NgokukaMathewu 21:18-22
NgokukaMathewu 21:18-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi ebuyela emzini ekuseni, walamba. Wabona umkhiwane ngasendleleni, waya kuwo, akafumananga lutho kuwo, amaqabunga kuphela; Umkhiwane wabuna masinyane. Sebekubona lokho abafundi bakhe bamangala, bathi: “Umkhiwane ubune masinyane kangakanani na? UJesu waphendula wathi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Uba lilokholo, lingathandabuzi, kaliyikwenza lokhu emkhiwaneni kuphela, kodwa loba lisithi kulentaba: Suka; uphonseke elwandle; kuyakwenziwa. Nakho konke eniyakukucela ngokukhuleka nikholwa, niyakwamukeliswa.
NgokukaMathewu 21:18-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ebuyela emzini ekuseni, walamba. Wabona umkhiwane ngasendleleni, waya kuwo, akafumananga lutho kuwo, amaqabunga kuphela; Umkhiwane wabuna masinyane. Sebekubona lokho abafundi bakhe bamangala, bathi: “Umkhiwane ubune masinyane kangakanani na? UJesu waphendula wathi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Uba lilokholo, lingathandabuzi, kaliyikwenza lokhu emkhiwaneni kuphela, kodwa loba lisithi kulentaba: Suka; uphonseke elwandle; kuyakwenziwa. Nakho konke eniyakukucela ngokukhuleka nikholwa, niyakwamukeliswa.
NgokukaMathewu 21:18-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha ekuseni, ekhuphukela emzini, walamba. Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, waya kuwo, kodwa akatholanga lutho kuwo, ngaphandle kwamaqabunga kuphela. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna ngaso leso sikhathi. Bekubona lokho abafundi bamangala, bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane kanje na?” UJesu wabaphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma nikholwa ningangabazi, aniyukwenza kuphela lokhu okwenzeke emkhiwaneni, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Zimbuka, uphonseke olwandle,’ lokho kuyakwenzeka. Konke eniyakukucela emkhulekweni, nikholwa, niyakukwamukeliswa.”
NgokukaMathewu 21:18-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha ekuseni esebuyela emzini walamba. Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna khona lapho. Bekubona lokho abafundi bamangala bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane na?” UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka; nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.”