NgokukaMathewu 23:1-22

NgokukaMathewu 23:1-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe, wathi: “Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose. Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi; babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo. “Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu* abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho. Bathanda izindawo ezingenhla ekudleni nezihlalo eziphambili emasinagogeni,* nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’. “Kepha nina maningabizwa ngokuthi ‘Rabi’; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane. Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini. Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu. Kodwa omkhulu kini akabe yisikhonzi senu. Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthothiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa. “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena. Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide! Ngalokho-ke niyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu. “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite* lilinye, lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani! “Maye kinina baholi abayizimpumputhe enithi: ‘Ofunga ithempeli akulutho, kodwa ofunga igolide lethempeli uzibophile!’ Ziwula, zimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu kunegolide nethempeli elingcwelisa igolide na? Futhi: ‘Yilowo ofunga i-altare akulutho, kodwa ofunga umnikelo ophezu kwalo uzibophile.’ Zimpumputhe, yikuphi okukhulu kunomnikelo ne-altare elingcwelisa umnikelo na? Ngakho-ke ofunga i-altare ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo. Nofunga ithempeli ufunga lona nohlezi kulo. Nofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu nohlezi phezu kwaso.

NgokukaMathewu 23:1-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe. Esithi: Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMozisi; Ngakho-ke konke abalitshela khona, kugcineni, likwenze; kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo, ngokuba bayakhuluma, bangenzi. Ngokuba babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kodwa bona ngokwabo abafuni ukuwanyakazisa nangomunwe wawo. Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo; bathanda izihlalo eziphambili ekudleni, lezihlalo eziphambili emasinagogeni; nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi Rabi, Rabi. Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu; lani lonke lingabazalwane. Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo, ngokuba munye uYihlo osezulwini. Futhi ningabizwa ngokuthi abefundisi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu. Kodwa omkhulu phakathi kwenu kabe yinceku yenu. Nalowo oziphakamisayo uyathotshiswa; lalowo ozithobayo uzaphakanyiswa. Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene. Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide; Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nizungeza ulwandle nomhlaba ukwenza oyedwa ophendukela kumaJuda, futhi lapho esenziwe, nimenza umntwana wesihogo ngokuphindwe kabili kunani. Maye kini, baholi abayizimpumputhe, enithi: Noma ubani ofunga ithempeli akulutho; kodwa ofunga igolide lethempeli, ulomlandu. Ziwula nezimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu, igolide nethempeli elingcwelisa igolide na? Futhi: Ofunga i-altare akulutho; kepha ofunga umnikelo ophezu kwawo unecala. Ziwula nezimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu, umnikelo noma i-altare elingcwelisa umnikelo na? Ngakho-ke ofunga i-altare ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo. Futhi ofunga ithempeli ufunga lona langaye ohlala kulo. Nalowo ofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu nohlezi phezu kwaso.

NgokukaMathewu 23:1-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe. esithi: Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMozisi; Ngakho-ke konke abalitshela khona, kugcineni, likwenze; kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo, ngokuba bayakhuluma, bangenzi. Ngokuba babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kodwa bona ngokwabo abafuni ukuwanyakazisa nangomunwe wawo. Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo; bathanda izihlalo eziphambili ekudleni, lezihlalo eziphambili emasinagogeni; nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi Rabi, Rabi. Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu; lani lonke lingabazalwane. Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo, ngokuba munye uYihlo osezulwini. Futhi ningabizwa ngokuthi abefundisi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu. Kodwa omkhulu phakathi kwenu kabe yinceku yenu. Nalowo oziphakamisayo uyathotshiswa; lalowo ozithobayo uzaphakanyiswa. Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene. Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide; Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nizungeza ulwandle nomhlaba ukwenza oyedwa ophendukela kumaJuda, futhi lapho esenziwe, nimenza umntwana wesihogo ngokuphindwe kabili kunani. Maye kini, baholi abayizimpumputhe, enithi: Noma ubani ofunga ithempeli akulutho; kodwa ofunga igolide lethempeli, ulomlandu. Ziwula nezimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu, igolide nethempeli elingcwelisa igolide na? Futhi: Ofunga i-altare akulutho; kepha ofunga umnikelo ophezu kwawo unecala. Ziwula nezimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu, umnikelo noma i-altare elingcwelisa umnikelo na? Ngakho-ke ofunga i-altare ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo. Futhi ofunga ithempeli ufunga lona langaye ohlala kulo. Nalowo ofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu nohlezi phezu kwaso.

NgokukaMathewu 23:1-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe, wathi: “Izazimthetho nabaFarisi bahleli esihlalweni sikaMose. Ngakho-ke konke abanitshela khona kwenzeni, nikugcine, kodwa ningakwenzi abakwenzayo. Ngokuba bayakhuluma, kodwa bangakwenzi abakushoyo. Babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu, kodwa bona abafuni ngisho ukuyithinta ngomunwe wabo. “Yonke imisebenzi yabo bayenza ukuba babukwe ngabantu. Amabhande abo abawabopha ebunzini uma bekhuleka bawenza abe banzi, benze izinsephe ezinkulu. Bathanda ukuhlala ezindaweni eziqavile emadilini, nasezihlalweni eziphambili emasinagogeni, nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi: ‘Rabi.’ “Kepha-ke nina maningabizwa ngokuthi: ‘Rabi,’ ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalwane. Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi: ‘Baba,’ ngokuba munye uyihlo, osezulwini. Futhi ningabizwa ngokuthi ningabaholi, ngokuba munye umholi wenu, nguKhristu. Omkhulu kini makabe yisikhonzi senu. Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa. “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene. Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nenze imikhuleko emide nizenzisa! Ngakho-ke niyakwemukeliswa ukulahlwa okukhulu. “Maye, kinina zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba niwela ulwandle, nidabule amazwe ukuba nithole abe munye ophendukela enkolweni yenu, athi esephendukile, nimenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani! “Maye, kini baholi abayizimpumputhe, enithi: ‘Umuntu ofunga ithempeli akusho lutho lokho, kodwa lowo ofunga igolide lasethempelini uzibophile!’ Ziwula, zimpumputhe, kanti yikuphi okukhulu phakathi kwegolide nethempeli elingcwelisa igolide na? Nibuye nithi: ‘Yilowo ofunga i-althare akulutho lokho, kodwa ofunga umnikelo ophezu kwalo uzibophile.’ “Zimpumputhe, yikuphi okukhulu phakathi komnikelo ne-althare elingcwelisa umnikelo na? Ngakho-ke ofunga i-althare, ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo. Ofunga ithempeli, ufunga lona nohleli kulo. Nofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, nohlezi phezu kwaso.