NgokukaMathewu 20:17-34
NgokukaMathewu 20:17-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi uJesu esezakwenyukela eJerusalema, wathatha abafundi abayishumi nambili, wagudluka nabo; besesendleleni, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.” Khona kwafika kuye unina wamadodana kaZebedewu kanye namadodana akhe; wakhuleka, wacela into kuye. Yena wathi kuye: “Ufunani na?” Wathi kuye: “Yisho ukuba lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho embusweni wakho.” UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?” Bathi kuye: “Singakwenza.” Wathi kubo: “Yebo, nizakusiphuza isitsha sami, kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselwe nguBaba.” Bathi ukuzwa lokho abayishumi, bazithukuthelela izelamani ezimbili. Kepha uJesu wababiza, wathi: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo. Akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu; nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yenu, njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.” Sebephuma eJeriko, isixuku esikhulu samlandela. Bheka, kwakuhlezi izimpumputhe ezimbili ngasendleleni; kuthe zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!” Kepha isixuku sazikhuza ukuba zithule, kodwa kwayikhona zimemeza kakhulu, zithi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!” UJesu wema, wazibiza wathi: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?” Zathi kuye: “Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke.” UJesu waba nesihe, waphatha amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.
NgokukaMathewu 20:17-34 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi uJesu ekhuphukela eJerusalema wathatha abafundi abayishumi nambili ngasese endleleni, wathi kubo: Bheka, sikhuphukela eJerusalema; njalo iNdodana yomuntu izanikelwa kubapristi abakhulu lababhali, njalo bazayigwebela ukufa. Bazamnikela kwabezizwe ukuthi baklolodelwe, babhaxabule, bambethele esiphambanweni, njalo ngosuku lwesithathu izabuya ivuke. Kwase kufika kuye unina wamadodana kaZebedewu namadodana akhe, wakhuleka, ecela into kuye. Wathi kuye: “Ufunani na? Wathi kuye: Vumela lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, nenye ngakwesokhohlo, embusweni wakho. Kodwa uJesu waphendula wathi: Kalikwazi enikucelayo. Ningakwazi yini ukuyiphuza indebe engizoyiphuza mina, futhi nibhapathizwe ngobhapathizo engibhapathizwa ngalo na? Bathi kuye: Singakwenza. Wathi kubo: “Impela nizakuphuza indebe yami, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina; kulabo abakulungiselweyo nguBaba. Kwathi abayishumi bekuzwa bazithukuthelela izelamani ezimbili. Kepha uJesu wababizela kuye, wathi: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe babusa phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo. Kodwa kungabi njalo phakathi kwenu, kodwa loba ngubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kabe yisikhonzi senu; Njalo loba ngubani ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu kabe yinceku yenu; njengalokhu iNdodana yomuntu ingezanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza, nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi. Kwathi sebephuma eJeriko, ixuku elikhulu lamlandela. Bheka, izimpumputhe ezimbili zihlezi ngasendleleni, zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza, zathi: “Sihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Isixuku sabakhuza ukuba bathule; kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Sihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! UJesu wema, wawabiza, wathi: Nithanda ukuba nginenzeleni na? Bathi kuye: Nkosi, ukuze amehlo ethu avulwe. UJesu waba nesihe ngazo, wathinta amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.
NgokukaMathewu 20:17-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi uJesu esekhuphukele eJerusalema, wathatha abafundi abayishumi nambili, waqhelela nabo eceleni. Sebesendleleni, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema, iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubaphristi abakhulu nezazimthetho; banqume ukuba ife. Bazakuyinikela kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni, kodwa ngosuku lwesithathu izakuvuswa.” Kwase kuza kuye unina wamadodana kaZebedewu namadodana akhe. Wakhuleka, wayesecela okuthile kuye. UJesu wathi kuye: “Ufunani na?” Wathi kuJesu: “Yisho ukuthi lawa madodana ami amabili ayakuhlala, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho, embusweni wakho.” UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?” Bathi kuye: “Singasiphuza.” Wathi kubo: “Kuyiqiniso, nizakusiphuza isitsha sami, kodwa ukuhlala ngakwesokunene nangakwesokhohlo sami, akusikho okwami ukuphana ngakho, kepha kungokwalabo abakulungiselelwe nguBaba.” Sebekuzwile lokhu abayishumi, bazithukuthelela izelamani ezimbili. Kepha uJesu wababiza, wathi: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazithwalisa kanzima, nezikhulu zazo ziziphethe ngamandla anzima. Nokho akuyukuba njalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu, makabe yisikhonzi senu. Nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu, makabe yinceku yenu, njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.” Kuthe sebephuma eJerikho, balandelwa yisixuku esikhulu. Kwakuhleli izimpumputhe ezimbili ngasendleleni. Zathi zingezwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!” Kepha isixuku sazikhuza, sathi azithule, kodwa zamemeza kakhulu kunakuqala, zithi: “Sihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide!” UJesu wema, wazibiza wathi: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?” Zathi kuye: “Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke.” UJesu waba nesihawu wathinta amehlo azo; zase ziyabona masinyane, zamlandela.
NgokukaMathewu 20:17-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)