumini, kepha niyeke okubaluleke kakhulu zomthetho, ukwahlulela, nesihawu, nokukholwa; Bakhokheli abayizimpumputhe, elihluza insensane, liginye ikamela. Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nihlanza ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele ukuphanga nokuxhashazwa. MFarisi oyimpumputhe, hlambulula kuqala okuphakathi kwenkezo noqwembe, ukuze kuhlanzeke nengaphandle lakho. Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nifana namathuna acakiwe, abonakala emahle ngaphandle, kepha ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke. Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kepha ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi. Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nakha amathuna abaprofethi, nihlobise amathuna abalungileyo; nithi: Uma sasikhona emihleni yawobaba, sasingayikuhlanganyela nabo egazini labaprofethi. Ngakho niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi. Gcwalisani-ke isilinganiso sawoyihlo. Zinyoka, nzalo yamabululu, lingakubalekela njani ukulahlwa kwesihogo? Ngakho-ke, bhekani, mina ngithumela kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubashaya emasinagogeni enu, nibazingele imizi ngemizi; ukuze kwehlele phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kufike egazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare. Ngiqinisile ngithi kini: Konke lokhu kuyakufika phezu kwalesi sizukulwane. Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho, njengesikhukhukazi sibuthela amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga! Bhekani, indlu yenu isisala nani. Ngokuba ngithi kini: Anisayikungibona kusukela manje, nize nithi: Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.

NgokukaMathewu 23:1-39 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe, wathi: “Izazimthetho nabaFarisi bahleli esihlalweni sikaMose. Ngakho-ke konke abanitshela khona kwenzeni, nikugcine, kodwa ningakwenzi abakwenzayo. Ngokuba bayakhuluma, kodwa bangakwenzi abakushoyo. Babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu, kodwa bona abafuni ngisho ukuyithinta ngomunwe wabo. “Yonke imisebenzi yabo bayenza ukuba babukwe ngabantu. Amabhande abo abawabopha ebunzini uma bekhuleka bawenza abe banzi, benze izinsephe ezinkulu. Bathanda ukuhlala ezindaweni eziqavile emadilini, nasezihlalweni eziphambili emasinagogeni, nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi: ‘Rabi.’ “Kepha-ke nina maningabizwa ngokuthi: ‘Rabi,’ ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalwane. Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi: ‘Baba,’ ngokuba munye uyihlo, osezulwini. Futhi ningabizwa ngokuthi ningabaholi, ngokuba munye umholi wenu, nguKhristu. Omkhulu kini makabe yisikhonzi senu. Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa. “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene. Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nenze imikhuleko emide nizenzisa! Ngakho-ke niyakwemukeliswa ukulahlwa okukhulu. “Maye, kinina zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba niwela ulwandle, nidabule amazwe ukuba nithole abe munye ophendukela enkolweni yenu, athi esephendukile, nimenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani! “Maye, kini baholi abayizimpumputhe, enithi: ‘Umuntu ofunga ithempeli akusho lutho lokho, kodwa lowo ofunga igolide lasethempelini uzibophile!’ Ziwula, zimpumputhe, kanti yikuphi okukhulu phakathi kwegolide nethempeli elingcwelisa igolide na? Nibuye nithi: ‘Yilowo ofunga i-althare akulutho lokho, kodwa ofunga umnikelo ophezu kwalo uzibophile.’ “Zimpumputhe, yikuphi okukhulu phakathi komnikelo ne-althare elingcwelisa umnikelo na? Ngakho-ke ofunga i-althare, ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo. Ofunga ithempeli, ufunga lona nohleli kulo. Nofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, nohlezi phezu kwaso. “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ninikela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, kodwa nikushaye indiva okudingwa ngumthetho: ubulungiswa, isihawu, nokukholwa! Benifanele ukwenza lokho, kodwa ningakuyeki nalokhu komthetho. Baholi abayizimpumputhe, nikhetha impukane kwenikuphuzayo, kodwa ningwinye ikameli. “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihlanza ingaphandle lenkezo nesitsha, kodwa ngaphakathi kugcwele impango nobugovu. MFarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo. “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namathuna acakiweyo, abonakala emahle ngaphandle kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke! Kanjalo nani; ingaphandle lenu libonakala kubantu lilungile, kanti ingaphakathi lenu ligcwele ukuzenzisa nobubi. “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaphrofethi, nihlobise amathuna abalungileyo! Nithi: ‘Ukuba sasikhona emihleni yobaba, sasingayukuhlanganyela nabo ekuchitheni igazi labaphrofethi.’ Ngakho-ke nizifakazela nina ukuthi ningamadodana alabo ababulala abaphrofethi. Salani senikufeza lokhu okwaqalwa ngoyihlomkhulu. “Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa esihogweni na? Ngalokho-ke bhekani, ngithumela kini abaphrofethi, abahlakaniphileyo nezazimthetho. Abanye niyakubabulala, abanye nibabethele, abanye nibashaye emasinagogeni enu, nibaxoshe imizi ngemizi. Liyakubizwa kini lonke igazi labalungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo, kuze kube kwelikaZakhariya indodana kaBharakiya, enambulala phakathi kwethempeli ne-althare. Ngiqinisile ngithi kini: konke lokhu kuyakwehlela phezu kwalesi sizukulwane. “Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaphrofethi, ubakhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi kangakanani ngilangazelela ukuqoqa abantwana bakho, ngibakhusele phansi kwamaphiko njengesikhukhukazi sikhusele amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga. Bhekani nje, indlu yenu enisele nayo, isisele dengwane. Ngokuba ngithi kini: anisayukubuye ningibone, nize nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”

NgokukaMathewu 23:1-39 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe. Esithi: Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMozisi; Ngakho-ke konke abalitshela khona, kugcineni, likwenze; kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo, ngokuba bayakhuluma, bangenzi. Ngokuba babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kodwa bona ngokwabo abafuni ukuwanyakazisa nangomunwe wawo. Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo; bathanda izihlalo eziphambili ekudleni, lezihlalo eziphambili emasinagogeni; nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi Rabi, Rabi. Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu; lani lonke lingabazalwane. Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo, ngokuba munye uYihlo osezulwini. Futhi ningabizwa ngokuthi abefundisi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu. Kodwa omkhulu phakathi kwenu kabe yinceku yenu. Nalowo oziphakamisayo uyathotshiswa; lalowo ozithobayo uzaphakanyiswa. Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene. Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide; Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nizungeza ulwandle nomhlaba ukwenza oyedwa ophendukela kumaJuda, futhi lapho esenziwe, nimenza umntwana wesihogo ngokuphindwe kabili kunani. Maye kini, baholi abayizimpumputhe, enithi: Noma ubani ofunga ithempeli akulutho; kodwa ofunga igolide lethempeli, ulomlandu. Ziwula nezimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu, igolide nethempeli elingcwelisa igolide na? Futhi: Ofunga i-altare akulutho; kepha ofunga umnikelo ophezu kwawo unecala. Ziwula nezimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu, umnikelo noma i-altare elingcwelisa umnikelo na? Ngakho-ke ofunga i-altare ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo. Futhi ofunga ithempeli ufunga lona langaye ohlala kulo. Nalowo ofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu nohlezi phezu kwaso. Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! Ngokuba nikhokha okweshumi kweminti, neanise, nekhumini, kepha niyeke okubaluleke kakhulu zomthetho, ukwahlulela, nesihawu, nokukholwa; Bakhokheli abayizimpumputhe, elihluza insensane, liginye ikamela. Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nihlanza ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele ukuphanga nokuxhashazwa. MFarisi oyimpumputhe, hlambulula kuqala okuphakathi kwenkezo noqwembe, ukuze kuhlanzeke nengaphandle lakho. Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nifana namathuna acakiwe, abonakala emahle ngaphandle, kepha ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke. Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kepha ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi. Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nakha amathuna abaprofethi, nihlobise amathuna abalungileyo; nithi: Uma sasikhona emihleni yawobaba, sasingayikuhlanganyela nabo egazini labaprofethi. Ngakho niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi. Gcwalisani-ke isilinganiso sawoyihlo. Zinyoka, nzalo yamabululu, lingakubalekela njani ukulahlwa kwesihogo? Ngakho-ke, bhekani, mina ngithumela kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubashaya emasinagogeni enu, nibazingele imizi ngemizi; ukuze kwehlele phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kufike egazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare. Ngiqinisile ngithi kini: Konke lokhu kuyakufika phezu kwalesi sizukulwane. Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho, njengesikhukhukazi sibuthela amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga! Bhekani, indlu yenu isisala nani. Ngokuba ngithi kini: Anisayikungibona kusukela manje, nize nithi: Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.