NgokukaMathewu 21:12-13
NgokukaMathewu 21:12-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wangena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbukuqela amatafula abashintshisa ngemali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza umhume wabaphangi.”
NgokukaMathewu 21:12-13 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UJesu wangena ethempelini likaNkulunkulu, waxosha bonke ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Wasesithi kubo: Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami izabizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka; kepha nina niyenze umhume wabaphangi.
NgokukaMathewu 21:12-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJesu wayesengena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza ‘umhume wabaphangi.’ ”
NgokukaMathewu 21:12-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)